NgokukaLuka 7:36-48
NgokukaLuka 7:36-48 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Omunye wabaFarisi wamcela ukuthi adle laye. Wangena endlini yomFarisi, wahlala ekudleni. Bheka, owesifazane emzini, oyisoni, ekwazi ukuthi uJesu uhlezi ekudleni endlini yomFarisi, waletha umfuma wealabhaste wamafutha. Wema ngasezinyaweni zakhe emva kwakhe ekhala, waqala ukugeza izinyawo zakhe ngezinyembezi, wazesula ngezinwele zekhanda lakhe, wanga izinyawo zakhe, wazigcoba ngamafutha. Kwathi ekubona lokho umFarisi owayembizile, wakhuluma phakathi kwakhe, wathi: “Lona, ukuba ubengumprofethi, ngabe uyazi ukuthi ungubani nokuthi unjani owesifazane omthintayo, ngokuba uyisoni. UJesu waphendula wathi kuye: Simoni, ngilelizwi kuwe. Wathi: “Khuluma, Mfundisi. Kwakukhona umtshelekisi othile owayenezikweletu ezimbili; Kwathi bengenanto yokukhokha, wabathethelela bobabili. Ngitshele-ke, yimuphi kubo oyakumthanda kakhulu na? USimoni waphendula wathi: Ngithi ngulowo amthethelela kakhulu. Wathi kuye: Wahlulele kahle. Wayesephendukela kowesifazane, wathi kuSimoni: Uyambona lona wesifazane? Ngingene endlini yakho, awunginikanga amanzi ezinyawo zami, kepha yena uzigezile izinyawo zami ngezinyembezi, wazesula ngezinwele zekhanda lakhe. Awunganganga, kepha lona wesifazane, selokhu ngingenile, akayekanga ukwanga izinyawo zami. Ikhanda lami awuligcobanga ngamafutha, kepha lona wesifazane ugcobe izinyawo zami ngamafutha. Ngakho-ke ngithi kuwe: Izono zakhe eziningi zithethelelwe; ngokuba wayethanda kakhulu, kepha othethelelwa okuncane, uthanda kancane. Wathi kuye: “Izono zakho zithethelelwe.
NgokukaLuka 7:36-48 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Omunye wabaFarisi wamema uJesu ukuba azokudla naye. UJesu wafika-ke endlini yomFarisi, wahlala naye esidlweni. Owesifazane wakulowo muzi, owayeyisoni, esezwile ukuthi uJesu usesidlweni endlini yomFarisi, waya khona ephethe umfuma wamafutha ngojeke we-alabhasta. Wema ngemuva kukaJesu, ngasezinyaweni zakhe, ekhala. Waqala ukumatisa izinyawo zikaJesu ngezinyembezi zakhe, wayesezesula ngezinwele zakhe, wazanga izinyawo ephindelela, wayesezigcoba ngamakha. Kepha lapho umFarisi owayemmemile ekubona lokhu, wadlinza wathi: “Lo muntu ukuba ubengumphrofethi, ngabe wazile ukuthi ngubani futhi uluhlobo luni lo wesifazane omthintayo, ngokuba uyisoni.” UJesu wamphendula, wathi kuye: “Simoni, kukhona engifuna ukukutshela khona.” Wathi: “Mfundisi, ngitshele.” “Umbolekisi othile wayenabantu ababili ababemkweleta. Omunye wayekweleta odenariyu abangama-500, omunye ekweleta odenariyu abangama-50. Lokhu babengenalutho lokumkhokhela, wabaxolela bobabili. Imuphi kulaba oyakumthanda kakhulu na?” USimoni waphendula wathi: “Ngicabanga ukuthi yilowo oxolelwe kokuningi.” UJesu wathi kuye: “Uyihlabe esikhonkosini.” Waphendukela kowesifazane, wathi kuSimoni: “Uyambona lo wesifazane na? Ngingene endlini yakho, awunginikanga amanzi okugeza izinyawo, kodwa lo wesifazane umantisile izinyawo zami ngezinyembezi zakhe, wazesula ngezinwele zakhe. Awunganganga, kepha lo wesifazane, yilokhu ngingenile, akazange ayeke ukwanga izinyawo zami. Awuligcobanga ikhanda lami ngamafutha, kepha lo wesifazane uzigcobile izinyawo zami ngamafutha. Ngenxa yalokho, ngithi kuwe: izono zakhe eziningi zithethelelwe, ngokuba uveze uthando olukhulu. Kepha lowo othethelelwe okuncane, uthanda kancane.” Wayesethi kowesifazane: “Izono zakho zithethelelwe.”
NgokukaLuka 7:36-48 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Omunye wabaFarisi wammema ukuba adle naye; esengene endlini yomFarisi wahlala ekudleni. Bheka, kwakukhona emzini owesifazane oyisoni; wathi esazi ukuthi uhlezi ekudleni endlini yomFarisi, weza nomfuma wamafutha, wema emuva ngasezinyaweni zakhe ekhala, waqala ukumatisa izinyawo zakhe ngezinyembezi, wazesula ngezinwele zekhanda lakhe, wazanga izinyawo zakhe, wazigcoba ngamafutha. Kuthe umFarisi obemmemile ekubona, wazindla wathi: “Uma lo ebengumprofethi, nga emazi lo wesifazane omphathayo ukuba ungubani nokuba unjani, ngokuba uyisoni.” UJesu waphendula, wathi kuye: “Simoni, kukhona engifuna ukukukhuluma kuwe.” Wathi: “Khuluma-ke, Mfundisi.” “Kwakukhona abantu ababili abanamacala kumtshelekisi othile; icala lomunye lalingodenariyu* abangamakhulu ayisihlanu, elomunye amashumi ayisihlanu. Bengenanto yokukhokha, wabayekela bobabili. Ngumuphi kubo konje oyakumthanda kakhulu na?” USimoni waphendula wathi: “Ngithi yilowo amyekela okukhulu.” Wathi kuye: “Unqume kahle.” Ephendukela kowesifazane wathi kuSimoni: “Uyambona lo wesifazane na? Ngingene endlini yakho, awunginikanga amanzi ezinyawo, kepha yena uzimatisile izinyawo zami ngezinyembezi, wazesula ngezinwele zakhe. Awunganganga, kepha lo, yilokhu ngingenile, akayekanga ukwanga izinyawo zami. Ikhanda lami awuligcobanga ngamafutha, kepha lo uzigcobile izinyawo zami ngamafutha. Ngenxa yalokho ngithi kuwe: Izono zakhe eziningi zithethelelwe, ngokuba uthandile kakhulu; kepha othethelelwa okuncane uthanda kancane.” Wayesethi kuye: “Zithethelelwe izono zakho.”
NgokukaLuka 7:36-48 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)