NgokukaLuka 4:18-20
NgokukaLuka 4:18-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu, ingithumele ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, nokubona kwabayizimpumputhe, nokuhlenga abacindezelweyo, nokumemezela umnyaka omuhle weNkosi.” Wayigoqonga incwadi, wayinika isikhonzi, wahlala; amehlo abo bonke ababesesinagogeni* amgqolozela.
NgokukaLuka 4:18-20 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu; ingithumile ukuba ngiphulukise abadabukileyo, ngishumayele ukukhululwa kwabathunjwa, nokubona kwabayizimpumputhe, ngikhulule abachotshoziweyo; ukutshumayela umnyaka omuhle weNkosi. Wayigoqa incwadi, wayibuyisela encekwini, wahlala phansi. Amehlo abo bonke ababesesinagogeni ayethe njo kuye.
NgokukaLuka 4:18-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu; ingithumele ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, ukuvula amehlo ezimpumputhe, ukuhlenga abacindezelweyo, nokumemezela unyaka omuhle weNkosi.” Wawugoqa umqulu, wawunika isikhonzi, wahlala; amehlo wonke ababesesinagogeni amgqolozela.
NgokukaLuka 4:18-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)