NgokukaLuka 8:22-56
NgokukaLuka 8:22-56 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwathi ngolunye usuku wangena emkhunjini kanye nabafundi bakhe, wathi kubo: “Asiwele siye ngaphesheya kolwandle. Base bephuma. Kwathi besahamba ngomkhumbi walala ubuthongo; basebegcwaliswa ngamanzi, baba sengozini. Basebesondela bamvusa, besithi: Nkosi, nkosi, siyabhubha. Wasevuka, wawukhuza umoya lokuzanyaza kwamanzi; Wathi kubo: “Kuphi ukukholwa kwenu na? Besaba bamangala, bathi omunye komunye: “Umuntu onjani lo? ngoba uyala ngisho imimoya namanzi, futhi kuyamlalela. Bafika ezweni lamaGadara, elibhekene neGalile. Esephumele emhlabathini, kwamhlangabeza indoda ethile evela emzini, eyayinamademoni isikhathi eside, ingagqoki, ingahlali endlini, kodwa emathuneni. Yathi imbona uJesu, yamemeza yawa phansi phambi kwakhe, yathi ngezwi elikhulu: “Nginamsebenzi muni nawe Jesu, Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke? ngiyakuncenga, ungangihluphi. (Ngokuba wayeyalile umoya ongcolileyo ukuba uphume kumuntu, ngokuba wawumbambe kaningi, eboshiwe ngamaketanga nangamaketanga, wazigqabula izibopho, waqhutshelwa nguSathane ehlane.) UJesu wambuza wathi: “Ungubani igama lakho na? Wathi: “ILegiyoni, ngokuba amademoni amaningi abengene kuye. Zamncenga ukuthi angazilaya ukuthi ziphumele ekujuleni. Kwakukhona lapho umhlambi wezingulube eziningi ziklabile entabeni, zamcela ukuba azivumele zingene kuzo. Futhi wabavumela. Khona aphuma amademoni kumuntu, angena ezingulubeni; Kwathi ababezalusa bebona okwenzekileyo, babaleka, babika emzini nasemaphandleni. Base bephuma ukuyobona okwenzekileyo; bafika kuJesu, bamfumana umuntu okwakuphume kuye amademoni ehlezi ngasezinyaweni zikaJesu embethe, esangulukile; Lababekubonile babatshela ukuthi okhwelwe ngamadimoni usiliswe njani. Isixuku sonke sesifunda samaGadara samncenga ukuba amuke kubo; ngoba babebanjwe ngukwesaba okukhulu; wasekhwela emkhunjini, wabuya. Kodwa indoda okwakuphume kuyo amadimoni yamncenga ukuthi abe laye; kodwa uJesu wayimukisa, esithi. Buyela endlini yakho, ulandise ukuthi kungakanani uNkulunkulu akwenzele khona. Wamuka, washumayela emzini wonke ukuthi kungakanani uJesu akwenzile kuye. Kwathi ekubuyeni kukaJesu, isixuku samamukela ngokuthokoza, ngokuba bonke babemlindele. Bheka, kwafika indoda, nguJayiru igama layo, ingumphathi wesinagoge, yaziphonsa phansi ngasezinyaweni zikaJesu, yamncenga ukuba angene endlini yayo. Ngoba wayelendodakazi eyodwa, eyayileminyaka elitshumi lambili, yona isigulela ukufa. Kepha ekuhambeni kwakhe abantu bamminyezela. Owesifazana owayelomopho iminyaka elitshumi lambili, esechithe konke abephila ngakho ezinyangeni, engelakwelatshwa lamunye. Weza emva kwakhe, wathinta umphetho wengubo yakhe; kwanqamuka masinyane ukopha kwakhe. UJesu wasesithi: Ngubani ongithintileyo? Kwathi bonke bephika, uPetro lababelaye bathi: Nkosi, ixuku likucindezele, likucindezele, uthi: Ngubani ongithintileyo? UJesu wathi: “Ukhona ongithintileyo, ngokuba mina ngibonile ukuthi amandla aphumile kimi. Owesifazane ebona ukuthi akacashile, weza ethuthumela, wawa phansi phambi kwakhe, walandisa phambi kwabantu bonke ukuthi ubemthintile ngani, nokuthi usinde kanjani masinyane. Wathi kuye: “Yima isibindi, ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba ngokuthula. Esakhuluma, kwafika omunye evela kwamphathi wesinagoge, wathi kuye: “Indodakazi yakho isifile; ningamkhathazi uMfundisi. Kepha uJesu ekuzwa, wamphendula wathi: “Ungesabi, kholwa kuphela, khona uzakusindiswa. Esengenile endlini, kavumelanga muntu ukuthi angene, ngaphandle kukaPetro, loJakobe, loJohane, loyise wentombazana, lonina. Bakhala bonke, beyililela, kepha wathi: “Ningakhali; kafile, kodwa ulele. Bamhleka usulu, bazi ukuthi ifile. Wayesebakhiphela phandle bonke, wayibamba ngesandla, wabiza, wathi: “Ntombazana, vuka! Wabuya umoya wayo, yavuka masinyane; Abazali bayo bamangala, kepha wabayala ukuba bangatsheli muntu okwenzekileyo.
