NgokukaLuka 23:35-40
NgokukaLuka 23:35-40 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Abantu bema, bebukela; nababusi bamklolodela bathi: “Wasindisa abanye; kazisindise yena, uma enguKristu okhethiweyo kaNkulunkulu.” Namabutho ambhinqa, eza kuye, amnika uviniga, ethi: “Uma uyinkosi yabaJuda, zisindise.” Kwakukhona nombhalo phezu kwakhe othi: LO YINKOSI YABAJUDA. Njalo esinye sezelelesi ebeziphanyekiwe samhlambalaza sathi: “Wena awusiye uKristu na? Zisindise kanye nathi.” Sase siphendula esinye, sasithethisa sathi: “Nawe awumesabi uNkulunkulu, ingani ukulokhu kulahlwa nawe na?
NgokukaLuka 23:35-40 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Abantu bema bebukela. Nababusi bamhleka usulu, bathi: “Wasindisa abanye; akazisindise, uma enguKristu, okhethiweyo kaNkulunkulu. Namasosha amklolodela, eza kuye, amnika uviniga. Besithi: Uba wena uyinkosi yabaJuda, zisindise. Kwakukhona nombhalo phezu kwakhe ngezinhlamvu zesiGreki, nesiLatini, nesiHeberu, othi: LO UYINKOSI YABAJUDA. Nesinye sezelelesi ezaziphanyekiwe samthuka, sithi: “Uma wena unguKristu, zisindise wena nathi. Kepha omunye wamkhuza, wathi: “Awumesabi uNkulunkulu, njengokuba ukulokhu kulahlwa na?
NgokukaLuka 23:35-40 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Abantu bema bebukela. Nababusi bamhleka usulu, bathi: “Wasindisa abanye; akazisindise, uma enguKristu, okhethiweyo kaNkulunkulu. Namasosha amklolodela, eza kuye, amnika uviniga. besithi: Uba wena uyinkosi yabaJuda, zisindise. Kwakukhona nombhalo phezu kwakhe ngezinhlamvu zesiGreki, nesiLatini, nesiHeberu, othi: LO UYINKOSI YABAJUDA. Nesinye sezelelesi ezaziphanyekiwe samthuka, sithi: “Uma wena unguKristu, zisindise wena nathi. Kepha omunye wamkhuza, wathi: “Awumesabi uNkulunkulu, njengokuba ukulokhu kulahlwa na?
NgokukaLuka 23:35-40 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Abantu bema, bebukela, kanti ababusi babemklolodela, bethi: “Wasindisa abanye; makazisindise Yena, uma enguKhristu, okhethiweyo kaNkulunkulu.” Namabutho ambhinqa, eza kuye, amnika isimuncwana sewayini, ethi: “Uma uyinkosi yabaJuda, zisindise.” Kwakukhona nombhalo phezu kwekhanda lakhe, othi: LO YINKOSI YABAJUDA. Esinye sezelelesi esasiphanyekiwe, samhlambalaza sathi: “Wena awusiye yini uKhristu na? Zisindise kanye nathi.” Kepha esinye saphendula, sasithethisa sathi: “Kanti awumesabi yini uNkulunkulu, ingani nawe uthole isigwebo esifanayo na?