NgokukaLuka 17:11-37

NgokukaLuka 17:11-37 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kwathi uJesu esahamba elibangise eJerusalema, wadabula eSamariya naseGalile. Esangena emzaneni othile, wahlangana namadoda alishumi anochoko, ema buqamama, ayesememeza ethi: “Jesu Nkosi, sihawukele!” Lapho esewabonile, wathi kuwo: “Hambani, niyoziveza kubaphristi.” Kwathi esahamba, ahlanjululwa. Enye yawo ibona ukuthi iphilisiwe, yabuyela emuva imdumisa uNkulunkulu ngezwi elikhulu. Yakhothama, yathi mbo ngobuso ngasezinyaweni zikaJesu, imbonga; yayingumSamariya. Kepha uJesu wakhuluma, wathi: “Akuhlanjululwanga yini abalishumi na? Pho baphi abayisishiyagalolunye? Abatholakalanga yini abazobuya bamnike udumo uNkulunkulu, ngaphandle kwalo wabezizwe na?” UJesu wayesethi kuye: “Sukuma uhambe; ukukholwa kwakho kukusindisile.” AbaFarisi bambuza uJesu ukuthi umbuso kaNkulunkulu uzakufika nini. Wabaphendula wathi: “Umbuso kaNkulunkulu awufiki nje ubonwa ngamehlo. Futhi abayukusho, bathi: ‘Bhekani, nanku,’ noma ‘nankuya,’ ngokuba phela umbuso kaNkulunkulu ukini.” Wayesethi kubafundi: “Izinsuku ziyeza, lapho niyakufisa ukubona lube lunye lwezinsuku zeNdodana yomuntu, kodwa aniyukulubona. Bayakuthi kini: ‘Bhekani, nansiya; bhekani, nansi.’ Ningayi lapho, futhi ningabalandeli. Ngokuba njengonyazi, nxa lunyazima kusukela ngapha kwesibhakabhaka kuya ngale, iyakuba njalo-ke iNdodana yomuntu ngosuku lwayo. Kepha kuqala, kufanele ihlupheke ngokuningi, ilahlwe yilesi sizukulwane. “Njengokuba kwakunjalo emihleni kaNowa, kuyakuba kanjalo nasemihleni yeNdodana yomuntu. Babedla, bephuza, beganwa, bendiswa, kwaze kwaba wusuku uNowa angena ngalo emkhunjini; kwafika uzamcolo, wababhubhisa bonke. “Kanjalo njengalokhu kwenzeka ngezinsuku zikaLothi, babedla, bephuza, bethenga, bethengisa, betshala futhi bakha. Kepha kwathi ngosuku uLothi aphuma ngalo eSodoma, lana umlilo nesibabule kuvela ezulwini, kwababhubhisa bonke. Kuyakuba njalo-ke ngosuku eyakubonakaliswa ngalo iNdodana yomuntu. Ngalolo lusuku oyakube ephezu kophahla lwendlu, impahla yakhe isendlini, makangehli ukuyoyithatha; kanjalo nosensimini, makangabuyeli emuva. Khumbulani umkaLothi. Ofuna ukulondoloza ukuphila kwakhe, uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa yikho, uyakukulondoloza. Ngithi kini: ngalobo busuku, kuyakuba khona ababili embhedeni munye; omunye uyakuthathwa, omunye ashiywe. Kuyakuba khona ababili begaya ndawonye; omunye uyakuthathwa, omunye ashiywe. Kuyakuba khona ababili ensimini; omunye uyakuthathwa, omunye ashiywe.” Base bephendula, bethi kuye: “Nkosi, lokho kuyokwenzeka kuphi na?” Wathi kubo: “Lapho kunesidumbu khona, kulapho-ke namanqe ebuthana khona.”