NgokukaLuka 8:22-56 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi ngolunye usuku uJesu wagibela esikebheni nabafundi bakhe, wayesethi kubo: “Ake siwelele ngaphesheya kolwandle.” Basuka-ke. Besagwedla, bewelela ngaphesheya ngesikebhe, uJesu wazunywa ngubuthongo, walala. Kwase kuhlasela isivunguvungu somoya olwandle, isikebhe sagcwala amanzi, baze baba sengozini. Base besondela kuye, bamvusa bethi: “Nkosi, Nkosi, siyafa.” Wavuka, wawukhuza umoya namagagasi agubhayo. Kwanqamuka, kwathula kwathi du. Wayesethi kubo: “Kuphi ukukholwa kwenu na?” Besaba; bamangala, bathi omunye komunye: “Ngubani kanti lo okhuza umoya namanzi, kumlalele na?” Bafika ngesikebhe ezweni lamaGerasa, elimaqondana neGalile. Esehlele emhlabathini, indoda ethile eyayinamadimoni, ivela emzini, yamhlangabeza. Kwase kuyisikhathi lowo muntu engasagqoki lutho, futhi engasahlali ekhaya kodwa ehlala emathuneni. Lowo muntu, embona uJesu, wadazuluka, wayesewa phansi phambi kwakhe, washo ngezwi elikhulu wathi: “Ufunani kimi, Jesu Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke na? Ngiyakuncenga, ungangihluphi,” ngokuba uJesu wayesewuyalile lo moya omubi ukuba uphume kulo muntu. Izikhathi eziningi, lo moya wawusumbambe kaningana, kwale noma eseboshwe ngozankosi nangamaketango ezinyaweni, eqashelwe. Wayezigqabula izibopho; wayeqhutshwa yilawo madimoni, amuyise ehlane. UJesu wambuza wathi: “Ungubani igama lakho?” Wathi: “NginguLegiyona,” ngenxa yokuba kwakungene kuye amadimoni amaningi. Kepha amadimoni amncenga ukuba angawayali ukuya kwalasha. Kwakukhona budebuduze entabeni umhlambi omkhulu wezingulube owawuklabe lapho. Amncenga ukuba awavumele ukuba angene kuzo, nempela wawavumela. Ngakho-ke amadimoni aphuma kulowo muntu, angena ezingulubeni; umhlambi wabaleka wakhalakathela eweni olwandle, waminza. Ababelusile bebona okwenzekileyo, babaleka bayobika emzini nasemakhaya. Baphuma ukuyozibonela okwenzekileyo, bafika kuJesu, bafica umuntu obenamadimoni ehleli ezinyaweni zikaJesu, idimoni seliphumile kuye, egqokile futhi ingqondo yakhe ibuye ngokuphelele, baba nokwesaba. Ababezibonele ngawabo, babatshela ukusuka nokuhlala kwendaba ukuthi wayesinde kanjani obekade ephethwe ngamadimoni. Bonke abantu, nomakhelwane baseGerasa, bamcela