NgokukaLuka 4:1-21

NgokukaLuka 4:1-21 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

UJesu egcwele uMoya oNgcwele wabuya eJordani, waholekela ngoMoya ehlane. elingwa nguSathane izinsuku ezingamashumi amane. Ngalezo zinsuku akadlanga lutho, kwathi seziphelile walamba. USathane wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho kuleli tshe ukuba libe yisinkwa. UJesu wamphendula wathi: Kulotshiwe ukuthi: Umuntu kayikuphila ngesinkwa sodwa, kodwa ngawo wonke amazwi kaNkulunkulu. USathane wayesemthatha wamyisa entabeni ende, wambonisa imibuso yonke yezwe ngokuphazima kweso. USathane wathi kuye: “Amandla onke lawa ngiyakukunika wona, nenkazimulo yawo, ngokuba inikwe mina; lalowo engithanda ukumnika wona. Ngakho-ke uma ungikhonza, konke kuyakuba ngokwakho. UJesu waphendula wathi kuye: “Suka emva kwami, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa. Wamyisa eJerusalema, wammisa esiqongweni sethempeli, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, ziphonse phansi usuka lapha; Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe, ukuba zikugcine; Ezandleni zabo bayakukuthwala, funa noma nini uqhuzuke ngonyawo lwakho etsheni. UJesu waphendula wathi kuye: “Kuthiwa: Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho. USathane eseqedile ukulinga konke, wamuka kuye isikhathi. UJesu wabuyela eGalile ngamandla kaMoya; udumo lwakhe lwanda kuso sonke leso sikhathi. Wafundisa emasinagogeni abo, edunyiswa yibo bonke. Wafika eNazaretha, lapho akhulele khona; njengokwenza kwakhe wangena esinagogeni ngosuku lwesabatha, wasukuma ukuba afunde. Wanikwa incwadi ka-Isaya umprofethi. Eseyivula incwadi, wafumana indawo okulotshwe kuyo ukuthi. UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu; ingithumile ukuba ngiphulukise abadabukileyo, ngishumayele ukukhululwa kwabathunjwa, nokubona kwabayizimpumputhe, ngikhulule abachotshoziweyo; ukutshumayela umnyaka omuhle weNkosi. Wayigoqa incwadi, wayibuyisela encekwini, wahlala phansi. Amehlo abo bonke ababesesinagogeni ayethe njo kuye. Waseqala ukuthi kubo: Lamuhla lumbhalo ugcwalisekile ezindlebeni zenu.

NgokukaLuka 4:1-21 IsiZulu 2020 (ZUL20)

UJesu egcwele uMoya oNgcwele, wabuya eJordani, wayeseholelwa nguMoya ehlane, walingwa nguSathane izinsuku ezingama-40. Akadlanga lutho ngalezo zinsuku; kuthe seziphelile, walamba. USathane wayesethi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho kuleli litshe ukuba libe yisinkwa.” UJesu wamphendula wathi: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Umuntu akanakuphila ngesinkwa kuphela.’ ” USathane wamenyusela entabeni ende, wambonisa yonke imibuso yomhlaba ngomzuzwana nje. USathane wathi kuye: “Ngiyakukunika wonke lawa mandla nenkazimulo yawo, ngokuba kunikwe mina, futhi ngikunika noma ngubani ngokuthanda kwami. Ngakho-ke uma ukhuleka phambi kwami, konke kuzakuba ngokwakho.” UJesu waphendula, wathi kuye: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze Yena yedwa.’ ” USathane wayesemholela eJerusalema, wammisa esiqongweni sethempeli, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, ziphonse phansi lapha, ngokuba kulotshiwe kwathiwa: “ ‘Uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe, zikulinde,’ “nokuthi: “ ‘Ziyakukuthwala ngezandla, ungaze waqhuzuka etsheni ngonyawo lwakho.’ ” UJesu waphendula wathi kuye: “Kwathiwa: ‘Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho.’ ” USathane eseqedile konke ukumlinga, wamshiya kuze kufike isikhathi esifanele. UJesu wabuyela eGalile ngamandla kaMoya. Udumo lwakhe lwasabalala kulo lonke lelo lizwe. Wayefundisa emasinagogeni abo, edunyiswa yibo bonke. Wafika eNazaretha lapho akhulela khona, wangena esinagogeni ngosuku lwesabatha njengalokhu ayevame ukwenza kanjalo, wasukuma ukuba afunde. Wanikwa umqulu ka-Izaya, umphrofethi, wawuvula, wafumana indawo okulotshwe kuyo kwathiwa: “UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu; ingithumele ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, ukuvula amehlo ezimpumputhe, ukuhlenga abacindezelweyo, nokumemezela unyaka omuhle weNkosi.” Wawugoqa umqulu, wawunika isikhonzi, wahlala; amehlo wonke ababesesinagogeni amgqolozela. Waqala ukukhuluma kubo, ethi: “Namhlanje ugcwalisekile lo mbhalo njengoba nizwa ngezenu izindlebe.”

