NgokukaLuka 6:32-35
NgokukaLuka 6:32-35 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngokuba uma nithanda abanithandayo, ninakubongwa kuni na? ngoba nezoni zithanda abazithandayo. Uma nenza okuhle kwabanenzela okuhle, ninakubongwa kuni na? ngoba nezoni zenza njalo. Futhi uma nitsheleka enithemba ukwemukela kubo, ninakubongwa kuni na? ngokuba nezoni zitsheleka izoni ukuba zamukele lokho. Kepha thandani izitha zenu, nenze okuhle, nitsheleke ningathembi lutho; umvuzo wenu uyakuba mkhulu, nibe-ngabantwana boPhezukonke, ngokuba yena unomusa kwabangabongiyo nababi.
NgokukaLuka 6:32-35 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Uma nithanda abanithandayo, niyakutuswa ngani na? Ngokuba nezoni ziyabathanda abazithandayo. Uma nenza okuhle kwabenza okuhle kini, pho niyakubongwa ngani na? Ingani nezoni ziyakwenza khona lokho. Uma nitsheleka labo enithemba ukwemukela kubo, niyakubongwa ngani na? Ingani nezoni ziyazitsheleka izoni, zibuyelwe okungangalokho ezikubolekisile. Kepha thandani izitha zenu, nenze okuhle, nitshelekise ningalindele kubuyiselwa, uma nenze kanjalo uyakuba mkhulu umvuzo wenu, nibe ngabantwana boPhezukonke, ngokuba Yena umnene kwabangabongiyo nababi.
NgokukaLuka 6:32-35 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Uma nithanda abanithandayo, ninakubongwa kuni na? Ngokuba nezoni zithanda abazithandayo. Ngakho uma nenza okuhle kwabenza okuhle kini, ninakubongwa kuni na? Ngokuba nezoni zenza khona lokho. Uma nitsheleka labo enithemba ukwamukela kubo, ninakubongwa kuni na? Nezoni zitsheleka izoni ukuba zamukele okungako. Kepha thandani izitha zenu, nenze okuhle, nitsheleke, ningadikibali; nomvuzo wenu uyakuba mkhulu, nibe ngabantwana boPhezukonke, ngokuba umnene yena kwabangabongiyo nababi.
NgokukaLuka 6:32-35 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)