NgokukaLuka 22:31-65

NgokukaLuka 22:31-65 IsiZulu 2020 (ZUL20)

“Simoni, Simoni, lalela la; uSathane unicelile ukuba anihlunge njengokolweni. Kepha Mina ngikunxusele ukuba ukukholwa kwakho kungapheli. Wena-ke, uma usuphendukile, uqinise abafowenu.” Kepha wathi kuye: “Nkosi, ngikulungele ukuya nawe ejele nasekufeni.” UJesu wayesethi: “Ngiyakutshela, Phethro, ukuthi iqhude aliyukukhala namhlanje, ungakangiphiki kathathu ukuthi awungazi.” Wayesethi kubo: “Mhla nginithuma ningenasikhwama semali, nasikhwama sokwethekela, nazicathulo, ngabe kukhona yini enakweswelayo na?” Bathi: “Qha.” Wayesethi kubo: “Kepha manje onesikhwama semali makasithathe, kanjalo nonesokwethekela; ongenankemba makathengise ngengubo yakhe, ayithenge inkemba. Ngokuba ngithi kini: kufanele ukuba kugcwaliseke lokho okulotshiweyo ngami, ukuthi: ‘Wabalwa kanye nezelelesi;’ ngokuba lokho okulotshiwe ngami, sekuyafezeka.” Base bethi: “Nkosi, bheka, nazi izinkemba ezimbili.” Wathi kubo: “Kwanele.” Wayesephuma, waya eNtabeni Yeminqumo njengalokhu kwakungumkhuba wakhe, abafundi bakhe bamlandela. Kuthe esefikile lapho, wathi kubo: “Khulekani ukuze ningangeni ekulingweni.” Wayesesuka kubo ibanga elingangokuphonsa itshe, waguqa phansi, wakhuleka, wathi: “Baba, uma uthanda yisuse kimi le ndebe, nokho kungabi ngokwentando yami, kube njengokuba kuthanda wena.” Kwabonakala kuye ingelosi ivela ezulwini, imqinisa. Esosizini olunzima, wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaze zaba njengamathonsi egazi econsela emhlabathini. Esesukumile ekukhulekeni, waya kubafundi bakhe, wabafica belele, ngokuba babedabukile kakhulu. Wathi kubo: “Nilaleleni na? Vukani nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni.” Esakhuluma, kwatheleka isixuku siholwa nguJuda, omunye wabali-12, wasondela kuJesu ukuba amange. Kepha uJesu wathi kuye: “Juda, uyayikhaphela iNdodana yomuntu ngokuyanga na?” Sebebonile ababenoJesu okuzakwenzeka, bathi: “Nkosi, sigadle yini ngenkemba na?” Omunye othile kubo wagalela inceku yomphristi omkhulu, wayinquma indlebe yakwesokunene. Kepha uJesu waphendula wathi: “Yekani; sekwanele!” Wayithinta indlebe yayo, wayelapha. Wathi uJesu kubaphristi abakhulu, ezinduneni zethempeli, nakumalunga ababeze kuye ukuzombopha: “Niphume niphethe izinkemba nezagila sengathi nize kumphangi na? Benginani imihla ngemihla ethempelini, anelulanga zandla ukuba nimelane nami, kepha manje yithuba lenu leli, namandla obumnyama.” Base bembamba, bahamba naye, bamyisa endlini yomphristi omkhulu. UPhethro walandela ekude. Sebewubasile umlilo phakathi negceke, bahlala phansi ndawonye; uPhethro wahlala nabo. Intombazana ethile, eyisisebenzi, imbona ehlezi otha umlilo, yamgqolozela, yayisithi: “Impela nalo ubenaye.” Kepha waphika, wathi: “Sifazane, angimazi.” Emva kwesikhashana omunye wambona, wathi: “Nawe ungomunye wabo.” Kepha uPhethro, wathi: “Muntundini, angisiye.” Sekwedlule isikhathi esingaba yihora, omunye umuntu othile wagcizelela, wathi: “Impela lo ubenaye, ngokuba futhi ungowaseGalile.” Kepha uPhethro wathi: “Muntundini, angazi ukuthi ukhuluma ngani.” Masinyane esakhuluma, lakhala iqhude. INkosi yayisiphenduka, yambheka uPhethro. UPhethro walikhumbula izwi leNkosi, njengokuba yayithe kuye: “Iqhude lingakakhali namuhla, uzakungiphika kathathu.” Waphumela phandle, wakhala kalusizi. Amadoda ayembambile uJesu, ambhinqa emshaya. Ammboza ubuso, ambuza athi: “Phrofetha ukuthi ngubani okushayileyo na?” Basho nokunye okuningi, bemhlambalaza.