NgokukaLuka 17:11-37 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwathi esehamba ukuya eJerusalema, wadabula iSamariya neGalile. Esangena emzaneni othile, kwahlangana naye amadoda ayishumi anochoko, amela kude, aphakamisa izwi, athi: “Jesu Nkosi, sihawukele!” Kuthe ewabona, wathi kuwo: “Hambani, niyoziveza kubapristi.” Kwathi esahamba, ahlanjululwa. Enye yawo isibona ukuthi iphulukisiwe, yabuya imdumisa uNkulunkulu ngezwi elikhulu, yawa ngobuso ngasezinyaweni zakhe imbonga; yayingumSamariya. Kepha uJesu waphendula wathi: “Akuhlanjululwanga abayishumi na? Baphi, pho, abayisishiyagalolunye na? Abafunyaniswanga yini ababuyela ukumnika uNkulunkulu udumo, kuphela lona wezizwe na?” Wayesethi kuye: “Sukuma uhambe; ukukholwa kwakho kukusindisile.” Ebuzwe ngabaFarisi ukuthi umbuso kaNkulunkulu uzakufika nini, wabaphendula wathi: “Umbuso kaNkulunkulu awufiki ubonwa ngamehlo. Futhi kabayikusho ukuthi: ‘Bhekani, nanku,’ nokuba, ‘nankuya;’ ngokuba bhekani, umbuso kaNkulunkulu uphakathi kini.” Wayesethi kubafundi bakhe: “Kuzakufika izinsuku, lapho niyakufisa ukubona lube lunye lwezinsuku zeNdodana yomuntu, kepha aniyikulubona. Bayakuthi kini: ‘Bhekani, nansiya; bhekani, nansi;’ maningayi, ningalandeli. Ngokuba njengonyazi, nxa lunyazima kwenye indawo phansi kwezulu, lukhanya luze lufike kwenye indawo phansi kwezulu, yoba njalo iNdodana yomuntu ngosuku lwayo. Kepha kuqala imelwe ukuhlupheka ngokuningi, yaliwe yilesi sizukulwane. “Njengokuba kwenzeka emihleni kaNowa, kuyakuba njalo nasemihleni yeNdodana yomuntu. Babedla, bephuza, beganwa, bendiswa, kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini, kwafika uzamcolo, wababhubhisa bonke. “Kanjalo njengokuba kwenzeka nasemihleni kaLoti, babedla, bephuza, bethenga, bethengisa, betshala, bakha; kepha ngosuku uLoti aphuma ngalo eSodoma lana umlilo nesibabule kuvela ezulwini, kwababhubhisa bonke; kuyakuba njalo ngosuku eyakwambulwa ngalo iNdodana yomuntu. Ngalolo suku oyakuba phezu kwendlu, impahla yakhe isendlini, kangehli ukuyithatha; njalo nosensimini kangabuyeli emuva. Khumbulani umkaLoti. Ofuna ukuzuza ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho, kepha olahlekelwa yikho uyakukulondoloza. Ngithi kini: Ngalobo busuku kuyakuba khona ababili embhedeni munye; omunye uyakuthathwa, omunye ashiywe. Kuyakuba khona ababili besila ndawonye; omunye uyakuthathwa, omunye ashiywe. Kuyakuba khona ababili ensimini; omunye uyakuthathwa, omunye ashiywe.” Base bephendula, bethi kuye: “Kuphi, Nkosi?” Wathi kubo: “Lapho kukhona isidumbu, kulapho amanqe eyakubuthana khona.”

NgokukaLuka 17:11-37 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Kwasekusithi ekuhambeni kwakhe eJerusalema, wadabula phakathi kweSamariya leGalili. Esangena emzaneni othile, kwamhlangabeza amadoda ayishumi anochoko, amela kude. Basephakamisa amazwi abo, bathi: Jesu, Nkosi, sihawukele! Ewabona wathi kuwo: “Hambani nizibonakalise kubapristi. Kwathi besahamba bahlanjululwa. Enye yawo isibonile ukuthi iphulukisiwe, yabuya, imdumisa uNkulunkulu ngezwi elikhulu. Wawa ngobuso ezinyaweni zakhe embonga; futhi yena wayengumSamariya. UJesu waphendula wathi: “Akuhlanjululwanga abayishumi na? kodwa baphi abayisishiyagalolunye? Kabafunyanwanga ababuyela ukuzokhazimulisa uNkulunkulu, ngaphandle kwalo wezizwe. Wathi kuye: “Sukuma, uhambe; Kwathi ebuzwa ngabaFarisi ukuthi umbuso kaNkulunkulu uzakufika nini, wabaphendula wathi: Umbuso kaNkulunkulu awufiki ubonwa. futhi