NgokukaLuka 1:39-80

NgokukaLuka 1:39-80 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Ngalezo zinsuku uMariya wasuka waya ngokushesha ezintabeni, emzini wakwaJuda; Wangena endlini kaZakariya, wabingelela u-Elisabethe. Kwathi u-Elisabethe ezwa ukubingelela kukaMariya, umntwana waxhuma esizalweni sakhe; u-Elisabethe wagcwala uMoya oNgcwele; Wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Ubusisiwe wena phakathi kwabesifazane, futhi sibusisiwe isithelo sesisu sakho. Kuzuzeni lokhu ukuba unina weNkosi yami eze kimi na? Ngokuba bheka, kuthe izwi lokubingelela kwakho lizwakala ezindlebeni zami, umntwana waxhuma esizalweni sami ngokujabula. Ubusisiwe owakholwayo, ngokuba kuyakuba khona ukugcwaliseka kwalokho akutshelwa yiNkosi. UMariya wasesithi: Umphefumulo wami uyayitusa iNkosi. Nomoya wami uyathokoza kuNkulunkulu uMsindisi wami. Ngokuba ubhekile ubuphansi bencekukazi yakhe, ngokuba bheka, kusukela manje izizukulwane zonke ziyakuthi ngibusisiwe. Ngoba uSomandla ungenzele izinto ezinkulu; lingcwele igama lakhe. Futhi umusa wakhe uzizukulwane ngezizukulwane kulabo abamesabayo. Wenzile amandla ngengalo yakhe; ubachithile abazidlayo ekucabangeni kwezinhliziyo zabo. Wehlise abanamandla ezihlalweni zabo zobukhosi, wabaphakamisa abaphansi. Ubasuthisile abalambileyo ngezinto ezinhle; nabacebile wabamukisa bengenalutho. Uyisizile inceku yakhe u-Israyeli, ekhumbula umusa wakhe; njengalokho yakhuluma kokhokho bethu ku-Abrahama nenzalo yakhe kuze kube phakade. UMariya wahlala naye kungathi izinyanga ezintathu, wabuyela endlini yakhe. Saphelela-ke isikhathi sika-Elisabethe sokuba abelethe; wazala indodana. Omakhelwane bakhe nabazala bakhe bezwa ukuthi iNkosi yenze isihawu esikhulu kuye; basebethokoza kanye laye. Kwathi ngosuku lwesishiyagalombili beza ukuzosoka umntwana. bambiza ngegama likayise uZakariya. Unina waphendula wathi: “Qha; kodwa uzakuthiwa uJohane. Bathi kuye: “Akakho ezihlotsheni zakho obizwa ngaleli gama. Basebeqhweba uyise ukuthi ufuna iqanjwe njani. Wacela isibhebhe, waloba ukuthi: NguJohane igama lakhe. Bamangala bonke. Kwase kuvuleka umlomo wakhe khona lapho nolimi lwakhe, wakhuluma, wambonga uNkulunkulu. Bonke abakhelene nabo behlelwa ngukwesaba, futhi zonke lezi zindaba zezwakala ezweni lonke lezintaba laseJudiya. Bonke abazizwayo bakubeka ezinhliziyweni zabo, bethi: “Lo mntwana uyakuba yini na? Futhi isandla sikaJehova sasinaye. Uyise uZakariya wagcwala uMoya oNgcwele, waprofetha, wathi: Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli; ngokuba ubahambele, wabahlenga abantu bakhe; Usivusele uphondo lwensindiso endlini kaDavide inceku yakhe; Njengoba akhuluma ngomlomo wabaprofethi bakhe abangcwele, ababekhona kusukela endulo. ukuze sisindiswe ezitheni zethu nasesandleni sabo bonke abasizondayo; Ukwenzela obaba umusa nokukhumbula isivumelwano sakhe esingcwele; Isifungo asenza kubaba u-Abhrahama. ukuze asinike, ukuthi sikhululwe esandleni sezitha zethu, siyikhonze singesabi; ngobungcwele nokulunga phambi kwakhe zonke izinsuku zokuhamba kwethu. Nawe, mntwana, uyakuthiwa umprofethi woPhezukonke, ngokuba wena uyakuhamba phambi kobuso beNkosi ukulungisa izindlela zayo; ukuze anike abantu bakhe ulwazi lwensindiso ngokuthethelelwa kwezono zabo, Ngomusa kaNkulunkulu wethu; okwasihambela ngalo ukuntwela kokusa okuvela phezulu. ukubakhanyisela abahlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa, ukuqondisa izinyawo zethu endleleni yokuthula. Umntwana wakhula, waba namandla emoyeni; wayesezinkangala kwaze kwaba lusuku lokubonakaliswa kwakhe kuIsrayeli.

