NgokukaLuka 1:14-38

NgokukaLuka 1:14-38 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Uzakuba nokujabula nokuthokoza wena; nabaningi bazakujabula ngokuzalwa kwakhe. Ngokuba uzakuba mkhulu emehlweni eNkosi; kasoze waphuza iwayini nophuzo oludakisayo; uzakugcwaliswa nguMoya oNgcwele esesesiswini sikanina. Abaningi kubantwana bakwa-Israyeli uyakubaphendulela eNkosini uNkulunkulu wabo. Uyakuhamba ngaphambi kwayo emoyeni nasemandleni ka-Eliya ukuphendulela izinhliziyo zawoyise kubantwana nabangalaleliyo ekuqondeni kwabalungileyo, ukulungisela iNkosi isizwe esilungiselweyo.” UZakariya wathi engelosini: “Ngiyakukwazi ngani lokhu na? Ingani sengiyindoda endala mina, nomkami uqhubekile ezinsukwini zakhe.” Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “NginguGabriyeli mina, omiyo phambi kukaNkulunkulu; ngithunyiwe ukuba ngikhulume kuwe, ngikubikele lezi zindaba ezinhle. Bheka-ke, uzakuba yisimungulu, ungakwazi ukukhuluma kuze kube lusuku okwenzeka ngalo lokhu, ngokuba ungakholwanga ngamazwi ami azakugcwaliseka ngesikhathi sawo.” Abantu bemlindele uZakariya bamangala ngokulibala kwakhe ethempelini. Kuthe esephuma, wahluleka ukukhuluma kubo; bazi ukuthi ubone umbono ethempelini; wayelokhu ebaqhweba, wahlala eyisimungulu. Kwathi seziphelile izinsuku zokukhonza kwakhe, wamuka waya ekhaya. Kepha emva kwalezo zinsuku u-Elisabethe umkakhe wakhulelwa, wazifihla izinyanga eziyisihlanu, wathi: “Yenze njalo iNkosi kimi emihleni eyangibheka ngayo ukususa ihlazo lami phakathi kwabantu.” Ngenyanga yesithupha ingelosi uGabriyeli yathunywa nguNkulunkulu emzini waseGalile ogama lawo yiNazaretha, entombini eyayimiselwe indoda ebizo layo nguJosefa wendlu kaDavide; ibizo lentombi nguMariya. Yangena ingelosi kuye, yathi: “E wena ophiwe umusa! INkosi inawe; ubusisiwe esifazaneni.” Kepha yena wethuka ngezwi layo ezindla ngokuthi kungaba ngukubingelela kuni lokhu. Ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Mariya, ngokuba ufumene umusa kuNkulunkulu. Bheka, uzakukhulelwa, uzale indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu. Yena uyakuba mkhulu, athiwe iNdodana yoPhezukonke; iNkosi uNkulunkulu iyakumnika isihlalo sobukhosi sikayise uDavide; uyakuba yinkosi yendlu kaJakobe kuze kube phakade, nombuso wakhe awuyikuba nakuphela.” UMariya wathi engelosini: “Lokhu kuyakwenzeka kanjani, njengokuba ngingayazi indoda na?” Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “UMoya oNgcwele uzakuza phezu kwakho, amandla oPhezukonke akusibekele; ngakho-ke okungcwele okuzozalwa kuzakuthiwa iNdodana kaNkulunkulu. Bheka, u-Elisabethe isihlobo sakho naye ukhulelwe indodana esemdala; lena ngeyesithupha yakhe obethiwa inyumba. Ngokuba akukho lutho olungenzeke kuNkulunkulu.” UMariya wathi: “Bheka, ngiyincekukazi yeNkosi; akube kimi njengezwi lakho.” Ingelosi yamuka kuye.

NgokukaLuka 1:14-38 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Wena uyakuba nokujabula nokuthokoza; nabaningi bayakujabula ngokuzalwa kwakhe. Ngokuba uyakuba mkhulu phambi kweNkosi, angaphuzi wayini naphuzo oludakayo; futhi uyogcwaliswa ngoMoya oNgcwele kusukela esizalweni sikanina. Abaningi kubantwana bakwa-Israyeli uyakubaphendulela eNkosini uNkulunkulu wabo. Iyakuhamba phambi kwayo emoyeni nangamandla ka-Eliya ukuphendulela izinhliziyo zawoyise kubantwana, nabangalaleliyo ekuhlakanipheni kwabalungileyo; ukulungisa isizwe esilungiselwe iNkosi. UZakariya wathi engelosini: “Ngiyakwazi ngani lokhu na? ngokuba mina sengimdala, nomkami usekhulile. Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “Mina nginguGabriyeli, omayo phambi kukaNkulunkulu; ngithunyiwe ukuba ngikhulume kuwe, ngikubikele lezi zindaba ezinhle. Bheka, uyakuba yisimungulu, ungakwazi ukukhuluma, kuze kufike usuku okuyakwenzeka ngalo lokho, ngokuba ungakholwanga ngamazwi ami ayakugcwaliseka ngesikhathi sawo. Abantu babemlindile uZakariya, bamangala ngokulibala kwakhe ethempelini. Esephumile wahluleka ukukhuluma labo, basebeqonda ukuthi ubone umbono ethempelini, wasebaqhweba, wahlala eyisimungulu. Kwathi seziphelile izinsuku zokukhonza kwakhe, wamuka waya endlini yakhe. Emva kwalezo zinsuku u-Elisabethe umkakhe wakhulelwa, wazifihla izinyanga eziyisihlanu, wathi: Yenze njalo kimi uJehova ezinsukwini eyangibheka ngazo ukususa ihlazo lami phakathi kwabantu. Ngenyanga yesithupha ingelosi uGabriyeli yathunywa nguNkulunkulu emzini waseGalile othiwa iNazaretha. Entombini eyayimiselwe indoda egama layo linguJosefa wendlu kaDavide; lebizo lentombi nguMariya. Ingelosi yangena kuye, yathi: “Sawubona, wena ophiwe umusa, uJehova unawe; ubusisiwe wena phakathi kwabesifazane. Kwathi eyibona wethuka ngezwi layo, wacabanga ukuthi kungaba kubingelela bani lokhu. Ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Mariya, ngokuba ufumene umusa kuNkulunkulu. Bheka, uzakukhulelwa, uzale indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu. Yena uyakuba mkhulu, ibizwe ngokuthi iNdodana yoPhezukonke, futhi iNkosi uNkulunkulu iyakumnika isihlalo sobukhosi sikayise uDavide. Uyakubusa phezu kwendlu kaJakobe kuze kube phakade; nombuso wakhe awuyikuba nakuphela. UMariya wayesethi engelosini: “Lokhu kuyakwenzeka kanjani, lokhu ngingayazi indoda na? Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “UMoya oNgcwele uzakuza phezu kwakho, namandla oPhezukonke akusibekele; Bheka, u-Elisabethe umzala wakho, naye ukhulelwe indodana esebudaleni bakhe; Ngokuba akukho lutho olungenzeke kuNkulunkulu. UMariya wathi: “Bheka, ngiyincekukazi yeNkosi; makube kimi njengezwi lakho. Ingelosi yamuka kuye.