kabayikusho ukuthi: Khangelani nanku! noma, bheka, lapho! ngoba bhekani, umbuso kaNkulunkulu uphakathi kwenu. Wayesethi kubafundi bakhe: “Kuyakufika izinsuku, lapho niyakufisa ukubona lube lunye lwezinsuku zeNdodana yomuntu, kepha aniyikulubona. Bazakuthi kini: Khangelani lapha; noma, bheka laphaya: ungawalandeli, ungabalandeli. Ngokuba njengonyazi, onyazima kwenye indawo phansi kwezulu, ukhanyisa kwenye indawo phansi kwezulu; iyakuba njalo iNdodana yomuntu ngosuku lwayo. Kodwa kuqala imelwe ukuhlupheka ngokuningi, yaliwe yilesi sizukulwane. Njengoba kwenzeka emihleni kaNowa, kuyakuba njalo nasemihleni yeNdodana yomuntu. Babedla, bephuza, beganwa, bendiswa, kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini, kwafika uzamcolo, wababhubhisa bonke. Kanjalo futhi njengoba kwenzeka emihleni kaLoti; babedla, bephuza, bethenga, bethengisa, betshala, bakha; Kodwa ngosuku uLoti aphuma ngalo eSodoma kwana umlilo nesibabule kuvela ezulwini, kwababhubhisa bonke. Kuyakuba njalo ngosuku eyakwambulwa ngalo iNdodana yomuntu. Ngalolo suku, ophezu kwendlu, impahla yakhe isendlini, makangehli ukuyithatha; nosentsimini makangabuyeli emuva. Khumbulani umkaLoti. Yilowo nalowo ofuna ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; njalo loba ngubani olahlekelwa yimpilo yakhe uzayilondoloza. Ngithi kini: Ngalobobusuku kuzakuba khona ababili embhedeni munye; omunye athathwe, omunye ashiywe. Abesifazane ababili bayakube besila ndawonye; omunye athathwe, omunye ashiywe. Amadoda amabili ayakuba sensimini; omunye athathwe, omunye ashiywe. Basebephendula bathi kuye: Kungaphi, Nkosi? Wayesethi kubo: “Lapho kukhona isidumbu, kulapho amanqe eyakubuthana khona.

NgokukaLuka 17:11-37 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kwathi uJesu esahamba elibangise eJerusalema, wadabula eSamariya naseGalile. Esangena emzaneni othile, wahlangana namadoda alishumi anochoko, ema buqamama, ayesememeza ethi: “Jesu Nkosi, sihawukele!” Lapho esewabonile, wathi kuwo: “Hambani, niyoziveza kubaphristi.” Kwathi esahamba, ahlanjululwa. Enye yawo ibona ukuthi iphilisiwe, yabuyela emuva imdumisa uNkulunkulu ngezwi elikhulu. Yakhothama, yathi mbo ngobuso ngasezinyaweni zikaJesu, imbonga; yayingumSamariya. Kepha uJesu wakhuluma, wathi: “Akuhlanjululwanga yini abalishumi na? Pho baphi abayisishiyagalolunye? Abatholakalanga yini abazobuya bamnike udumo uNkulunkulu, ngaphandle kwalo wabezizwe na?” UJesu wayesethi kuye: “Sukuma uhambe; ukukholwa kwakho kukusindisile.” AbaFarisi bambuza uJesu ukuthi umbuso kaNkulunkulu uzakufika nini. Wabaphendula wathi: “Umbuso kaNkulunkulu awufiki nje ubonwa ngamehlo. Futhi abayukusho, bathi: ‘Bhekani, nanku,’ noma ‘nankuya,’ ngokuba phela umbuso kaNkulunkulu ukini.” Wayesethi kubafundi: “Izinsuku ziyeza, lapho niyakufisa ukubona lube lunye lwezinsuku zeNdodana yomuntu, kodwa aniyukulubona. Bayakuthi kini: ‘Bhekani, nansiya; bhekani, nansi.’ Ningayi lapho, futhi ningabalandeli. Ngokuba njengonyazi, nxa lunyazima kusukela ngapha kwesibhakabhaka kuya ngale, iyakuba njalo-ke iNdodana yomuntu ngosuku lwayo. Kepha kuqala, kufanele ihlupheke ngokuningi, ilahlwe yilesi sizukulwane. “Njengokuba kwakunjalo emihleni kaNowa, kuyakuba kanjalo nasemihleni yeNdodana yomuntu. Babedla, bephuza, beganwa, bendiswa, kwaze kwaba wusuku uNowa angena ngalo emkhunjini; kwafika uzamcolo, wababhubhisa bonke. “Kanjalo njengalokhu kwenzeka ngezinsuku zikaLothi, babedla, bephuza, bethenga, bethengisa, betshala