NgokukaLuka 2:1-6
NgokukaLuka 2:1-6 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwathi ngalezo zinsuku kwaphuma isimemezelo kuKesari Awugustu sokuba kubalwe izwe lonke. (Lokhu kubalwa okokuqala kwenziwa uKhureniyu engumbusi waseSiriya.) Basebehamba bonke ukuyabhaliswa, ngulowo lalowo emzini wakubo. Laye uJosefa wakhuphuka eGalile emzini waseNazaretha, waya eJudiya, emzini kaDavide othiwa iBetlehema; (ngokuba wayengowendlu nozalo lukaDavide;) eyakubhaliswa kanye noMariya owayemthembise umshado, esekhulelwe. Kwathi beselapho, zaphelela izinsuku zokuba abelethe.
NgokukaLuka 2:1-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi ngalezo zinsuku, uKhesari Awugustu wakhipha isimemezelo sokuba kubalwe abantu ezweni lonke. Lokhu kubalwa kwabantu kokuqala kwenzeka lapho uKhwiriniyu engumbusi waseSiriya. Abantu bonke bahamba kwaba yilowo nalowo ukuyobalwa emzini wakubo. UJosefa naye wakhuphukela eGalile, emzini iNazaretha, waya eJudiya, umuzi kaDavide, okuthiwa yiBhethlehema, ngokuba wayengowendlu nowolibo lukaDavide, ukuze ayobalwa kanye noMariya owayemethembise ukuba abe ngumkakhe, ekhulelwe. Kwathi beselapho, safika isikhathi sokuba uMariya abelethe.
NgokukaLuka 2:1-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi ngalezo zinsuku kwaphuma isimemezelo kuKesari Awugustu sokuba kubalwe izwe lonke. Lokhu kubalwa kokuqala kwenziwa uKhureniyu engumbusi waseSiriya. Bonke baya kubalwa, yilowo nalowo emzini wakubo. Naye uJosefa wakhuphuka ephuma eGalile emzini waseNazaretha, waya eJudiya emzini kaDavide othiwa iBetlehema, ngokuba wayengowendlu nozalo lukaDavide, ukuyobalwa kanye noMariya owayemmiselwe ukuba abe ngumkakhe, ekhulelwe. Kwathi-ke beselapho, zaphelela izinsuku zokuba abelethe.
NgokukaLuka 2:1-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)