NgokukaLuka 4:9-12
NgokukaLuka 4:9-12 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Wamyisa eJerusalema, wammisa esiqongweni sethempeli, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, ziphonse phansi usuka lapha; Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe, ukuba zikugcine; Ezandleni zabo bayakukuthwala, funa noma nini uqhuzuke ngonyawo lwakho etsheni. UJesu waphendula wathi kuye: “Kuthiwa: Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho.
NgokukaLuka 4:9-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USathane wayesemholela eJerusalema, wammisa esiqongweni sethempeli, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, ziphonse phansi lapha, ngokuba kulotshiwe kwathiwa: “ ‘Uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe, zikulinde,’ “nokuthi: “ ‘Ziyakukuthwala ngezandla, ungaze waqhuzuka etsheni ngonyawo lwakho.’ ” UJesu waphendula wathi kuye: “Kwathiwa: ‘Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho.’ ”
NgokukaLuka 4:9-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wayesemholela eJerusalema, wammisa esiqongweni sethempeli, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, ziphonse phansi lapha, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “ ‘Uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe, zikulinde,’ “nokuthi: “ ‘Ziyakukuthwala ngezandla, ungaze waqhuzuka etsheni ngonyawo lwakho.’ ” UJesu waphendula, wathi kuye: “Kwathiwa: ‘Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho.’ ”
NgokukaLuka 4:9-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)