NgokukaLuka 1:57-64
NgokukaLuka 1:57-64 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Saphelela-ke isikhathi sika-Elisabethe sokuba abelethe; wazala indodana. Abakhelene naye nezihlobo zakhe bezwa ukuthi iNkosi yenze isihawu sayo saba sikhulu kuye, bathokoza naye. Kwathi ngosuku lwesishiyagalombili beza ukusoka umntwana, bamqamba ngegama likayise uZakariya. Unina wayesephendula ethi: “Qhabo, uzakuthiwa uJohane.” Bathi kuye: “Akakho noyedwa emndenini wakini obizwa ngalelo gama.” Bamqhweba uyise ukuthi ufuna ukumqamba ngaliphi. Wabiza isileti,* waloba ukuthi. “NguJohane igama lakhe.” Bamangala bonke. Kwase kuvuleka umlomo wakhe khona lapho nolimi lwakhe, wakhuluma embonga uNkulunkulu.
NgokukaLuka 1:57-64 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Saphelela-ke isikhathi sika-Elisabethe sokuba abelethe; wazala indodana. Omakhelwane bakhe nabazala bakhe bezwa ukuthi iNkosi yenze isihawu esikhulu kuye; basebethokoza kanye laye. Kwathi ngosuku lwesishiyagalombili beza ukuzosoka umntwana. bambiza ngegama likayise uZakariya. Unina waphendula wathi: “Qha; kodwa uzakuthiwa uJohane. Bathi kuye: “Akakho ezihlotsheni zakho obizwa ngaleli gama. Basebeqhweba uyise ukuthi ufuna iqanjwe njani. Wacela isibhebhe, waloba ukuthi: NguJohane igama lakhe. Bamangala bonke. Kwase kuvuleka umlomo wakhe khona lapho nolimi lwakhe, wakhuluma, wambonga uNkulunkulu.
NgokukaLuka 1:57-64 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Safika-ke isikhathi sika-Elizabethe sokuba abelethe; wazala indodana. Abakhelene naye nezihlobo zakhe bezwa ukuthi iNkosi imenzele isihawu esikhulu, bathokoza naye. Kwathi ngosuku lwesishiyagalombili beza ukuzosoka umntwana, bamqamba ngegama likayise uZakhariya. Unina wayesephendula ethi: “Qha, uzakuthiwa nguJohane.” Bathi kuye: “Akukho noyedwa emndenini wakini obizwa ngalelo gama.” Bakhuluma ngezandla noyise ukuthi ufuna ukumqamba ngaliphi. Wacela isileti, waloba wathi. “NguJohane igama lakhe.” Bamangala bonke. Khona manjalo wavuleka umlomo wakhe nolimi lwakhe lwathombuluka, wayesekhuluma edumisa uNkulunkulu.
NgokukaLuka 1:57-64 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Saphelela-ke isikhathi sika-Elisabethe sokuba abelethe; wazala indodana. Omakhelwane bakhe nabazala bakhe bezwa ukuthi iNkosi yenze isihawu esikhulu kuye; basebethokoza kanye laye. Kwathi ngosuku lwesishiyagalombili beza ukuzosoka umntwana. Bambiza ngegama likayise uZakariya. Unina waphendula wathi: “Qha; kodwa uzakuthiwa uJohane. Bathi kuye: “Akakho ezihlotsheni zakho obizwa ngaleli gama. Basebeqhweba uyise ukuthi ufuna iqanjwe njani. Wacela isibhebhe, waloba ukuthi: NguJohane igama lakhe. Bamangala bonke. Kwase kuvuleka umlomo wakhe khona lapho nolimi lwakhe, wakhuluma, wambonga uNkulunkulu.