NgokukaLuka 7:21-22
NgokukaLuka 7:21-22 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngaleso sikhathi waphulukisa abaningi ezifweni zabo, nasezifweni, nasemoyeni ababi; nezimpumputhe eziningi wazipha ukubona. UJesu waphendula wathi kubo: “Hambani nimtshele uJohane lokho enikubonile nenikuzwile; ukuthi izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, abampofu bayashunyayelwa ivangeli.
NgokukaLuka 7:21-22 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngaleso sikhathi iNkosi yaphulukisa abaningi ababekhungethwe yizifo, nezinhlungu, nomoya ababi. Wavula namehlo ezimpumputhe eziningi, zabona. UJesu waphendula, wathi kuwo: “Hambani nilandise uJohane ngalokho enikubonileyo nenikuzwileyo, nithi: izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, abampofu bayashunyayezwa ivangeli.
NgokukaLuka 7:21-22 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngalowo mzuzu yayiphulukisa abaningi ezifweni nasebuhlungwini nakomoya ababi; nezimpumputhe eziningi yazipha ukubona. Yaphendula, yathi kuwo: “Hambani nimlandise uJohane lokho enikubonile nenikuzwile ukuthi: Izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, abampofu bayashunyayezwa ivangeli
NgokukaLuka 7:21-22 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)