NgokukaLuka 4:1-21 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

UJesu egcwele uMoya oNgcwele wabuya eJordani, waholekela ngoMoya ehlane, elingwa nguSathane izinsuku ezingamashumi amane. Akadlanga lutho kulezo zinsuku; seziphelile, walamba. Wayesethi kuye uSathane: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho kuleli tshe ukuba libe yisinkwa.” UJesu wamphendula wathi: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Akusinkwa sodwa umuntu azakuphila ngaso.’ ” Esemenyusela entabeni ende wambonisa imibuso yonke yezwe ngomzuzwanyana. USathane wathi kuye: “Amandla onke lana ngokunika wena kanye nenkazimulo yawo, ngokuba inikwe mina, futhi ngiyinika noma ubani ngokuthanda kwami. Ngakho-ke wena, uma ukhuleka phambi kwami, konke kuzakuba ngokwakho.” UJesu waphendula, wathi kuye: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.’ ” Wayesemholela eJerusalema, wammisa esiqongweni sethempeli, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, ziphonse phansi lapha, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “ ‘Uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe, zikulinde,’ “nokuthi: “ ‘Ziyakukuthwala ngezandla, ungaze waqhuzuka etsheni ngonyawo lwakho.’ ” UJesu waphendula, wathi kuye: “Kwathiwa: ‘Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho.’ ” USathane eseqede ukulinga konke wamuka kuye isikhathi. UJesu wabuyela eGalile ngamandla kaMoya; udumo lwakhe lwanda kulo lonke izwe langakhona. Wafundisa emasinagogeni* abo edunyiswa yibo bonke. Wafika eNazaretha, lapho wayondliwa khona, wangena esinagogeni* ngosuku lwesabatha njengokwenza kwakhe, wasukumela ukufunda. Wanikwa incwadi ka-Isaya umprofethi, wayivula incwadi, wafumana indawo okulotshwe kuyo ukuthi: “UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu, ingithumele ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, nokubona kwabayizimpumputhe, nokuhlenga abacindezelweyo, nokumemezela umnyaka omuhle weNkosi.” Wayigoqonga incwadi, wayinika isikhonzi, wahlala; amehlo abo bonke ababesesinagogeni* amgqolozela. Waqala ukukhuluma kubo, ethi: “Namhlanje ugcwalisekile lo mbhalo ezindlebeni zenu.”

NgokukaLuka 4:1-21 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

UJesu egcwele uMoya oNgcwele wabuya eJordani, waholekela ngoMoya ehlane. Elingwa nguSathane izinsuku ezingamashumi amane. Ngalezo zinsuku akadlanga lutho, kwathi seziphelile walamba. USathane wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho kuleli tshe ukuba libe yisinkwa. UJesu wamphendula wathi: Kulotshiwe ukuthi: Umuntu kayikuphila ngesinkwa sodwa, kodwa ngawo wonke amazwi kaNkulunkulu. USathane wayesemthatha wamyisa entabeni ende, wambonisa imibuso yonke yezwe ngokuphazima kweso. USathane wathi kuye: “Amandla onke lawa ngiyakukunika wona, nenkazimulo yawo, ngokuba inikwe mina; lalowo engithanda ukumnika wona. Ngakho-ke uma ungikhonza, konke kuyakuba ngokwakho. UJesu waphendula wathi kuye: “Suka emva kwami, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa. Wamyisa eJerusalema, wammisa esiqongweni sethempeli, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, ziphonse phansi usuka lapha; Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe, ukuba zikugcine; Ezandleni zabo bayakukuthwala, funa noma nini uqhuzuke ngonyawo lwakho etsheni. UJesu waphendula wathi kuye: “Kuthiwa: Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho. USathane eseqedile ukulinga konke, wamuka kuye isikhathi. UJesu wabuyela eGalile ngamandla kaMoya; udumo lwakhe lwanda kuso sonke leso sikhathi. Wafundisa emasinagogeni abo, edunyiswa yibo bonke. Wafika eNazaretha, lapho akhulele khona; njengokwenza kwakhe wangena esinagogeni ngosuku lwesabatha, wasukuma ukuba afunde. Wanikwa incwadi ka-Isaya umprofethi. Eseyivula incwadi, wafumana indawo okulotshwe kuyo ukuthi. UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu; ingithumile ukuba ngiphulukise abadabukileyo, ngishumayele ukukhululwa kwabathunjwa, nokubona kwabayizimpumputhe, ngikhulule abachotshoziweyo; ukutshumayela umnyaka omuhle weNkosi. Wayigoqa incwadi, wayibuyisela encekwini, wahlala phansi. Amehlo abo bonke ababesesinagogeni ayethe njo kuye. Waseqala ukuthi kubo: Lamuhla lumbhalo ugcwalisekile ezindlebeni zenu.