NgokukaLuka 15:11-32

NgokukaLuka 15:11-32 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Wathi: “Umuntu othile wayenamadodana amabili; Encane yawo yathi kuyise: ‘Baba, nginike isabelo sempahla esiqondene nami.’ Futhi wabahlukanisela impahla yakhe. Kwathi emva kwezinsuku ezingeziningi indodana encane yayisibutha konke, yamuka, yaya ezweni elikude; Esechithe konke, kwaba khona indlala enkulu kulelo zwe; waqala ukuswela. Wasehamba wazihlanganisa nesakhamuzi salelo zwe; Wayithumela emadlelweni akhe ukuba yaluse izingulube. Wayesefisa ukugcwalisa isisu sakhe ngamakhoba adliwa yizingulube, kepha kwakungekho muntu owamnikayo. Kwathi lapho isanguluka yathi: ‘Bangaki abaqashwa bakababa abanesinkwa esanele, kanti mina ngifa indlala. Ngiyakusuka, ngiye kubaba, ngithi kuye: Baba, ngonile kulo izulu naphambi kwakho; Angisafanele ukuthiwa indodana yakho; ngenze ngibe njengomunye wabaqashwa bakho. Yasuka, yaya kuyise. Kuthe isekude, uyise wayibona, waba nesihe, wagijima, wawa entanyeni yakhe, wayanga. Indodana yathi kuye: ‘Baba, ngonile kulo izulu naphambi kwakho, angisafanele ukuthiwa indodana yakho.’ Kodwa uyise wathi ezincekwini zakhe: Khuphani nikhiphe ingubo enhle kunazo zonke, niyembathise; wafaka indandatho esandleni sakhe, nezicathulo ezinyaweni zakhe; Nilethe ithole elikhuluphalisiwe, nilihlabe; futhi asidle, sijabule; Ngokuba le ndodana yami ibifile, isiyaphila futhi; ubelahlekile, usetholakele. Basebeqala ukujabula. Indodana yakhe enkulu yayisensimini; yathi isiza isondela endlini, yezwa ukuhlabelela nokusina. Yabiza enye yezinceku, yabuza ukuthi ziyini lezi zinto. Wathi kuye: “Umfowenu ufikile; uyihlo uhlabile ithole elikhuluphalisiwe, ngokuba umamukele ephilile. Wathukuthela, akavumanga ukungena; wayesephuma uyise, wamncenga. Wasephendula wathi kuyise: Khangela, leminyaka eminengi ngikukhonza, kangizange ngeqe umlayo wakho; Kodwa kuthe ifika le ndodana yakho, edle ukudla kwakho lezifebe, uyihlabele ithole elikhuluphalisiweyo. Wathi kuye: “Mntanami, wena uhlezi unami, nakho konke enginakho kungokwakho. Bekufanele ukuthi sijabule sithokoze, ngokuba umfowenu lo ubefile, wabuye waphila; yayilahlekile, yafunyanwa.

NgokukaLuka 15:11-32 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Wayesethi: “Umuntu othile wayenamadodana amabili. Encane yathi kuyise: ‘Baba, nginike isabelo sefa esingesami;’ uyise wawabela ifa. “Kwathi emva kwezinsukwana nje, indodana encane yaqoqa konke okungokwayo yahamba, yaya ezweni elikude, yafike yalisaphaza ifa layo, iphila ngendlela eyonakeleyo. Kuthe isilisaphaze lonke, kwaba khona indlala enkulu kulelo lizwe; yaqala ukweswela. Yahamba-ke yayosebenza komunye umuntu walelo lizwe. Wayithumela emadlelweni akhe ukuba iyokwelusa izingulube. Yafisa ukuthiba iphango ngemidumba edliwa yizingulube, kepha kayiphiwanga muntu. “Kuthe sekubuye umqondo, yathi: ‘Kambe bangaki abaqashwe ngubaba abadla baze bakubuke, mina ngibe ngibulawa yindlala lapha na? Ngiyakusuka, ngiye kubaba, ngithi kuye: baba, ngonile kuNkulunkulu nakuwe; angisafanele ukubizwa ngendodana yakho; ngenze ngibe njengomunye wezisebenzi zakho.’ Yayisisuka, yaya kuyise. Kepha kuthe isekude, uyise wayibona, waba nesihe, wagijima, wayisingatha entanyeni, wayanga. “Indodana yayisithi kuye: ‘Baba, ngonile kulo izulu nakuwe; angisafanele ukubizwa ngendodana yakho.’ “Kepha uyise wathi ezincekwini zakhe: ‘Sheshani nilethe ingubo yakwanokusho, niyembathise, niyifake indandatho esandleni sayo nezicathulo ezinyaweni, nilethe ithole elikhuluphalisiweyo, nilihlabe, sidle, sijabule. Ngokuba le ndodana yami ibifile, yabuye yaphila; ibilahlekile, isitholakele,’ base beqala ukujabula. “Kepha indodana yakhe endala yayisensimini; kuthe lapho isondela ngasekhaya, yezwa kuhlatshelelwa, futhi kusinwa. Yabiza enye yezinceku, yabuza ukuthi kwenzenjani. Yathi kuyo: ‘Kufike umnawakho, uyihlo wayesehlaba ithole elikhuluphalisiweyo, ngokuba ubuye wamthola esaphila.’ “Kepha indodana endala yathukuthela, yenqaba ukungena ekhaya. Uyise wayesephuma, wayincenga. Kepha yaphendula, yathi kuyise: ‘Bheka nje, iminyaka engaka ngikusebenzela; angizange ngiweqe umyalo wakho, kepha mina awukaze ungihlabise ngisho nezinyane lembuzi leli, ukuba ngithokoze nabangani bami. Kepha kuthe ukuba kufike le ndodana yakho ebhubhudle ifa lakho nezifebe, wayihlabisa ithole elikhuluphalisiweyo.’ “Wayesethi uyise kuyo: ‘Ndodana, wena uhlala nami njalo; konke okwami kungokwakho. Kepha kufanele sijabule, sithokoze, ngokuba umfowenu lo ubefile, manje useyaphila; ubelahlekile, kodwa usetholakele.’ ”