futhi bakha. Kepha kwathi ngosuku uLothi aphuma ngalo eSodoma, lana umlilo nesibabule kuvela ezulwini, kwababhubhisa bonke. Kuyakuba njalo-ke ngosuku eyakubonakaliswa ngalo iNdodana yomuntu. Ngalolo lusuku oyakube ephezu kophahla lwendlu, impahla yakhe isendlini, makangehli ukuyoyithatha; kanjalo nosensimini, makangabuyeli emuva. Khumbulani umkaLothi. Ofuna ukulondoloza ukuphila kwakhe, uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa yikho, uyakukulondoloza. Ngithi kini: ngalobo busuku, kuyakuba khona ababili embhedeni munye; omunye uyakuthathwa, omunye ashiywe. Kuyakuba khona ababili begaya ndawonye; omunye uyakuthathwa, omunye ashiywe. Kuyakuba khona ababili ensimini; omunye uyakuthathwa, omunye ashiywe.” Base bephendula, bethi kuye: “Nkosi, lokho kuyokwenzeka kuphi na?” Wathi kubo: “Lapho kunesidumbu khona, kulapho-ke namanqe ebuthana khona.”

NgokukaLuka 17:11-37 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwathi esehamba ukuya eJerusalema, wadabula iSamariya neGalile. Esangena emzaneni othile, kwahlangana naye amadoda ayishumi anochoko, amela kude, aphakamisa izwi, athi: “Jesu Nkosi, sihawukele!” Kuthe ewabona, wathi kuwo: “Hambani, niyoziveza kubapristi.” Kwathi esahamba, ahlanjululwa. Enye yawo isibona ukuthi iphulukisiwe, yabuya imdumisa uNkulunkulu ngezwi elikhulu, yawa ngobuso ngasezinyaweni zakhe imbonga; yayingumSamariya. Kepha uJesu waphendula wathi: “Akuhlanjululwanga abayishumi na? Baphi, pho, abayisishiyagalolunye na? Abafunyaniswanga yini ababuyela ukumnika uNkulunkulu udumo, kuphela lona wezizwe na?” Wayesethi kuye: “Sukuma uhambe; ukukholwa kwakho kukusindisile.” Ebuzwe ngabaFarisi ukuthi umbuso kaNkulunkulu uzakufika nini, wabaphendula wathi: “Umbuso kaNkulunkulu awufiki ubonwa ngamehlo. Futhi kabayikusho ukuthi: ‘Bhekani, nanku,’ nokuba, ‘nankuya;’ ngokuba bhekani, umbuso kaNkulunkulu uphakathi kini.” Wayesethi kubafundi bakhe: “Kuzakufika izinsuku, lapho niyakufisa ukubona lube lunye lwezinsuku zeNdodana yomuntu, kepha aniyikulubona. Bayakuthi kini: ‘Bhekani, nansiya; bhekani, nansi;’ maningayi, ningalandeli. Ngokuba njengonyazi, nxa lunyazima kwenye indawo phansi kwezulu, lukhanya luze lufike kwenye indawo phansi kwezulu, yoba njalo iNdodana yomuntu ngosuku lwayo. Kepha kuqala imelwe ukuhlupheka ngokuningi, yaliwe yilesi sizukulwane. “Njengokuba kwenzeka emihleni kaNowa, kuyakuba njalo nasemihleni yeNdodana yomuntu. Babedla, bephuza, beganwa, bendiswa, kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini, kwafika uzamcolo, wababhubhisa bonke. “Kanjalo njengokuba kwenzeka nasemihleni kaLoti, babedla, bephuza, bethenga, bethengisa, betshala, bakha; kepha ngosuku uLoti aphuma ngalo eSodoma lana umlilo nesibabule kuvela ezulwini, kwababhubhisa bonke; kuyakuba njalo ngosuku eyakwambulwa ngalo iNdodana yomuntu. Ngalolo suku oyakuba phezu kwendlu, impahla yakhe isendlini, kangehli ukuyithatha; njalo nosensimini kangabuyeli emuva. Khumbulani umkaLoti. Ofuna ukuzuza ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho, kepha olahlekelwa yikho uyakukulondoloza. Ngithi kini: Ngalobo busuku kuyakuba khona ababili embhedeni munye; omunye uyakuthathwa, omunye ashiywe. Kuyakuba khona ababili besila ndawonye; omunye uyakuthathwa, omunye ashiywe. Kuyakuba khona ababili ensimini; omunye uyakuthathwa, omunye ashiywe.” Base bephendula, bethi kuye: “Kuphi, Nkosi?” Wathi kubo: “Lapho kukhona isidumbu, kulapho amanqe eyakubuthana khona.”

