NgokukaLuka 17:1-6
NgokukaLuka 17:1-6 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Wayesethi kubafundi bakhe: “Akunakwenzeka ukuba kufike izikhubekiso, kepha maye kulowo eziza ngaye! Bekungaba ngcono kuye ukuba itshe lokuchola ligaxwe entanyeni yakhe, aphonswe olwandle, kunokuba akhubekise abe munye kulaba abancinyane. Ziqapheleni nina; uma umfowenu ona, mkhuze; uma ephenduka, mthethelele. Futhi uma ona kuwe kasikhombisa ngosuku, abuye kuwe kasikhombisa ngosuku, ethi: Ngiyaphenduka; umthethelele. Abaphostoli bathi eNkosini: Yandisa ukukholwa kwethu. Yathi iNkosi: “Uma beninokholo olungangohlamvu lwesinaphi, beningathi kulesi sihlahla somthombe: ‘Siphuna, utshalwe elwandle;’ futhi kufanele ikulalele.
NgokukaLuka 17:1-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Wayesethi kubafundi bakhe: “Akunakwenzeka ukuba zingabi bikho izikhubekiso, kodwa maye, kulowo eziza ngaye! Kungangcono kuye ukuba itshe lokusila ligaxwe entanyeni yakhe, aphonswe olwandle, kunokuba akhubekise abe munye kulaba abancinyane.” “Qaphelani nina. Uma umfowenu ona, mkhuze, uma ephenduka, mthethelele. Uma ekona kuze kube kasikhombisa ngosuku, elokhu ebuyela kuwe kasikhombisa, athi: ‘Ngiyaphenduka,’ womthethelela.” Abaphostoli base bethi eNkosini: “Yandisa ukukholwa kwethu.” INkosi yayisithi: “Uma beninokukholwa okungangohlamvu lwesinaphi, beningathi kulesi sihlahla somthombe: ‘Zimbuka, utshaleke olwandle,’ sinilalele.
NgokukaLuka 17:1-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wayesethi kubafundi bakhe: “Kungeze kwenzeka ukuba kungaveli izikhubekiso; kodwa maye kulowo ezivela ngaye! Kungcono kuye ukuba itshe lokusila ligaxwe entanyeni yakhe, alahlwe elwandle, kunokuba akhubekise abe munye kulaba abancinyane. Xwayani nina. Uma umfowenu ona, mkhuze; uma ephenduka, mthethelele. Noma ekonela kasikhombisa ngosuku, abuyele kuwe kasikhombisa, ethi: ‘Ngiyaphenduka,’ womthethelela.” Abaphostoli base bethi eNkosini: “Yandisa ukukholwa kwethu.” Yayisithi iNkosi: “Uma beninokukholwa okungangenhlamvu yesinaphi, beningasho kulo mthombe: ‘Simbuka, utshaleke elwandle,’ ubuyakunilalela.
NgokukaLuka 17:1-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)