NgokukaLuka 22:31-65 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

INkosi yasisithi: Simoni, Simoni, khangela, uSathane unifunile, ukuze anihlunge njengokolweni; Kepha mina ngikukhulekele ukuba ukukholwa kwakho kungapheli; wena-ke, nxa usuphendukile, uqinise abafowenu. Wathi kuye: “Nkosi, sengilungele ukuya nawe nasetilongweni nasekufeni. Wathi: “Ngiyakutshela, Petru, iqhude aliyikukhala namuhla, ungakaphiki kathathu ukuthi uyangazi. Wathi kubo: “Mhla nginithuma ningenasikhwama, nasikhwama, nazicathulo, naswela utho na? Basebesithi: Lutho. Wasesithi kubo: Kodwa khathesi lowo olomxhaka kawuthathe, njalo lesikhwama sakhe; Ngokuba ngithi kini: Lokhu okulotshiweyo kusamelwe kufezeka kimi, kokuthi: Wabalwa kanye nezelelesi, ngokuba okuqondene nami kunesiphelo. Bathi: “Nkosi, bheka, nazi izinkemba ezimbili. Wasesithi kubo: Kwanele. Wasephuma, waya eNtabeni Yeminqumo njengokwejwayela; labafundi bakhe bamlandela. Esefikile kuleyo ndawo wathi kubo: “Khulekani ukuba ningangeni ekulingweni. Yena wahlehla kubo okungaba yibanga lokuphonswa kwetshe, waguqa ngamadolo, wakhuleka. Ethi: “Baba, uma uthanda, susa lesisitsha kimi; Kwabonakala kuye ingelosi ivela ezulwini imqinisa. Esosizini olunzima wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaba njengamathonsi egazi, aconsela emhlabathini. Wasukuma ekukhulekeni, weza kubafundi bakhe, wabafica belele ngosizi. Wathi kubo: “Nilaleleni na? sukumani nikhuleke, ukuze ningangeni ekulingweni. Esakhuluma, bheka, isixuku, naye othiwa uJuda, omunye wabayishumi nambili, wayehamba phambi kwabo, wasondela kuJesu ukumanga. Kodwa uJesu wathi kuye: Judasi, uthengisa iNdodana yomuntu ngokuyanga? Labo ababemphahlile bebona okuzakwenzeka, bathi kuye: Nkosi, sigadle ngenkemba yini? Omunye wabo wayigawula inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe yokunene. UJesu waphendula wathi: “Musani; Wathinta indlebe yakhe, wamphulukisa. UJesu wayesethi kubapristi abakhulu nezinduna zethempeli namalunga ababeze kuye: “Niphume niphethe izinkemba nezinduku kungathi nize kumphangi na? Benginani imihla ngemihla ethempelini, anelulanga izandla kimi, kepha lesi kuyisikhathi senu, namandla obumnyama. Base bemthatha, bamhola, bamusa endlini yompristi omkhulu. UPetru walandela ekude. Sebebasile umlilo phakathi kwegceke, sebehlezi phansi ndawonye, uPetru wahlala phakathi kwabo. Kepha incekukazi ethile imbona ehlezi emlilweni, yambheka, yathi: “Lona naye ube naye. Wamphika wathi: “Mame, angimazi. Kwathi emva kwesikhatshana omunye wambona wathi: Lawe ungowabo. UPetro wasesithi: Ndoda, kangisuye. Kwathi emva kwehora elilodwa omunye waqinisa, wathi: “Nempela nalo ube naye, ngokuba ungowaseGalile. UPetro wasesithi: Ndoda, kangikwazi okutshoyo. Masinyane, esakhuluma, iqhude lakhala. INkosi yaphenduka, yambheka uPetru. UPetro wasekhumbula ilizwi leNkosi, ukuthi itshilo kuye ukuthi: Iqhude lingakakhali, uzangiphika kathathu. Waphumela phandle uPetru, wakhala kamunyu. Amadoda abebambe uJesu amklolodela, amshaya. Esembozile, amshaya ebusweni, ambuza, athi: “Profetha; ngubani okushayileyo na? Nezinye izinto eziningi zamhlambalaza.

