NgokukaLuka 2:36-38
NgokukaLuka 2:36-38 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwakukhona nomphrofethikazi, u-Ana, owayeyindodakazi kaFanuweli, wesizwe sika-Aseri; wayesekhule kakhulu. Wayehlale nendoda yakhe iminyaka eyisikhombisa emva kobuntombi bakhe. Wayengumfelokazi waze waba neminyaka engama-84, engasuki ethempelini, ekhonza ngokuzila nangokukhuleka ubusuku nemini. Naye-ke wafika ngaleso sikhathi, wamtusa uNkulunkulu, wabatshela ngaye bonke ababebheke ukukhululwa kweJerusalema.
NgokukaLuka 2:36-38 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwakukhona umprofethikazi uAna, indodakazi kaFanuweli, owesizwe sika-Asheri, esemdala kakhulu, ebehlala nendoda iminyaka eyisikhombisa kusukela ebuntombini bakhe. Engumfelokazi okungathi iminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nane, ongasuki ethempelini, ekhonza uNkulunkulu ngokuzila ukudla nangokukhuleka ubusuku nemini. Naye weza ngaso leso sikhathi, wayibonga iNkosi, wakhuluma ngayo kubo bonke ababebheke ukukhululwa eJerusalema.
NgokukaLuka 2:36-38 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwakukhona nomprofethikazi, u-Ana, indodakazi kaFanuweli, owesizwe sika-Aseri; wayesekhulile kakhulu, ebehlalile nendoda iminyaka eyisikhombisa emva kobuntombi bakhe, engumfelokazi waze waba neminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nane, engasuki ethempelini, ekhonza ngokuzila nangokukhuleka ubusuku nemini. Naye-ke efika ngasona leso sikhathi wamtusa uNkulunkulu, wakhuluma ngaye kubo bonke ababebheke ukukhululwa kweJerusalema.
NgokukaLuka 2:36-38 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)