NgokukaLuka 2:8-15
NgokukaLuka 2:8-15 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwakukhona abelusi kulelo zwe ababehlezi endle, belinda umhlambi wabo ebusuku. Bheka, ingelosi yeNkosi yaba phezu kwabo, nenkazimulo yeNkosi yabakhanyisa nxazonke, besaba kakhulu. Ingelosi yathi kubo: “Ningesabi; Ngokuba nizalelwe namuhla uMsindisi onguKristu iNkosi emzini kaDavide. Lokhu kuyakuba yisibonakaliso kini; Niyakufumana umntwana esongwe ezindwangu, elele emkhombeni. Njalo kwahle kwaba khona kanye lengilosi ixuku lebutho lasezulwini, lidumisa uNkulunkulu, lisithi: Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathakazelelwayo. Kwathi izingelosi sezimuka kubo zisiya ezulwini, abelusi bakhuluma omunye komunye, bathi: “Masiye eBetlehema, sibone lokhu okwenzekileyo, uJehova esisazise khona.
NgokukaLuka 2:8-15 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwakukhona abelusi kulelo lizwe ababehlezi endle, belinda umhlambi wabo ebusuku. Ingelosi yeNkosi yabonakala kubo, inkazimulo yeNkosi yabakhanyisa nxazonke; bagcwala ukwesaba okukhulu. Ingelosi yathi kubo: “Ningesabi, ngokuba nginibikela izindaba ezinhle zokuthokoza okukhulu okuzakuba kubantu bonke, ukuthi namuhla nizalelwe uMsindisi, onguKhristu iNkosi, emzini kaDavide. Lokhu kuyisibonakaliso kini: Niyakufumana umntwana esongiwe, elele emkhombeni.” Masinyane kwaba khona kanye nengelosi uquqaba lwebandla lasezulwini, lumdumisa uNkulunkulu, luthi: “Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye.” Kwathi ukuba zihambe izingelosi, zibuyela ezulwini, abelusi bathi omunye komunye: “Masihambe manje siye eBhethlehema, sibone le nto eyenzekileyo, iNkosi esazise ngayo.”
NgokukaLuka 2:8-15 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwakukhona abelusi kulelo zwe ababehlezi endle, belinda umhlambi wabo ebusuku. Ingelosi yeNkosi yema phambi kwabo, inkazimulo yeNkosi yabakhanyisa nxazonke; besaba ngokwesaba okukhulu. Ingelosi yathi kubo: “Ningesabi; ngokuba bhekani, nginibikela izindaba ezinhle zokuthokoza okukhulu okuzakuba kubantu bonke, ukuthi nizalelwe namuhla uMsindisi onguKristu iNkosi emzini kaDavide. Nalokhu kuyisiboniso kini: niyakufumana umntwana embesiwe, elele emkhombeni.” Masinyane kwaba khona kanye nengelosi uquqaba lwebandla lasezulwini, lumdumisa uNkulunkulu, luthi: “Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye.” Kwathi ukuba zimuke kubo izingelosi ziya ezulwini, abelusi bakhuluma bodwa, bathi: “Asihambe manje, size sifike eBetlehema, sibone leyo nto eyenzekileyo iNkosi esazisile yona.”
NgokukaLuka 2:8-15 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)