NgokukaLuka 3:3-6
NgokukaLuka 3:3-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Weza ezweni lonke laseJordani eshumayela umbhapathizo wokuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono, njengokuba kulotshiwe encwadini yamazwi ka-Isaya umprofethi ukuthi: “Izwi lomemezayo ehlane, lithi: ‘Lungisani indlela yeNkosi, nenze imikhondo yayo iqonde. Izigodi zonke ziyakugqitshwa, zonke izintaba namagquma kuyakwehliswa; kuqonde izinsongansonga, nemigoxigoxi ibe yizindlela ezilelezekile; inyama yonke izakubona insindiso kaNkulunkulu.’ ”
NgokukaLuka 3:3-6 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Weza ezweni lonke laseJordani, eshumayela umbhapathizo wokuphenduka kukho ukuthethelelwa kwezono; njengokulotshiweyo egwalweni lwamazwi kaIsaya umprofethi ukuthi: Ilizwi lomemezayo enkangala, lithi: Lungisani indlela yeNkosi, nenze imikhondo yayo iqonde. Zonke izigodi ziyakugcwaliswa, zonke izintaba namagquma kuyakwehliswa; nezimangelengele ziyakuqondiswa, izindlela ezimazombezombe zibe bushelelezi; Futhi yonke inyama iyakubona insindiso kaNkulunkulu.
NgokukaLuka 3:3-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Wahamba kulo lonke iJordani, eshumayela ngombhabhadiso wokuphenduka, bese kuthethelelwa izono, njengalokhu kulotshiwe encwadini yamazwi ku-Izaya, umphrofethi, ukuthi: “Izwi lomemezayo ehlane, lithi: ‘Lungisani indlela yeNkosi, nenze imikhondo yayo iqonde. Izigodi zonke ziyakugqitshwa, zonke izintaba namagquma kuyakuhlelenjwa; kuqonde izinsongansonga, nemigoxigoxi ibe yizindlela ezihlelembekile; abantu bonke bazakuyibona insindiso kaNkulunkulu.’ ”
NgokukaLuka 3:3-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)