ukuba asuke kubo, ahambe, ngokuba babekhungethwe ngukwesaba okukhulu. Ngakho-ke uJesu wangena esikebheni, wabuyela lapho ayevela khona. Indoda okwakuphume kuyo amadimoni yamnxusa ukuba ahambe nayo, kodwa wayibuyisela emuva, ethi: “Buyela ekhaya, ubalandise ukuthi uNkulunkulu ukwenzele ini.” Nempela yahamba yabalandisa emzini wakubo wonke, ukuthi kungakanani uJesu ayeyenzele khona. Ekubuyeni kwakhe uJesu, isixuku samemukela ngokuba sasimlindele ngabomvu. Kwase kufika indoda okuthiwa nguJayiru. Le ndoda eyayingumphathi wesinagoge, yaziphonsa phansi ngasezinyaweni zikaJesu, yamncenga ukuba angene endlini yayo, ngokuba yayinendodakazi eyodwa vo, eneminyaka eli-12, eyayigulela ukufa. UJesu esaya lapho isixuku samminyanisa. Owesifazane owayenesifo somopho iminyaka eli-12, owayesezame kwabaningi efuna ukuphulukiswa kodwa akaze akuthola. Wasondela ngasemuva, wathinta umphetho wengubo kaJesu, umopho wathi nqamu, khona manjalo. UJesu wathi: “Ngubani ongithintileyo na?” Lapho bonke bephika, uPhethro wathi: “Nkosi, izixuku zikuhaqile futhi ziyadudulana ukuba zisondele kuwe.” Kepha uJesu waqhubeka wathi: “Ukhona ongithintileyo, ngokuba ngizwile amandla ephuma kimi.” Owesifazane ebona ukuthi ngeke esazifihla, weza ethuthumela, waziphonsa phambi kukaJesu, walanda phambi kwabo bonke abantu ukuthi nguye othinte ingubo kaJesu, nokuthi uphulukiswe kanjani khona manjalo. UJesu wayesethi kuye: “Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile. Hamba ngokuthula.” Esakhuluma uJesu, kwafika othile evela emzini womphathi wesinagoge, wathi kuye: “Indodakazi yakho isifile; ungabe usamkhathaza uMfundisi.” UJesu emuzwa lowo, waphendula wathi kuye: “Ungesabi; kholwa kuphela; indodakazi izakusinda.” Sebefikile endlini yomphathi wesinagoge, akavumelanga muntu ukuba angene endlini naye, kuphela uPhethro, uJohane, uJakobe uyise nonina bentombazane. Bonke babekhala, belila, kodwa wathi kubo: “Ningakhali, ayifile; ilele.” Bamhleka usulu ngoba bazi ukuthi ife ngempela. Kepha Yena wayibamba ngesandla, wamemeza wathi: “Ntombazana, vuka!” Khona manjalo umoya wayo wabuyela kuyo, yavuka ngokushesha; wabayala ukuba bayinike ukudla. Abazali bayo bamangala. UJesu wabayala ukuba bangatsheli muntu ngalokho okwenzekileyo.
