NgokukaLuka 8:26-39

NgokukaLuka 8:26-39 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Bafika ngesikebhe ezweni lamaGerasa, elimaqondana neGalile. Esehlele emhlabathini, indoda ethile eyayinamadimoni, ivela emzini, yamhlangabeza. Kwase kuyisikhathi lowo muntu engasagqoki lutho, futhi engasahlali ekhaya kodwa ehlala emathuneni. Lowo muntu, embona uJesu, wadazuluka, wayesewa phansi phambi kwakhe, washo ngezwi elikhulu wathi: “Ufunani kimi, Jesu Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke na? Ngiyakuncenga, ungangihluphi,” ngokuba uJesu wayesewuyalile lo moya omubi ukuba uphume kulo muntu. Izikhathi eziningi, lo moya wawusumbambe kaningana, kwale noma eseboshwe ngozankosi nangamaketango ezinyaweni, eqashelwe. Wayezigqabula izibopho; wayeqhutshwa yilawo madimoni, amuyise ehlane. UJesu wambuza wathi: “Ungubani igama lakho?” Wathi: “NginguLegiyona,” ngenxa yokuba kwakungene kuye amadimoni amaningi. Kepha amadimoni amncenga ukuba angawayali ukuya kwalasha. Kwakukhona budebuduze entabeni umhlambi omkhulu wezingulube owawuklabe lapho. Amncenga ukuba awavumele ukuba angene kuzo, nempela wawavumela. Ngakho-ke amadimoni aphuma kulowo muntu, angena ezingulubeni; umhlambi wabaleka wakhalakathela eweni olwandle, waminza. Ababelusile bebona okwenzekileyo, babaleka bayobika emzini nasemakhaya. Baphuma ukuyozibonela okwenzekileyo, bafika kuJesu, bafica umuntu obenamadimoni ehleli ezinyaweni zikaJesu, idimoni seliphumile kuye, egqokile futhi ingqondo yakhe ibuye ngokuphelele, baba nokwesaba. Ababezibonele ngawabo, babatshela ukusuka nokuhlala kwendaba ukuthi wayesinde kanjani obekade ephethwe ngamadimoni. Bonke abantu, nomakhelwane baseGerasa, bamcela ukuba asuke kubo, ahambe, ngokuba babekhungethwe ngukwesaba okukhulu. Ngakho-ke uJesu wangena esikebheni, wabuyela lapho ayevela khona. Indoda okwakuphume kuyo amadimoni yamnxusa ukuba ahambe nayo, kodwa wayibuyisela emuva, ethi: “Buyela ekhaya, ubalandise ukuthi uNkulunkulu ukwenzele ini.” Nempela yahamba yabalandisa emzini wakubo wonke, ukuthi kungakanani uJesu ayeyenzele khona.

NgokukaLuka 8:26-39 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Bafika ezweni lamaGadara, elibhekene neGalile. Esephumele emhlabathini, kwamhlangabeza indoda ethile evela emzini, eyayinamademoni isikhathi eside, ingagqoki, ingahlali endlini, kodwa emathuneni. Yathi imbona uJesu, yamemeza yawa phansi phambi kwakhe, yathi ngezwi elikhulu: “Nginamsebenzi muni nawe Jesu, Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke? ngiyakuncenga, ungangihluphi. (Ngokuba wayeyalile umoya ongcolileyo ukuba uphume kumuntu, ngokuba wawumbambe kaningi, eboshiwe ngamaketanga nangamaketanga, wazigqabula izibopho, waqhutshelwa nguSathane ehlane.) UJesu wambuza wathi: “Ungubani igama lakho na? Wathi: “ILegiyoni, ngokuba amademoni amaningi abengene kuye. Zamncenga ukuthi angazilaya ukuthi ziphumele ekujuleni. Kwakukhona lapho umhlambi wezingulube eziningi ziklabile entabeni, zamcela ukuba azivumele zingene kuzo. Futhi wabavumela. Khona aphuma amademoni kumuntu, angena ezingulubeni; Kwathi ababezalusa bebona okwenzekileyo, babaleka, babika emzini nasemaphandleni. Base bephuma ukuyobona okwenzekileyo; bafika kuJesu, bamfumana umuntu okwakuphume kuye amademoni ehlezi ngasezinyaweni zikaJesu embethe, esangulukile; Lababekubonile babatshela ukuthi okhwelwe ngamadimoni usiliswe njani. Isixuku sonke sesifunda samaGadara samncenga ukuba amuke kubo; ngoba babebanjwe ngukwesaba okukhulu; wasekhwela emkhunjini, wabuya. Kodwa indoda okwakuphume kuyo amadimoni yamncenga ukuthi abe laye; kodwa uJesu wayimukisa, esithi. Buyela endlini yakho, ulandise ukuthi kungakanani uNkulunkulu akwenzele khona. Wamuka, washumayela emzini wonke ukuthi kungakanani uJesu akwenzile kuye.

NgokukaLuka 8:26-39 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

NgokukaLuka 8:26-39 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Bafika ngomkhumbi ezweni lamaGerasa elibhekene neGalile. Esephumele emhlabathini, kwamhlangabeza indoda ethile yomuzi eyayinamademoni; kwase kuyisikhathi eside ingembathi ngubo, ingahlali endlini kodwa emathuneni. Isimbona uJesu yadazuluka, yawa phansi phambi kwakhe, yathi ngezwi elikhulu: “Nginamsebenzi muni nawe Jesu, Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke? Ngiyakuncenga, ungangihluphi.” Ngokuba wayala umoya ongcolileyo ukuba aphume kulowo muntu. Ngokuba wayesembambe kaningi; walindwa eboshwe ngawozankosi nangamaketanga ezinyawo; kepha wathi esegqabule izibopho, waqhutshelwa yidemoni ehlane. UJesu wambuza wathi: “Ungubani igama lakho?” Wathi: “ULegiyona,*” ngokuba amademoni amaningi ayengene kuye. Amncenga ukuba angawayali ukuya kwalasha. Kwakukhona lapho umhlambi wezingulube eziningi ziklabile entabeni; amncenga ukuba awavumele angene kuzo; wawavumela. Aphuma-ke amademoni kuye umuntu, angena ezingulubeni, umhlambi wagulukudela eweni, waphonseka elwandle, waminza. Kwathi ababezalusa bebona okwenzekileyo, babaleka, bakubika emzini nasemaphandleni. Khona baphuma ukuyobona okwenzekileyo, bafika kuJesu, bamfumanisa umuntu okuphume kuye amademoni ehlezi ngasezinyaweni zikaJesu embethe, esangulukile; bashaywa luvalo. Ababekubonile babatshela ukuthi usinde kanjani owayekhwelwe ngamademoni. Abantu bonke bakulelo zwe lamaGerasa bamcela ukuba amuke kubo, ngokuba babephethwe ngukwesaba okukhulu; yena wayesengena emkhunjini, waphindela emuva. Kepha indoda okuphume kuyo amademoni yamnxusa ukuba ibe naye; kodwa wayimukisa, ethi: “Buyela ekhaya, ulande ukuthi kungakanani uNkulunkulu akwenzele khona.” Wamuka elanda emzini wonke ngokuthi kungakanani abekwenzelwe nguye uJesu.