NgokukaLuka 15:18-24
NgokukaLuka 15:18-24 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngiyakusuka, ngiye kubaba, ngithi kuye: Baba, ngonile kulo izulu naphambi kwakho; Angisafanele ukuthiwa indodana yakho; ngenze ngibe njengomunye wabaqashwa bakho. Yasuka, yaya kuyise. Kuthe isekude, uyise wayibona, waba nesihe, wagijima, wawa entanyeni yakhe, wayanga. Indodana yathi kuye: ‘Baba, ngonile kulo izulu naphambi kwakho, angisafanele ukuthiwa indodana yakho.’ Kodwa uyise wathi ezincekwini zakhe: Khuphani nikhiphe ingubo enhle kunazo zonke, niyembathise; wafaka indandatho esandleni sakhe, nezicathulo ezinyaweni zakhe; Nilethe ithole elikhuluphalisiwe, nilihlabe; futhi asidle, sijabule; Ngokuba le ndodana yami ibifile, isiyaphila futhi; ubelahlekile, usetholakele. Basebeqala ukujabula.
NgokukaLuka 15:18-24 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngiyakusuka, ngiye kubaba, ngithi kuye: baba, ngonile kuNkulunkulu nakuwe; angisafanele ukubizwa ngendodana yakho; ngenze ngibe njengomunye wezisebenzi zakho.’ Yayisisuka, yaya kuyise. Kepha kuthe isekude, uyise wayibona, waba nesihe, wagijima, wayisingatha entanyeni, wayanga. “Indodana yayisithi kuye: ‘Baba, ngonile kulo izulu nakuwe; angisafanele ukubizwa ngendodana yakho.’ “Kepha uyise wathi ezincekwini zakhe: ‘Sheshani nilethe ingubo yakwanokusho, niyembathise, niyifake indandatho esandleni sayo nezicathulo ezinyaweni, nilethe ithole elikhuluphalisiweyo, nilihlabe, sidle, sijabule. Ngokuba le ndodana yami ibifile, yabuye yaphila; ibilahlekile, isitholakele,’ base beqala ukujabula.
NgokukaLuka 15:18-24 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngiyakusuka, ngiye kubaba, ngithi: Baba, ngonile kulo izulu naphambi kwakho; angisafanele ukuthiwa indodana yakho; ngenze ngibe njengomunye wabaqashwa bakho.’ Yayisisuka, yafika kuyise; kepha kuthe isekude, uyise wayibona, waba nesihe, wagijima, wayisingatha entanyeni, wayanga. “Indodana yayisithi kuye: ‘Baba, ngonile kulo izulu naphambi kwakho; angisafanele ukuthiwa indodana yakho.’ “Kepha uyise wathi ezincekwini zakhe: ‘Sheshani nikhiphe ingubo enhle kunazo zonke, niyembathise, nifake indandatho esandleni sayo nezicathulo ezinyaweni, nilethe ithole elikhuluphalisiweyo, nilihlabe, sidle, sijabule; ngokuba le ndodana yami ibifile, yabuye yaphila; ibilahlekile, seyatholakala;’ base beqala ukujabula.
NgokukaLuka 15:18-24 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)