NgokukaLuka 1:39-80 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Ngalezo zinsuku uMariya wasuka waya ngokushesha kwelezintaba emzini wakwaJuda. Wangena endlini kaZakhariya, wambingelela u-Elizabethe. Kwathi ukuba u-Elizabethe ezwe uMariya ebingelela, umntwana wagxuma esiswini sakhe; u-Elizabethe wagcwala uMoya oNgcwele, wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Ubusisiwe wena esifazaneni! Sibusisiwe nesithelo sesisu sakho! Kwenzeka kanjani lokhu kimi ukuba ngihanjelwe ngunina weNkosi yami na? Ngokuba kuthe lapho izwi lokubingelela kwakho lifika ezindlebeni zami, umntwana wagxuma ngokujabula esiswini sami. Ubusisiwe lowo owakholwa ukuthi kuzakufezeka lokho okwakhulunywa yiNkosi kuye.” Wayesethi uMariya: “Umphefumulo wami uyayitusa iNkosi, nomoya wami uyathokoza kuNkulunkulu, uMsindisi wami, ngokuba ubhekile ubuphansi bencekukazi yakhe. Kusukela manje izizukulwane zonke ziyakuthi, ngibusisiwe. Ngokuba uSomandla ungenzele izinto ezinkulu: igama lakhe lingcwele. Isihawu sakhe sisezizukulwaneni ngezizukulwane kubo abamesabayo. Wenzile amandla ngengalo yakhe; uchithile abazidlayo ekuzidleni kwenhliziyo yabo. Uwisile amakhosi ezihlalweni, uphakamisile abantukazana. Usuthisile abalambileyo ngezinto ezinhle, abacebileyo wabahambisa bevathazela. Uyisizile inceku yakhe u-Israyeli, ukuze akhumbule isihawu, njengalokhu akhuluma kokhokho bethu ku-Abhrahama nolibo lwakhe kuze kube phakade.” UMariya wahlala naye cishe izinyanga ezintathu, wayesebuyela ekhaya. Safika-ke isikhathi sika-Elizabethe sokuba abelethe; wazala indodana. Abakhelene naye nezihlobo zakhe bezwa ukuthi iNkosi imenzele isihawu esikhulu, bathokoza naye. Kwathi ngosuku lwesishiyagalombili beza ukuzosoka umntwana, bamqamba ngegama likayise uZakhariya. Unina wayesephendula ethi: “Qha, uzakuthiwa nguJohane.” Bathi kuye: “Akukho noyedwa emndenini wakini obizwa ngalelo gama.” Bakhuluma ngezandla noyise ukuthi ufuna ukumqamba ngaliphi. Wacela isileti, waloba wathi. “NguJohane igama lakhe.” Bamangala bonke. Khona manjalo wavuleka umlomo wakhe nolimi lwakhe lwathombuluka, wayesekhuluma edumisa uNkulunkulu. Bonke abakhelene nabo behlelwa ngukwesaba, bakhuluma ngazo zonke lezo zindaba kulo lonke elezintaba eJudiya, nabo bonke abazizwayo bazigcina ezinhliziyweni zabo, bethi: “Ingabe uyakuba yini lo mntwana na?” Ngokuba impela isandla seNkosi sinaye. UZakhariya, uyise, wagcwala uMoya oNgcwele, waphrofetha wathi: “Mayibongwe iNkosi, uNkulunkulu ka-Israyeli, ngokuba ibahambele abantu bayo, yabahlenga. Yasiphakamisela uphondo lwensindiso endlini kaDavide, inceku yayo, njengalokhu yakhuluma ngomlomo wabaphrofethi bayo abangcwele selokhu kwadabuka umhlaba, ukusisindisa ezitheni zethu, nasesandleni sabo bonke abasizondayo; ukwenzela okhokho bethu isihawu, nokukhumbula isivumelwano sayo esingcwele; isifungo eyasifunga kubaba u-Abhrahama, ukusinika ukuba sikhululwe esandleni sezitha zethu; siyikhonze singenakwesaba ngobungcwele nangokulunga phambi kwayo, zonke izinsuku zethu. Nawe-ke, mntwana, uyakuthiwa ungumphrofethi woPhezukonke, ngokuba uyakuyandulela iNkosi; ulungisa izindlela zayo ukukhanyisela abantu bayo ukuyazi insindiso ngokuthethelelwa kwezono zabo, ngemisesane yesihawu sikaNkulunkulu wethu esihanjelwe ngakho ukukhanya okuvela phezulu, ukubakhanyisela abahlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa, nokuqondisa izinyawo zethu endleleni yokuthula.” Umntwana wakhula, waba namandla emoyeni; wahlala ehlane kwaze kwaba lusuku lokubonakaliswa kwakhe ku-Israyeli.