NgokukaLuka 1:14-38 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Uzakujabula uthokoze ngaye; nabaningi bazakujabula ngokuzalwa kwakhe. Ngokuba uzakuba mkhulu emehlweni eNkosi; akayukuliphuza iwayini nophuzo olunamandla; uzakugcwaliswa nguMoya oNgcwele esesesiswini sikanina. Uyakuphendulela abaningi kubantu bakwa-Israyeli, eNkosini uNkulunkulu wabo. Uyakuhamba phambi kwayo enomoya namandla ka-Eliya ukuphendula izinhliziyo zawoyise, babuyisane nabantwana, abangalaleliyo babe nokuqonda kwabalungileyo, ukulungisela iNkosi isizwe esikulungiselweyo ukufika kwayo.” UZakhariya wathi engelosini: “Ngiyakukwazi ngani lokhu na? Sengiyindoda endala, nomkami usekhule kakhulu.” Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “NginguGabhriyeli mina, omi phambi kukaNkulunkulu; ngithunyiwe ukuba ngikhulume nawe, nokuba ngikubikele lezi zindaba ezinhle. Wena-ke uzakuba yisimungulu, ungakwazi ukukhuluma kuze kube wusuku okwenzeka ngalo lokhu, ngokuba awuwakholwanga amazwi ami azakugcwaliseka ngesikhathi sawo.” Abantu babemlindele uZakhariya nokho bamangala ngokulibala kwakhe ethempelini. Esephumile, kakwazanga ukukhuluma kubo; bakhanyelwa ukuthi ubone umbono ethempelini; wayelokhu ekhuluma ngezandla, wahlala-ke eyisimungulu. Kwathi seziphelile izinsuku zokukhonza kwakhe, wahamba waya ekhaya. Emva kwalezo zinsuku u-Elizabethe, umkakhe, wakhulelwa, wazifihla izinyanga eziyisihlanu, ethi: “INkosi yenze kanje kimina emihleni engibheke ngayo ngomusa ukuba ilisuse ihlazo lami phakathi kwabantu.” Ngenyanga yesithupha, ingelosi uGabhriyeli yathunywa nguNkulunkulu emzini eGalile, okuthiwa yiNazaretha, entombini eyayithenjiswe umendo yindoda enguJosefa, wendlu kaDavide; igama lentombi kwakunguMariya. Seyifikile, yasondela ingelosi lapho ayekhona, yathi kuye: “E! Wena ophiwe umusa! INkosi inawe; ubusisiwe esifazaneni.” Kepha yena wethuka lapho ezwa izwi layo, wazindla ngokuthi kungaba kubingelela kuni lokhu. Ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Mariya, ngokuba ufumene umusa kuNkulunkulu. Uzakukhulelwa, uzale indodana, uyiqambe igama uthi nguJesu. Yena uyakuba mkhulu, abizwe ngokuthi yiNdodana yoPhezukonke. INkosi uNkulunkulu iyakumnika isihlalo sobukhosi, sikayise uDavide; uyakubusa phezu kwendlu kaJakobe kuze kube phakade, nombuso wakhe awuyukuphela.” UMariya wathi engelosini: “Kuyokwenzeka kanjani lokhu, njengokuba ngingayazi indoda na?” Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “UMoya oNgcwele uzakuza phezu kwakho, amandla oPhezukonke akusibekele; ngakho-ke lo ongcwele, ozakuzalwa, uzakubizwa ngokuthi yiNdodana kaNkulunkulu. Phela u-Elizabethe, isihlobo sakho, obekuthiwa inyumba naye ukhulelwe indodana esemdala; le yinyanga yakhe yesithupha. Ngokuba akukho lutho olungenzeke kuNkulunkulu.” UMariya wathi: “Ngiyincekukazi yeNkosi; makwenzeke kimi njengezwi lakho.” Ingelosi yemuka kuye.

NgokukaLuka 1:14-38 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)