NgokukaLuka 15:11-32 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Wayesethi: “Umuntu othile wayenamadodana amabili. Encane yawo yayisithi kuyise: ‘Baba, nginike isabelo sefa esiqondene nami;’ wawahlukanisela impahla. “Kwathi emva kwezinsuku ezingeziningi indodana encane yayisibutha konke, yamuka, yaya ezweni elikude, yachitha khona imfuyo yayo ihamba ngokonakala. Isisaphaze konke, kwavela indlala enkulu kulelo zwe; yaqala ukuswela. Yayisiya kukhonza komunye umuntu walelo zwe; yena wayithuma emadlelweni akhe ukuba yaluse izingulube. Yafisa ukuzisuthisa ngemidumba edliwa yizingulube; kepha kayiphiwanga muntu. “Kuthe sekusile kuyo, yathi: ‘Bangaki abaqashwa bakababa abanokudla okuningi, kanti mina ngifa indlala lapha. Ngiyakusuka, ngiye kubaba, ngithi: Baba, ngonile kulo izulu naphambi kwakho; angisafanele ukuthiwa indodana yakho; ngenze ngibe njengomunye wabaqashwa bakho.’ Yayisisuka, yafika kuyise; kepha kuthe isekude, uyise wayibona, waba nesihe, wagijima, wayisingatha entanyeni, wayanga. “Indodana yayisithi kuye: ‘Baba, ngonile kulo izulu naphambi kwakho; angisafanele ukuthiwa indodana yakho.’ “Kepha uyise wathi ezincekwini zakhe: ‘Sheshani nikhiphe ingubo enhle kunazo zonke, niyembathise, nifake indandatho esandleni sayo nezicathulo ezinyaweni, nilethe ithole elikhuluphalisiweyo, nilihlabe, sidle, sijabule; ngokuba le ndodana yami ibifile, yabuye yaphila; ibilahlekile, seyatholakala;’ base beqala ukujabula. “Kepha indodana yakhe enkulu yayisensimini; yathi iseza isondela endlini, yezwa ukuhlabelela nokusina. Yabiza omunye wabafana, yabuza ukuthi kwenze njani lokho. Wathi kuyo: ‘Kufike umfowenu; uyihlo wahlaba ithole elikhuluphalisiweyo, ngokuba ubuye wamthola ephilile.’ “Kepha yathukuthela, kayivumanga ukungena; uyise wayesephuma, wayincenga. Kodwa yaphendula, yathi kuyise: ‘Bheka, iminyaka engaka ngikukhonzile; angizange ngeqe umyalo wakho, kepha mina awuzange ungiphe nazinyane lembuzi ukuba ngijabule nabahlobo bami, kodwa kuthe ukuba ifike leyo ndodana yakho eqede imfuyo yakho nezifebe, wayihlabisa ithole elikhuluphalisiweyo.’ “Wayesethi kuyo: ‘Mntanami, wena uhlala nami njalo; konke okwami kungokwakho. Kepha simelwe ukujabula, sithokoze, ngokuba umfowenu lo wayefile, wabuye waphila; wayelahlekile, sewatholakala.’ ”

NgokukaLuka 15:11-32 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)