NgokukaLuka 18:31-34
NgokukaLuka 18:31-34 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wayesebasondeza kuye abayishumi nambili, wathi kubo: “Bhekani, sikhuphukela eJerusalema; konke okulotshwe ngabaprofethi ngeNdodana yomuntu kuyakugcwaliseka. Ngokuba izakukhashelwa kwabezizwe, iklolodelwe, idunyazwe, ikhafulelwe ngamathe, bayishaye, bayibulale; kepha ngosuku lwesithathu izakuvuka.” Kepha bona kabaqondanga lutho lwalokho; lelo zwi lalifihlakele kubo, abakuqondanga obekushiwo.
NgokukaLuka 18:31-34 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Wayesethatha abayishumi nambili, wathi kubo: “Bhekani, sikhuphukela eJerusalema, futhi konke okulotshwe ngabaprofethi ngeNdodana yomuntu kuyakufezeka. Ngokuba iyakukhashelwa kwabezizwe, iklolodelwe, iphathwe kabi, ikhafulelwe; bayakuyishaya, bayibulale, kepha ngosuku lwesithathu izakuvuka. Kodwa bona kabaqedisisanga lutho lwalezozinto, lelizwi lalifihlakele kubo, njalo kabakwazi okwakhulunywayo.
NgokukaLuka 18:31-34 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Wabasondeza kuye abali-12, wathi kubo: “Lalelani, sikhuphukela eJerusalema; konke okulotshwe ngabaphrofethi maqondana neNdodana yomuntu, kuzakugcwaliseka. Izakukhashelwa kwabezizwe, iklolodelwe, iphathwe kabi, ikhafulelwe ngamathe, bayishaye, bayibulale; kodwa ngosuku lwesithathu, izakuvuka.” Kepha abakuqondanga lokho; leli lizwi laliyimpicabadala kubo, abakuqondanga lokho akushoyo.
NgokukaLuka 18:31-34 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wayesebasondeza kuye abayishumi nambili, wathi kubo: “Bhekani, sikhuphukela eJerusalema; konke okulotshwe ngabaprofethi ngeNdodana yomuntu kuyakugcwaliseka. Ngokuba izakukhashelwa kwabezizwe, iklolodelwe, idunyazwe, ikhafulelwe ngamathe, bayishaye, bayibulale; kepha ngosuku lwesithathu izakuvuka.” Kepha bona kabaqondanga lutho lwalokho; lelo zwi lalifihlakele kubo, abakuqondanga obekushiwo.
NgokukaLuka 18:31-34 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)