NgokukaLuka 1:39-80 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Ngalezo zinsuku uMariya wasuka waya ngokushesha kwelezintaba emzini wakwaJuda. Wangena endlini kaZakariya, wambingelela u-Elisabethe. Kwathi ukuba u-Elisabethe ezwe ukubingelela kukaMariya, umntwana waxhuma esiswini sakhe; u-Elisabethe wagcwala uMoya oNgcwele, wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Ubusisiwe wena esifazaneni! Sibusisiwe nesithelo sesisu sakho! Ngehlelwe kanjani yilokhu ukuba unina weNkosi yami ahambele kimi na? Ngokuba bheka, kuthe izwi lokubingelela kwakho lifika ezindlebeni zami, umntwana waxhuma esiswini sami ngokujabula. Ubusisiwe owakholwayo, ngokuba kuzakuba khona ukufezeka kwalokho akutshelwa, kuvela eNkosini.” Wayesethi uMariya: “Umphefumulo wami uyayitusa Nkosi, nomoya wami uyathokoza kuNkulunkulu, uMsindisi wami, ngokuba ubhekile ubuphansi bencekukazi yakhe. Bheka, kusukela manje izizukulwane zonke ziyakuthi ngibusisiwe. Ngokuba uSomandla ungenzele izinto ezinkulu: igama lakhe lingcwele. Isihawu sakhe sikuzo izizukulwane ngezizukulwane kubo abamesabayo. Wenzile amandla ngengalo yakhe; uchithile abazidlayo ekuzidleni kwenhliziyo yabo. Uwisile amakhosi ezihlalweni, uphakamisile abantukazana. Abalambileyo ubasuthisile ngezinto ezinhle, abacebileyo ubamukise ze. Uyisizile inceku yakhe u-Israyeli, ukuze akhumbule isihawu, njengalokho akusho kokhokho bethu ku-Abrahama nenzalo yakhe kuze kube phakade.” UMariya wahlala naye kungathi izinyanga ezintathu, wabuyela ekhaya. Saphelela-ke isikhathi sika-Elisabethe sokuba abelethe; wazala indodana. Abakhelene naye nezihlobo zakhe bezwa ukuthi iNkosi yenze isihawu sayo saba sikhulu kuye, bathokoza naye. Kwathi ngosuku lwesishiyagalombili beza ukusoka umntwana, bamqamba ngegama likayise uZakariya. Unina wayesephendula ethi: “Qhabo, uzakuthiwa uJohane.” Bathi kuye: “Akakho noyedwa emndenini wakini obizwa ngalelo gama.” Bamqhweba uyise ukuthi ufuna ukumqamba ngaliphi. Wabiza isileti,* waloba ukuthi. “NguJohane igama lakhe.” Bamangala bonke. Kwase kuvuleka umlomo wakhe khona lapho nolimi lwakhe, wakhuluma embonga uNkulunkulu. Bonke abakhelene nabo behlelwa ngukwesaba, bakhuluma ngazo zonke lezo zindaba kulo lonke lezintaba laseJudiya, nabo bonke abazizwayo bazigcina ezinhliziyweni zabo, bethi: “Kodwa lo mntwana uyakuba yini na?” Isandla seNkosi sasinaye. UZakariya uyise wagcwala uMoya oNgcwele, waprofetha wathi: “Mayibongwe iNkosi, uNkulunkulu ka-Israyeli, ngokuba ibahambele abantu bayo, yabenzela inkululeko. Yasivusela uphondo lwensindiso endlini kaDavide inceku yayo, njengalokho yakhuluma ngomlomo wabaprofethi bayo abangcwele basendulo, insindiso ezitheni zethu nasesandleni sabo bonke abasizondayo, ukwenzela okhokho bethu isihawu nokukhumbula isivumelwano sayo esingcwele, isifungo eyasifunga kubaba u-Abrahama, ukusinika ukuba sithi sikhululiwe esandleni sezitha zethu, siyikhonze singenakwesaba ngobungcwele nangokulunga phambi kwayo zonke izinsuku zethu. Nawe-ke mntwana, uyakuthiwa umprofethi woPhezukonke, ngokuba uyakuhamba phambi kweNkosi ukulungisa izindlela zayo ukunika abantu bayo ukuyazi insindiso ngokuthethelelwa kwezono zabo, ngemisesane yesihawu sikaNkulunkulu wethu esizakuhanjelwa ngayo ngukusa kwaphezulu, ukubakhanyisela abahlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa nokuqondisa izinyawo zethu endleleni yokuthula.” Wakhula-ke umntwana, waba namandla emoyeni; wahlala ehlane kwaze kwaba lusuku lokubonakaliswa kwakhe ku-Israyeli.

