NgokukaLuka 1:11-20
NgokukaLuka 1:11-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwabonakala kuye ingelosi yeNkosi imi ngakwesokunene se-althare lempepho. Kuthe uZakhariya eyibona wethuka, wehlelwa luvalo. Kepha ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Zakhariya, ngokuba isicelo sakho sizwakele; umkakho u-Elizabethe uzakukuzalela indodana, uyiqambe igama uthi nguJohane. Uzakujabula uthokoze ngaye; nabaningi bazakujabula ngokuzalwa kwakhe. Ngokuba uzakuba mkhulu emehlweni eNkosi; akayukuliphuza iwayini nophuzo olunamandla; uzakugcwaliswa nguMoya oNgcwele esesesiswini sikanina. Uyakuphendulela abaningi kubantu bakwa-Israyeli, eNkosini uNkulunkulu wabo. Uyakuhamba phambi kwayo enomoya namandla ka-Eliya ukuphendula izinhliziyo zawoyise, babuyisane nabantwana, abangalaleliyo babe nokuqonda kwabalungileyo, ukulungisela iNkosi isizwe esikulungiselweyo ukufika kwayo.” UZakhariya wathi engelosini: “Ngiyakukwazi ngani lokhu na? Sengiyindoda endala, nomkami usekhule kakhulu.” Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “NginguGabhriyeli mina, omi phambi kukaNkulunkulu; ngithunyiwe ukuba ngikhulume nawe, nokuba ngikubikele lezi zindaba ezinhle. Wena-ke uzakuba yisimungulu, ungakwazi ukukhuluma kuze kube wusuku okwenzeka ngalo lokhu, ngokuba awuwakholwanga amazwi ami azakugcwaliseka ngesikhathi sawo.”
NgokukaLuka 1:11-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwabonakala kuye ingelosi yeNkosi imi ngakwesokunene se-altare lempepho. UZakariya eyibona wethuka, wehlelwa luvalo. Kepha ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Zakariya, ngokuba isicelo sakho sizwakele; umkakho u-Elisabethe uzakukuzalela indodana, uyiqambe igama lokuthi uJohane. Uzakuba nokujabula nokuthokoza wena; nabaningi bazakujabula ngokuzalwa kwakhe. Ngokuba uzakuba mkhulu emehlweni eNkosi; kasoze waphuza iwayini nophuzo oludakisayo; uzakugcwaliswa nguMoya oNgcwele esesesiswini sikanina. Abaningi kubantwana bakwa-Israyeli uyakubaphendulela eNkosini uNkulunkulu wabo. Uyakuhamba ngaphambi kwayo emoyeni nasemandleni ka-Eliya ukuphendulela izinhliziyo zawoyise kubantwana nabangalaleliyo ekuqondeni kwabalungileyo, ukulungisela iNkosi isizwe esilungiselweyo.” UZakariya wathi engelosini: “Ngiyakukwazi ngani lokhu na? Ingani sengiyindoda endala mina, nomkami uqhubekile ezinsukwini zakhe.” Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “NginguGabriyeli mina, omiyo phambi kukaNkulunkulu; ngithunyiwe ukuba ngikhulume kuwe, ngikubikele lezi zindaba ezinhle. Bheka-ke, uzakuba yisimungulu, ungakwazi ukukhuluma kuze kube lusuku okwenzeka ngalo lokhu, ngokuba ungakholwanga ngamazwi ami azakugcwaliseka ngesikhathi sawo.”
NgokukaLuka 1:11-20 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwabonakala kuye ingelosi yeNkosi imi ngakwesokunene se-altare lempepho. UZakariya eyibona wethuka, novalo lwamehlela. Kepha ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Zakariya, ngokuba ukukhuleka kwakho kuzwakele; umkakho u-Elisabethe uzakukuzalela indodana, uyiqambe igama lokuthi uJohane. Wena uyakuba nokujabula nokuthokoza; nabaningi bayakujabula ngokuzalwa kwakhe. Ngokuba uyakuba mkhulu phambi kweNkosi, angaphuzi wayini naphuzo oludakayo; futhi uyogcwaliswa ngoMoya oNgcwele kusukela esizalweni sikanina. Abaningi kubantwana bakwa-Israyeli uyakubaphendulela eNkosini uNkulunkulu wabo. Iyakuhamba phambi kwayo emoyeni nangamandla ka-Eliya ukuphendulela izinhliziyo zawoyise kubantwana, nabangalaleliyo ekuhlakanipheni kwabalungileyo; ukulungisa isizwe esilungiselwe iNkosi. UZakariya wathi engelosini: “Ngiyakwazi ngani lokhu na? ngokuba mina sengimdala, nomkami usekhulile. Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “Mina nginguGabriyeli, omayo phambi kukaNkulunkulu; ngithunyiwe ukuba ngikhulume kuwe, ngikubikele lezi zindaba ezinhle. Bheka, uyakuba yisimungulu, ungakwazi ukukhuluma, kuze kufike usuku okuyakwenzeka ngalo lokho, ngokuba ungakholwanga ngamazwi ami ayakugcwaliseka ngesikhathi sawo.
NgokukaLuka 1:11-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)