NgokukaLuka 8:22-56 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi-ke ngolunye lwalezo zinsuku wangena emkhunjini, yena kanye nabafundi bakhe, wathi kubo: “Asiwele siye ngaphesheya kolwandle.” Basuka-ke. Kuthe besahamba ngomkhumbi, walala ubuthongo; kwehlela-ke isivunguvungu somoya elwandle, bagcwala amanzi, babesengozini. Base besondela, bamvusa bathi: “Nkosi, Nkosi, safa.” Wavuka-ke, wakhuza umoya nokugubha kwamanzi. Kwanqamuka, kwathula kwathi du. Wayesethi kubo: “Kuphi ukukholwa kwenu na?” Besaba; bamangala, bathi omunye komunye: “Ungubani lo ukuba ayale nomoya namanzi, kumlalele?” Bafika ngomkhumbi ezweni lamaGerasa elibhekene neGalile. Esephumele emhlabathini, kwamhlangabeza indoda ethile yomuzi eyayinamademoni; kwase kuyisikhathi eside ingembathi ngubo, ingahlali endlini kodwa emathuneni. Isimbona uJesu yadazuluka, yawa phansi phambi kwakhe, yathi ngezwi elikhulu: “Nginamsebenzi muni nawe Jesu, Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke? Ngiyakuncenga, ungangihluphi.” Ngokuba wayala umoya ongcolileyo ukuba aphume kulowo muntu. Ngokuba wayesembambe kaningi; walindwa eboshwe ngawozankosi nangamaketanga ezinyawo; kepha wathi esegqabule izibopho, waqhutshelwa yidemoni ehlane. UJesu wambuza wathi: “Ungubani igama lakho?” Wathi: “ULegiyona,*” ngokuba amademoni amaningi ayengene kuye. Amncenga ukuba angawayali ukuya kwalasha. Kwakukhona lapho umhlambi wezingulube eziningi ziklabile entabeni; amncenga ukuba awavumele angene kuzo; wawavumela. Aphuma-ke amademoni kuye umuntu, angena ezingulubeni, umhlambi wagulukudela eweni, waphonseka elwandle, waminza. Kwathi ababezalusa bebona okwenzekileyo, babaleka, bakubika emzini nasemaphandleni. Khona baphuma ukuyobona okwenzekileyo, bafika kuJesu, bamfumanisa umuntu okuphume kuye amademoni ehlezi ngasezinyaweni zikaJesu embethe, esangulukile; bashaywa luvalo. Ababekubonile babatshela ukuthi usinde kanjani owayekhwelwe ngamademoni. Abantu bonke bakulelo zwe lamaGerasa bamcela ukuba amuke kubo, ngokuba babephethwe ngukwesaba okukhulu; yena wayesengena emkhunjini, waphindela emuva. Kepha indoda okuphume kuyo amademoni yamnxusa ukuba ibe naye; kodwa wayimukisa, ethi: “Buyela ekhaya, ulande ukuthi kungakanani uNkulunkulu akwenzele khona.” Wamuka elanda emzini wonke ngokuthi kungakanani abekwenzelwe nguye uJesu. Kepha ekubuyeni kwakhe uJesu isixuku samthakazela; ngokuba bonke babembhekile. Bheka, kwafika indoda, nguJayiru igama layo, ingumphathi wesinagoge,* yaziphonsa phansi ngasezinyaweni zikaJesu, yamncenga ukuba angene endlini yayo. Ngokuba yayinendodakazi eyodwa kungathi ineminyaka eyishumi nambili, yona isifa. Kepha esahamba, izixuku zamminyanisa. Owesifazane owayenomopho iminyaka eyishumi nambili, esekhokhele izinyanga konke abephila ngakho, engenakuphulukiswa muntu, weza ngasemuva, wathinta umphetho wengubo yakhe; kwanqamuka masinyane ukugobhoza kwegazi lakhe. UJesu wathi: “Ngubani ongithintileyo na?” Bephika bonke, wathi uPetru nababe naye: “Nkosi, izixuku ziyakuminyanisa, zikucindezele.” Kepha uJesu wathi: “Ukhona ongithintileyo, ngokuba ngizwile kuphuma amandla kimi.” Owesifazane ebona ukuthi kanakufihleka, weza ethuthumela, eziphonsa phansi phambi kwakhe, walanda phambi kwabantu bonke isisusa sokuba amthinte nokuthi usinde khona lapho. Wayesethi kuye: “Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba, ube nokuthula.” Esakhuluma, kwafika othile evela kwamphathi wesinagoge,* wathi kuye: “Indodakazi yakho isifile; ungabe usamkhathaza uMfundisi.” Kepha uJesu ekuzwa lokho wamphendula wathi: “Ungesabi, kholwa kuphela; izakusinda.” Esefike endlini kavumanga ukuba kungene muntu naye, kuphela oPetru, noJohane, noJakobe, noyise wentombazana, nonina. Babekhala bonke beyililela; kepha wathi: “Ningakhali; ayifile, kodwa ilele.” Bamhleka usulu, bazi ukuthi ifile. Kepha yena wayibamba ngesandla, wamemeza wathi: “Ntombazana, vuka!” Wabuyela umoya wayo, yavuka khona lapho; wayala ukuba inikwe ukudla. Abazali bayo bethuka; wabayala ukuba bangatsheli muntu okwenzekileyo.
NgokukaLuka 8:22-56 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)