NgokukaLuka 1:39-80 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Ngalezo zinsuku uMariya wasuka waya ngokushesha ezintabeni, emzini wakwaJuda; Wangena endlini kaZakariya, wabingelela u-Elisabethe. Kwathi u-Elisabethe ezwa ukubingelela kukaMariya, umntwana waxhuma esizalweni sakhe; u-Elisabethe wagcwala uMoya oNgcwele; Wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Ubusisiwe wena phakathi kwabesifazane, futhi sibusisiwe isithelo sesisu sakho. Kuzuzeni lokhu ukuba unina weNkosi yami eze kimi na? Ngokuba bheka, kuthe izwi lokubingelela kwakho lizwakala ezindlebeni zami, umntwana waxhuma esizalweni sami ngokujabula. Ubusisiwe owakholwayo, ngokuba kuyakuba khona ukugcwaliseka kwalokho akutshelwa yiNkosi. UMariya wasesithi: Umphefumulo wami uyayitusa iNkosi. Nomoya wami uyathokoza kuNkulunkulu uMsindisi wami. Ngokuba ubhekile ubuphansi bencekukazi yakhe, ngokuba bheka, kusukela manje izizukulwane zonke ziyakuthi ngibusisiwe. Ngoba uSomandla ungenzele izinto ezinkulu; lingcwele igama lakhe. Futhi umusa wakhe uzizukulwane ngezizukulwane kulabo abamesabayo. Wenzile amandla ngengalo yakhe; ubachithile abazidlayo ekucabangeni kwezinhliziyo zabo. Wehlise abanamandla ezihlalweni zabo zobukhosi, wabaphakamisa abaphansi. Ubasuthisile abalambileyo ngezinto ezinhle; nabacebile wabamukisa bengenalutho. Uyisizile inceku yakhe u-Israyeli, ekhumbula umusa wakhe; njengalokho yakhuluma kokhokho bethu ku-Abrahama nenzalo yakhe kuze kube phakade. UMariya wahlala naye kungathi izinyanga ezintathu, wabuyela endlini yakhe. Saphelela-ke isikhathi sika-Elisabethe sokuba abelethe; wazala indodana. Omakhelwane bakhe nabazala bakhe bezwa ukuthi iNkosi yenze isihawu esikhulu kuye; basebethokoza kanye laye. Kwathi ngosuku lwesishiyagalombili beza ukuzosoka umntwana. Bambiza ngegama likayise uZakariya. Unina waphendula wathi: “Qha; kodwa uzakuthiwa uJohane. Bathi kuye: “Akakho ezihlotsheni zakho obizwa ngaleli gama. Basebeqhweba uyise ukuthi ufuna iqanjwe njani. Wacela isibhebhe, waloba ukuthi: NguJohane igama lakhe. Bamangala bonke. Kwase kuvuleka umlomo wakhe khona lapho nolimi lwakhe, wakhuluma, wambonga uNkulunkulu. Bonke abakhelene nabo behlelwa ngukwesaba, futhi zonke lezi zindaba zezwakala ezweni lonke lezintaba laseJudiya. Bonke abazizwayo bakubeka ezinhliziyweni zabo, bethi: “Lo mntwana uyakuba yini na? Futhi isandla sikaJehova sasinaye. Uyise uZakariya wagcwala uMoya oNgcwele, waprofetha, wathi: Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli; ngokuba ubahambele, wabahlenga abantu bakhe; Usivusele uphondo lwensindiso endlini kaDavide inceku yakhe; Njengoba akhuluma ngomlomo wabaprofethi bakhe abangcwele, ababekhona kusukela endulo. Ukuze sisindiswe ezitheni zethu nasesandleni sabo bonke abasizondayo; Ukwenzela obaba umusa nokukhumbula isivumelwano sakhe esingcwele; Isifungo asenza kubaba u-Abhrahama. Ukuze asinike, ukuthi sikhululwe esandleni sezitha zethu, siyikhonze singesabi; ngobungcwele nokulunga phambi kwakhe zonke izinsuku zokuhamba kwethu. Nawe, mntwana, uyakuthiwa umprofethi woPhezukonke, ngokuba wena uyakuhamba phambi kobuso beNkosi ukulungisa izindlela zayo; ukuze anike abantu bakhe ulwazi lwensindiso ngokuthethelelwa kwezono zabo, Ngomusa kaNkulunkulu wethu; okwasihambela ngalo ukuntwela kokusa okuvela phezulu. Ukubakhanyisela abahlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa, ukuqondisa izinyawo zethu endleleni yokuthula. Umntwana wakhula, waba namandla emoyeni; wayesezinkangala kwaze kwaba lusuku lokubonakaliswa kwakhe kuIsrayeli.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo