NgokukaLuka 2:1-24
NgokukaLuka 2:1-24 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwathi ngalezo zinsuku kwaphuma isimemezelo kuKesari Awugustu sokuba kubalwe izwe lonke. (Lokhu kubalwa okokuqala kwenziwa uKhureniyu engumbusi waseSiriya.) Basebehamba bonke ukuyabhaliswa, ngulowo lalowo emzini wakubo. Laye uJosefa wakhuphuka eGalile emzini waseNazaretha, waya eJudiya, emzini kaDavide othiwa iBetlehema; (ngokuba wayengowendlu nozalo lukaDavide;) eyakubhaliswa kanye noMariya owayemthembise umshado, esekhulelwe. Kwathi beselapho, zaphelela izinsuku zokuba abelethe. Wazala izibulo lakhe, wayisonga ngezindwangu, walilalisa emkhombeni; ngoba kwakungelandawo yabo endlini yezihambi. Kwakukhona abelusi kulelo zwe ababehlezi endle, belinda umhlambi wabo ebusuku. Bheka, ingelosi yeNkosi yaba phezu kwabo, nenkazimulo yeNkosi yabakhanyisa nxazonke, besaba kakhulu. Ingelosi yathi kubo: “Ningesabi; Ngokuba nizalelwe namuhla uMsindisi onguKristu iNkosi emzini kaDavide. Lokhu kuyakuba yisibonakaliso kini; Niyakufumana umntwana esongwe ezindwangu, elele emkhombeni. Njalo kwahle kwaba khona kanye lengilosi ixuku lebutho lasezulwini, lidumisa uNkulunkulu, lisithi: Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathakazelelwayo. Kwathi izingelosi sezimuka kubo zisiya ezulwini, abelusi bakhuluma omunye komunye, bathi: “Masiye eBetlehema, sibone lokhu okwenzekileyo, uJehova esisazise khona. Basebesiza ngokuphangisa, bafica uMariya, loJosefa, losane lulele emkhombeni. Sebekubonile balandisa izwi ababelitshelwe ngalo ngomntwana. Bonke abezwayo bamangala ngalokho ababekukhulunywe ngabelusi kubo. Kodwa uMariya wagcina zonke lezizinto, ezindla ngakho enhliziyweni yakhe. Babuya abelusi, bemdumisa, bembonga uNkulunkulu ngakho konke ababekuzwile nabakubonile, njengalokho kwakukhulunyiwe kubo. Kwathi seziphelile izinsuku eziyisificaminwembili zokuba umntwana asokwe, igama lakhe lathiwa uJesu, eliqanjwe ingelosi ngaphambi kokuba akhulelwe. Kwathi seziphelele izinsuku zokuhlanjululwa kwakhe ngokomthetho kaMose, bamyisa eJerusalema ukuba bamethule phambi kweNkosi; (njengokulotshiweyo emthethweni weNkosi ukuthi: Wonke owesilisa ovula isizalo uyakuthiwa ungcwele eNkosini;) nokunikela ngomhlatshelo njengokushiwo emthethweni weNkosi ukuthi: Amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba.
NgokukaLuka 2:1-24 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi ngalezo zinsuku, uKhesari Awugustu wakhipha isimemezelo sokuba kubalwe abantu ezweni lonke. Lokhu kubalwa kwabantu kokuqala kwenzeka lapho uKhwiriniyu engumbusi waseSiriya. Abantu bonke bahamba kwaba yilowo nalowo ukuyobalwa emzini wakubo. UJosefa naye wakhuphukela eGalile, emzini iNazaretha, waya eJudiya, umuzi kaDavide, okuthiwa yiBhethlehema, ngokuba wayengowendlu nowolibo lukaDavide, ukuze ayobalwa kanye noMariya owayemethembise ukuba abe ngumkakhe, ekhulelwe. Kwathi beselapho, safika isikhathi sokuba uMariya abelethe. Wazibula ngendodana, wayisonga ngendwangu, wayilalisa emkhombeni, ngokuba beswela indawo endlini yezihambi. Kwakukhona abelusi kulelo lizwe ababehlezi endle, belinda umhlambi wabo ebusuku. Ingelosi yeNkosi yabonakala kubo, inkazimulo yeNkosi yabakhanyisa nxazonke; bagcwala ukwesaba okukhulu. Ingelosi yathi kubo: “Ningesabi, ngokuba nginibikela izindaba ezinhle zokuthokoza okukhulu okuzakuba kubantu bonke, ukuthi namuhla nizalelwe uMsindisi, onguKhristu iNkosi, emzini kaDavide. Lokhu kuyisibonakaliso kini: Niyakufumana umntwana esongiwe, elele emkhombeni.” Masinyane kwaba khona kanye nengelosi uquqaba lwebandla lasezulwini, lumdumisa uNkulunkulu, luthi: “Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye.” Kwathi ukuba zihambe izingelosi, zibuyela ezulwini, abelusi bathi omunye komunye: “Masihambe manje siye eBhethlehema, sibone le nto eyenzekileyo, iNkosi esazise ngayo.” Baphuthuma baya khona, bafica uMariya, noJosefa, nomntwana elele emkhombeni. Sebebonile, balanda ngalelo lizwi ababelitsheliwe ngalo mntwana. Bonke abezwayo bamangala ngokukhulunywe kubo ngabelusi. Kepha uMariya wawalonda wonke lawo mazwi, ezindla ngawo enhliziyweni yakhe. Abelusi baphindela emuva bemdumisa, bembonga uNkulunkulu ngakho konke ababekuzwile nababekubonile, njengokuba kwakukhulunyiwe kubo. Kwathi seziphelile izinsuku eziyisishiyagalombili, umntwana wasokwa, wayeseqanjwa igama kwathiwa nguJesu, igama elalishiwo yingelosi unina engakakhulelwa. Kwathi ukuba ziphelele izinsuku zokuhlanjululwa kwabo ngokomthetho kaMose, benyukela naye eJerusalema ukuba bayomethula eNkosini, njengalokhu kulotshiwe emthethweni weNkosi ukuthi: “Konke okwesilisa okuyizibulo kuyakuthiwa okwehlukaniselwe iNkosi, nokuba banikele ngomhlatshelo njengokushiwo emthethweni weNkosi, amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba.”
NgokukaLuka 2:1-24 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi ngalezo zinsuku kwaphuma isimemezelo kuKesari Awugustu sokuba kubalwe izwe lonke. Lokhu kubalwa kokuqala kwenziwa uKhureniyu engumbusi waseSiriya. Bonke baya kubalwa, yilowo nalowo emzini wakubo. Naye uJosefa wakhuphuka ephuma eGalile emzini waseNazaretha, waya eJudiya emzini kaDavide othiwa iBetlehema, ngokuba wayengowendlu nozalo lukaDavide, ukuyobalwa kanye noMariya owayemmiselwe ukuba abe ngumkakhe, ekhulelwe. Kwathi-ke beselapho, zaphelela izinsuku zokuba abelethe. Wazibula ngendodana, wayembesa, wayilalisa emkhombeni, ngokuba bantula indawo endlini yezihambi. Kwakukhona abelusi kulelo zwe ababehlezi endle, belinda umhlambi wabo ebusuku. Ingelosi yeNkosi yema phambi kwabo, inkazimulo yeNkosi yabakhanyisa nxazonke; besaba ngokwesaba okukhulu. Ingelosi yathi kubo: “Ningesabi; ngokuba bhekani, nginibikela izindaba ezinhle zokuthokoza okukhulu okuzakuba kubantu bonke, ukuthi nizalelwe namuhla uMsindisi onguKristu iNkosi emzini kaDavide. Nalokhu kuyisiboniso kini: niyakufumana umntwana embesiwe, elele emkhombeni.” Masinyane kwaba khona kanye nengelosi uquqaba lwebandla lasezulwini, lumdumisa uNkulunkulu, luthi: “Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye.” Kwathi ukuba zimuke kubo izingelosi ziya ezulwini, abelusi bakhuluma bodwa, bathi: “Asihambe manje, size sifike eBetlehema, sibone leyo nto eyenzekileyo iNkosi esazisile yona.” Bephuthuma bafika, bafumanisa oMariya noJosefa, nomntwana olele emkhombeni. Sebebonile balanda ngalelo zwi ababetshelwe lona ngalowo mntwana. Bonke abezwayo bamangala ngokukhulunywe kubo ngabelusi. Kepha uMariya wagcina onke lawo mazwi ezindla ngawo enhliziyweni yakhe. Babuya-ke abelusi bemdumisa, bembonga uNkulunkulu ngakho konke abakuzwileyo nabakubonileyo, njengalokho kwakukhulunyiwe kubo. Kwathi seziphelile izinsuku eziyisishiyagalombili zokuba umntwana asokwe, igama lakhe lathiwa uJesu, elaliqanjiwe yingelosi, engakathatshathwa esiswini. Kwathi ukuba kuphelele izinsuku zokuhlanjululwa kwabo ngokomthetho kaMose, benyukela naye eJerusalema ukuba bammise phambi kweNkosi njengokulotshiwe emthethweni weNkosi ukuthi: “Konke okwesilisa okuyizibulo kuyakuthiwa okwahlukaniselwe iNkosi”, banikele ngomhlatshelo njengokushiwo emthethweni weNkosi: “Amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba.”
NgokukaLuka 2:1-24 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)