NgokukaLuka 17:11-37 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kwasekusithi ekuhambeni kwakhe eJerusalema, wadabula phakathi kweSamariya leGalili. Esangena emzaneni othile, kwamhlangabeza amadoda ayishumi anochoko, amela kude. Basephakamisa amazwi abo, bathi: Jesu, Nkosi, sihawukele! Ewabona wathi kuwo: “Hambani nizibonakalise kubapristi. Kwathi besahamba bahlanjululwa. Enye yawo isibonile ukuthi iphulukisiwe, yabuya, imdumisa uNkulunkulu ngezwi elikhulu. Wawa ngobuso ezinyaweni zakhe embonga; futhi yena wayengumSamariya. UJesu waphendula wathi: “Akuhlanjululwanga abayishumi na? kodwa baphi abayisishiyagalolunye? Kabafunyanwanga ababuyela ukuzokhazimulisa uNkulunkulu, ngaphandle kwalo wezizwe. Wathi kuye: “Sukuma, uhambe; Kwathi ebuzwa ngabaFarisi ukuthi umbuso kaNkulunkulu uzakufika nini, wabaphendula wathi: Umbuso kaNkulunkulu awufiki ubonwa. Futhi kabayikusho ukuthi: Khangelani nanku! noma, bheka, lapho! ngoba bhekani, umbuso kaNkulunkulu uphakathi kwenu. Wayesethi kubafundi bakhe: “Kuyakufika izinsuku, lapho niyakufisa ukubona lube lunye lwezinsuku zeNdodana yomuntu, kepha aniyikulubona. Bazakuthi kini: Khangelani lapha; noma, bheka laphaya: ungawalandeli, ungabalandeli. Ngokuba njengonyazi, onyazima kwenye indawo phansi kwezulu, ukhanyisa kwenye indawo phansi kwezulu; iyakuba njalo iNdodana yomuntu ngosuku lwayo. Kodwa kuqala imelwe ukuhlupheka ngokuningi, yaliwe yilesi sizukulwane. Njengoba kwenzeka emihleni kaNowa, kuyakuba njalo nasemihleni yeNdodana yomuntu. Babedla, bephuza, beganwa, bendiswa, kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini, kwafika uzamcolo, wababhubhisa bonke. Kanjalo futhi njengoba kwenzeka emihleni kaLoti; babedla, bephuza, bethenga, bethengisa, betshala, bakha; Kodwa ngosuku uLoti aphuma ngalo eSodoma kwana umlilo nesibabule kuvela ezulwini, kwababhubhisa bonke. Kuyakuba njalo ngosuku eyakwambulwa ngalo iNdodana yomuntu. Ngalolo suku, ophezu kwendlu, impahla yakhe isendlini, makangehli ukuyithatha; nosentsimini makangabuyeli emuva. Khumbulani umkaLoti. Yilowo nalowo ofuna ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; njalo loba ngubani olahlekelwa yimpilo yakhe uzayilondoloza. Ngithi kini: Ngalobobusuku kuzakuba khona ababili embhedeni munye; omunye athathwe, omunye ashiywe. Abesifazane ababili bayakube besila ndawonye; omunye athathwe, omunye ashiywe. Amadoda amabili ayakuba sensimini; omunye athathwe, omunye ashiywe. Basebephendula bathi kuye: Kungaphi, Nkosi? Wayesethi kubo: “Lapho kukhona isidumbu, kulapho amanqe eyakubuthana khona.