NgokukaLuka 4:16-19
NgokukaLuka 4:16-19 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Wafika eNazaretha, lapho akhulele khona; njengokwenza kwakhe wangena esinagogeni ngosuku lwesabatha, wasukuma ukuba afunde. Wanikwa incwadi ka-Isaya umprofethi. Eseyivula incwadi, wafumana indawo okulotshwe kuyo ukuthi. UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu; ingithumile ukuba ngiphulukise abadabukileyo, ngishumayele ukukhululwa kwabathunjwa, nokubona kwabayizimpumputhe, ngikhulule abachotshoziweyo; ukutshumayela umnyaka omuhle weNkosi.
NgokukaLuka 4:16-19 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Wafika eNazaretha lapho akhulela khona, wangena esinagogeni ngosuku lwesabatha njengalokhu ayevame ukwenza kanjalo, wasukuma ukuba afunde. Wanikwa umqulu ka-Izaya, umphrofethi, wawuvula, wafumana indawo okulotshwe kuyo kwathiwa: “UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu; ingithumele ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, ukuvula amehlo ezimpumputhe, ukuhlenga abacindezelweyo, nokumemezela unyaka omuhle weNkosi.”
NgokukaLuka 4:16-19 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wafika eNazaretha, lapho wayondliwa khona, wangena esinagogeni* ngosuku lwesabatha njengokwenza kwakhe, wasukumela ukufunda. Wanikwa incwadi ka-Isaya umprofethi, wayivula incwadi, wafumana indawo okulotshwe kuyo ukuthi: “UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu, ingithumele ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, nokubona kwabayizimpumputhe, nokuhlenga abacindezelweyo, nokumemezela umnyaka omuhle weNkosi.”
NgokukaLuka 4:16-19 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)