NgokukaLuka 3:1-20
NgokukaLuka 3:1-20 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwathi ngomnyaka weshumi nanhlanu wokubusa kukaTiberiyu Kesari, uPontiyu Pilatu engumbusi waseJudiya, noHerode engumbusi wesifunda saseGalile, noFiliphu umfowabo engumbusi wesifunda sase-Itureya nasesifundeni saseTrakoniti, noLisaniya engumtetrarki wase-Abilene, U-Anase noKayafase bengabapristi abakhulu, izwi likaNkulunkulu lafika kuJohane indodana kaZakariya ehlane. Weza ezweni lonke laseJordani, eshumayela umbhapathizo wokuphenduka kukho ukuthethelelwa kwezono; njengokulotshiweyo egwalweni lwamazwi kaIsaya umprofethi ukuthi: Ilizwi lomemezayo enkangala, lithi: Lungisani indlela yeNkosi, nenze imikhondo yayo iqonde. Zonke izigodi ziyakugcwaliswa, zonke izintaba namagquma kuyakwehliswa; nezimangelengele ziyakuqondiswa, izindlela ezimazombezombe zibe bushelelezi; Futhi yonke inyama iyakubona insindiso kaNkulunkulu. Khona wathi ezixukwini ezaziphumela ukubhapathizwa nguye: “Nzalo yezinyoka, ubani onibonise ukubalekela ulaka oluzayo na? Ngakho vezani izithelo ezifanele ukuphenduka, ningaqali ukuthi phakathi kwenu: ‘Sinobaba u-Abrahama;’ ngokuba ngithi kini: UNkulunkulu unamandla okumvusela u-Abrahama abantwana kulawa matshe. Kalokhu izembe selibekiwe empandeni yemithi; ngakho yonke imithi engatheli izithelo ezinhle iyagawulwa, iphonswe emlilweni. Amaxuku ambuza athi: Pho-ke sizakwenzani? Waphendula, wathi kubo: “Onezingubo ezimbili akabele ongenalutho; nalowo odlayo makenze ngokunjalo. Kwasekufika nabathelisi ukuba babhapathizwe, bathi kuye: “Mfundisi, siyakwenzani na? Wathi kubo: Ningabizi okungaphezu kwalokho enikumiselweyo. Namasosha ambuza, ethi: “Thina-ke siyakwenzani na? Wasesithi kubo: Lingaphambanisi muntu, lingaqambi amanga; neneliswe yinkokhelo yenu. Kwathi abantu besalindile, bezindla bonke ezinhliziyweni zabo ngoJohane ukuthi unguKristu yini, kumbe hatshi; UJohane waphendula, wathi kubo bonke: Mina nginibhapathiza ngamanzi; kodwa uyeza onamandla kunami, engingafanele ukuwuthukulula umchilo wezicathulo zakhe; olwelo lwakhe lusesandleni sakhe, aze ahlanze isibuya sakhe, abuthele ukolweni enqolobaneni yakhe; kepha amakhoba uyakuwashisa ngomlilo ongacimekiyo. Esikhundleni sakhe nangezinye izinto eziningi washumayela ivangeli kubantu. Kodwa uHerodi umtetrarki, esolwa nguye ngoHerodiya umkaFiliphu umfowabo langakho konke okubi uHerodi abekwenzile; Wenezela nalokhu phezu kwakho konke, ukuthi wavalela uJohane etilongweni.
NgokukaLuka 3:1-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi ngonyaka we-15 wokubusa kukaThibheriyu Khesari, uPontiyu Pilatu engumbusi eJudiya, uHerode enguMthethrakhi eGalile, umfowabo uFiliphu enguMthethrakhi e-Ithureya naseThrakhonithi, uLisaniya enguMthethrakhi e-Abhilene, ngesikhathi u-Anase engumphristi omkhulu kanye noKhayifase, kwafika izwi likaNkulunkulu kuJohane, indodana kaZakhariya, esehlane. Wahamba kulo lonke iJordani, eshumayela ngombhabhadiso wokuphenduka, bese kuthethelelwa izono, njengalokhu kulotshiwe encwadini yamazwi ku-Izaya, umphrofethi, ukuthi: “Izwi lomemezayo ehlane, lithi: ‘Lungisani indlela yeNkosi, nenze imikhondo yayo iqonde. Izigodi zonke ziyakugqitshwa, zonke izintaba namagquma kuyakuhlelenjwa; kuqonde izinsongansonga, nemigoxigoxi ibe yizindlela ezihlelembekile; abantu bonke bazakuyibona insindiso kaNkulunkulu.’ ” Ngakho-ke wayesethi ezixukwini eziza kuye ukuba azibhabhadise: “Nzalo yezinyoka, ngubani onixwayisile ukuba nibalekele intukuthelo ezayo na? Ngakho-ke vezani izithelo ezifanele ukuphenduka, ningaqali nithi ngaphakathi kwenu: ‘Sinobaba u-Abhrahama,’ ngokuba ngithi kini: uNkulunkulu unamandla okuvusela u-Abhrahama abantwana kulawa matshe. “Izembe selivele libekiwe ezimpandeni zemithi, ngakho-ke yonke imithi engatheli isithelo esihle, iyakunqunywa, iphonswe emlilweni.” Izixuku zambuza zathi: “Pho sizakwenzenjani na?” UJohane waphendula, wathi kubo: “Onezingubo ezimbili, makaphe ongenangubo, nonokudla enze kanjalo.” Kwafika nabathelisi ukuba babhabhadiswe, bathi kuye: “Mfundisi, kufanele senzenjani na?” Wathi kubo: “Maningaqoqi okungaphezu kokumisiwe lapho niqoqa intela.” Namabutho ambuza athi: “Thina-ke kumele senzenjani na?” Wathi kuwo: “Kumele ningephuci muntu utho ngendluzula, futhi ningamxabheleli, kodwa yeneliswani yilokho enikukhokhelwayo.” Abantu babesabhekile futhi bonke bezibuza ngoJohane ukuthi, ngabe mhlawumbe unguye uKhristu, uJohane waphendula wathi kubo bonke: “Mina nginibhabhadisa ngamanzi, kodwa uyeza onamandla kunami engingafanele ngisho ukuthukulula umchilo wezicathulo zakhe, Yena-ke uzakunibhabhadisa ngoMoya oNgcwele nangomlilo. Lo oqoma lakhe lokwela lisesandleni sakhe, ukushanelisisa isibuya sakhe, abuthe ukolo awufake enqolobaneni yakhe; amakhoba awashise ngomlilo ongacimekiyo.” UJohane washumayela ivangeli kubantu, ebayala nangokunye okuningi. Kepha uHerode, uMthethrakhi, wasolwa nguJohane ngenxa kaHerodiya, umkafowabo, nangenxa yakho konke okubi ayekwenzile uHerode, waze wenezela nangalokhu ebubini bakhe, wavalela uJohane etilongweni.
NgokukaLuka 3:1-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi ngomnyaka weshumi nanhlanu wokubusa kukaTiberiyu Kesari, uPontiyu Pilatu engumbusi waseJudiya, uHerode engumtetrarki* waseGalile, uFiliphu umfowabo engumtetrarki wezwe lase-Itureya nelaseTrakhoniti, uLisaniya engumtetrarki wase-Abilene, u-Anase engumpristi omkhulu noKayafase, kwafika izwi likaNkulunkulu kuJohane indodana kaZakariya ehlane. Weza ezweni lonke laseJordani eshumayela umbhapathizo wokuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono, njengokuba kulotshiwe encwadini yamazwi ka-Isaya umprofethi ukuthi: “Izwi lomemezayo ehlane, lithi: ‘Lungisani indlela yeNkosi, nenze imikhondo yayo iqonde. Izigodi zonke ziyakugqitshwa, zonke izintaba namagquma kuyakwehliswa; kuqonde izinsongansonga, nemigoxigoxi ibe yizindlela ezilelezekile; inyama yonke izakubona insindiso kaNkulunkulu.’ ” Ngakho-ke wathi ezixukwini ezaziphumela ukubhapathizwa nguye: “Nzalo yezinyoka, ubani onibonise ukubalekela intukuthelo ezayo na? Ngakho vezani izithelo ezifanele ukuphenduka, ningaqali ukuthi phakathi kini: ‘Sinobaba u-Abrahama;’ ngokuba ngithi kini: UNkulunkulu unamandla okumvusela u-Abrahama abantwana kulawa matshe. Namanje izembe selibekiwe empandeni yemithi; ngakho yonke imithi engatheli isithelo esihle iyanqunywa, iphonswe emlilweni.” Izixuku zambuza zathi: “Pho, sizakwenzani na?” Waphendula, wathi kubo: “Onezingubo ezimbili akamuphe ongenayo; naye onokudla enze njalo.” Kwafika nabathelisi ukuba babhapathizwe, bathi kuye: “Mfundisi, sizakwenzani na?” Wathi kubo: “Ningabizi lutho ngaphezu kwenikumiselweyo.” Namabutho ambuza athi: “Thina-ke, sizakwenzani na?” Wathi kuwo: “Ningamuki muntu lutho ngendluzula, ningamxabheleli; yaneliswani yizinkokhelo zenu.” Abantu besabhekile, bezindla bonke ezinhliziyweni zabo ngoJohane ukuthi ingabe unguKristu yini, uJohane waphendula, wathi kubo bonke: “Mina kambe nginibhapathiza ngamanzi, kepha uyeza onamandla kunami engingafanele ukuthukulula umchilo wezicathulo zakhe; yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele nangomlilo; oqoma lakhe lokwela lisesandleni sakhe ukushanelisisa isibuya sakhe nokubuthela ukolweni enqolobaneni yakhe; kepha amakhoba uzakuwashisa ngomlilo ongacimekiyo.” Nangokunye okuningi washumayela ivangeli kubantu, ebayala. Kepha uHerode umtetrarki,* esolwa nguye ngenxa kaHerodiya umkamfowabo nangenxa yakho konke okubi abekwenzile uHerode, wenezela nalokhu kokunye konke, wamvalela uJohane etilongweni.
NgokukaLuka 3:1-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)