NgokukaLuka 22:31-65 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

“Simoni, Simoni, bheka, uSathane unifunile ukuba anihlunge njengokolweni; kepha mina ngikunxusele ukuba ukukholwa kwakho kungapheli; wena-ke, nxa usuphendukile, uqinise abafowenu.” Wathi kuye: “Nkosi, ngilungele ukuya nawe nasetilongweni nasekufeni.” Wayesethi: “Ngiyakutshela, Petru, ukuthi iqhude aliyikukhala namhlanje, ungakangiphiki kathathu ukuthi awungazi.” Wathi kubo: “Mhla nginithuma ningenasikhwama, nayika, nazicathulo, naswela utho na?” Bathi: “Lutho.” Wayesethi kubo: “Kepha manje onesikhwama kasithathe, neyika futhi; oswelayo kathengise ngengubo yakhe, athenge inkemba. Ngokuba ngithi kini: Kumelwe ukugcwaliseka kimi lokho okulotshiweyo kokuthi: ‘Wabalwa kanye nezelelesi;’ ngokuba okuqondene nami sekuyaphelela.” Base bethi: “Nkosi, bheka, nazi izinkemba ezimbili.” Wathi kubo: “Kwanele.” Wayesephuma, waya eNtabeni Yeminqumo njengomkhuba wakhe, nabafundi bakhe bamlandela. Esefikile endaweni wathi kubo: “Khulekani ukuba ningangeni ekulingweni.” Wamonyuka kubo kungathi ibanga lokuphonsa itshe, waguqa phansi, wakhuleka, wathi: “Baba, uma uthanda, susa lesi sitsha kimi; nokho makungenziwa intando yami kodwa eyakho.” Kwabonakala kuye ingelosi ivela ezulwini, imqinisa. Esosizini olunzima wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaba njengamathonsi egazi, aconsela emhlabathini. Esesukume ekukhulekeni weza kubafundi bakhe, wabafumana belele ngokudabuka. Wathi kubo: “Nilaleleni na? Vukani nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni.” Esakhuluma, bheka, kwafika isixuku; naye othiwa uJuda, omunye wabayishumi nambili, wayehamba phambi kwabo, wasondela kuJesu ukumanga. Kepha uJesu wathi kuye: “Juda, uyayikhaphela iNdodana yomuntu ngokuyanga na?” Kuthe ababengakuye sebebona okuzakwenzeka, bathi: “Nkosi, sigadle ngenkemba na?” Omunye othile kubo wayigadla inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe yokunene. Kepha uJesu wathatha wathi: “Musani; sekwanele.” Wayiphatha indlebe, wayipholisa. Wathi uJesu kubapristi abakhulu, nezinduna zethempeli, namalunga ababeze kuye: “Niphumile kungathi nize kumphangi niphethe izinkemba nezinduku. Benginani imihla ngemihla ethempelini, anelulanga zandla kimi; kepha lokhu kuyihora lenu namandla obumnyama.” Base bembamba, bamuka naye, bamusa endlini yompristi omkhulu. UPetru walandela ekude. Sebebasile umlilo phakathi egcekeni bahlala phansi ndawonye; uPetru wahlala phakathi kwabo. Intombazana ethile, imbona ehlezi ngasemlilweni, yamgqolozela yathi: “Nalona ube naye.” Kepha waphika, wathi: “Sifazane, angimazi.” Emva kwesikhashana omunye wambona, wathi: “Nawe ungomunye wabo.” Kepha uPetru wathi: “Muntundini, angisiye.” Sekudlulile okungathi ihora linye, omunye umuntu waqinisa wathi: “Impela nalona ube naye, ngokuba futhi ungowaseGalile.” Kepha uPetru wathi: “Muntundini, angikwazi ukuthi uthini.” Masinyane esakhuluma, lakhala iqhude. INkosi yayisiphenduka, yambheka uPetru. UPetru walikhumbula izwi leNkosi, njengokuba ithe kuye: “Iqhude lingakakhali namhlanje, uzakungiphika kathathu.” Waphumela phandle, wakhala kamunyu. Amadoda abembambile uJesu ambhinqa emshaya. Ammboza ubuso, ambuza ethi: “Profetha ukuthi ngubani okushayileyo na?” Nokunye okuningi akukhuluma kuye emthuka.

NgokukaLuka 22:31-65 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)