NgokukaLuka 1:1-56
NgokukaLuka 1:1-56 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Njengoba abanengi sebebambele isandla ukuhlela isimemezelo sezinto ezikholwayo phakathi kwethu, njengalokho basinikela bona, ababengofakazi bokuzibonela kwasekuqaleni nezikhonzi zezwi; Kwabonakala kukuhle kimi nami, sengikwazi kahle zonke izinto kusukela ekuqaleni, ukukubhalela ngokulandelana, Theyofilu odumileyo, ukuze wazi iqiniso lezinto ozifundisiweyo. Emihleni kaHerode inkosi yaseJudiya kwakukhona umpristi othile ogama lakhe linguZakariya, owesigaba sika-Abiya, nomkakhe engowamadodakazi ka-Aroni, igama lakhe kungu-Elisabethe. Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu, behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi bengasoleki. Babengenamntwana, ngokuba u-Elisabethe wayeyinyumba, futhi base bekhulile bobabili. Kwasekusithi esenza inkonzo yobupristi phambi kukaNkulunkulu ngehlelo lesigaba sakhe. Njengomkhuba wobupristi, kwaba yinkatho yakhe ukushisa impepho, lapho engena ethempelini leNkosi. Isixuku sonke sabantu sasikhuleka ngaphandle ngesikhathi sempepho. Kwabonakala kuye ingelosi yeNkosi imi ngakwesokunene se-altare lempepho. UZakariya eyibona wethuka, novalo lwamehlela. Kepha ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Zakariya, ngokuba ukukhuleka kwakho kuzwakele; umkakho u-Elisabethe uzakukuzalela indodana, uyiqambe igama lokuthi uJohane. Wena uyakuba nokujabula nokuthokoza; nabaningi bayakujabula ngokuzalwa kwakhe. Ngokuba uyakuba mkhulu phambi kweNkosi, angaphuzi wayini naphuzo oludakayo; futhi uyogcwaliswa ngoMoya oNgcwele kusukela esizalweni sikanina. Abaningi kubantwana bakwa-Israyeli uyakubaphendulela eNkosini uNkulunkulu wabo. Iyakuhamba phambi kwayo emoyeni nangamandla ka-Eliya ukuphendulela izinhliziyo zawoyise kubantwana, nabangalaleliyo ekuhlakanipheni kwabalungileyo; ukulungisa isizwe esilungiselwe iNkosi. UZakariya wathi engelosini: “Ngiyakwazi ngani lokhu na? ngokuba mina sengimdala, nomkami usekhulile. Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “Mina nginguGabriyeli, omayo phambi kukaNkulunkulu; ngithunyiwe ukuba ngikhulume kuwe, ngikubikele lezi zindaba ezinhle. Bheka, uyakuba yisimungulu, ungakwazi ukukhuluma, kuze kufike usuku okuyakwenzeka ngalo lokho, ngokuba ungakholwanga ngamazwi ami ayakugcwaliseka ngesikhathi sawo. Abantu babemlindile uZakariya, bamangala ngokulibala kwakhe ethempelini. Esephumile wahluleka ukukhuluma labo, basebeqonda ukuthi ubone umbono ethempelini, wasebaqhweba, wahlala eyisimungulu. Kwathi seziphelile izinsuku zokukhonza kwakhe, wamuka waya endlini yakhe. Emva kwalezo zinsuku u-Elisabethe umkakhe wakhulelwa, wazifihla izinyanga eziyisihlanu, wathi: Yenze njalo kimi uJehova ezinsukwini eyangibheka ngazo ukususa ihlazo lami phakathi kwabantu. Ngenyanga yesithupha ingelosi uGabriyeli yathunywa nguNkulunkulu emzini waseGalile othiwa iNazaretha. Entombini eyayimiselwe indoda egama layo linguJosefa wendlu kaDavide; lebizo lentombi nguMariya. Ingelosi yangena kuye, yathi: “Sawubona, wena ophiwe umusa, uJehova unawe; ubusisiwe wena phakathi kwabesifazane. Kwathi eyibona wethuka ngezwi layo, wacabanga ukuthi kungaba kubingelela bani lokhu. Ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Mariya, ngokuba ufumene umusa kuNkulunkulu. Bheka, uzakukhulelwa, uzale indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu. Yena uyakuba mkhulu, ibizwe ngokuthi iNdodana yoPhezukonke, futhi iNkosi uNkulunkulu iyakumnika isihlalo sobukhosi sikayise uDavide. Uyakubusa phezu kwendlu kaJakobe kuze kube phakade; nombuso wakhe awuyikuba nakuphela. UMariya wayesethi engelosini: “Lokhu kuyakwenzeka kanjani, lokhu ngingayazi indoda na? Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “UMoya oNgcwele uzakuza phezu kwakho, namandla oPhezukonke akusibekele; Bheka, u-Elisabethe umzala wakho, naye ukhulelwe indodana esebudaleni bakhe; Ngokuba akukho lutho olungenzeke kuNkulunkulu. UMariya wathi: “Bheka, ngiyincekukazi yeNkosi; makube kimi njengezwi lakho. Ingelosi yamuka kuye. Ngalezo zinsuku uMariya wasuka waya ngokushesha ezintabeni, emzini wakwaJuda; Wangena endlini kaZakariya, wabingelela u-Elisabethe. Kwathi u-Elisabethe ezwa ukubingelela kukaMariya, umntwana waxhuma esizalweni sakhe; u-Elisabethe wagcwala uMoya oNgcwele; Wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Ubusisiwe wena phakathi kwabesifazane, futhi sibusisiwe isithelo sesisu sakho. Kuzuzeni lokhu ukuba unina weNkosi yami eze kimi na? Ngokuba bheka, kuthe izwi lokubingelela kwakho lizwakala ezindlebeni zami, umntwana waxhuma esizalweni sami ngokujabula. Ubusisiwe owakholwayo, ngokuba kuyakuba khona ukugcwaliseka kwalokho akutshelwa yiNkosi. UMariya wasesithi: Umphefumulo wami uyayitusa iNkosi. Nomoya wami uyathokoza kuNkulunkulu uMsindisi wami. Ngokuba ubhekile ubuphansi bencekukazi yakhe, ngokuba bheka, kusukela manje izizukulwane zonke ziyakuthi ngibusisiwe. Ngoba uSomandla ungenzele izinto ezinkulu; lingcwele igama lakhe. Futhi umusa wakhe uzizukulwane ngezizukulwane kulabo abamesabayo. Wenzile amandla ngengalo yakhe; ubachithile abazidlayo ekucabangeni kwezinhliziyo zabo. Wehlise abanamandla ezihlalweni zabo zobukhosi, wabaphakamisa abaphansi. Ubasuthisile abalambileyo ngezinto ezinhle; nabacebile wabamukisa bengenalutho. Uyisizile inceku yakhe u-Israyeli, ekhumbula umusa wakhe; njengalokho yakhuluma kokhokho bethu ku-Abrahama nenzalo yakhe kuze kube phakade. UMariya wahlala naye kungathi izinyanga ezintathu, wabuyela endlini yakhe.
NgokukaLuka 1:1-56 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Njengokuba abaningi bezamile ukulanda ngokuhlelekileyo ngalezo zindaba ezigcwaliseke phakathi kwethu, njengalokhu basinika zona labo ababekhona kwasekuqaleni, bezibonela ngamehlo, futhi beyizikhonzi zezwi, nami ngizwa kufanale, njengalokhu ngizihlolisisile ngokucophelela zonke izinto, kusukela ekuqaleni, ukuba ngikulobele ngokuhlelekile, Theyofilu odumileyo, ukuze wazi ukuqiniseka kwalezo zindaba ozifundisiweyo. Kwakukhona emihleni kaHerode inkosi yaseJudiya, umphristi othile, ogama lakhe nguZakhariya, esigabeni sika-Abhiya, nomkakhe engowamadodakazi ka-Aroni, igama lakhe ngu-Elizabethe. Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu, behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi, bengasoleki. Kepha babengenamntwana, ngokuba u-Elizabethe wayeyinyumba, futhi bobabili base bekhulile. Kwathi-ke uZakhariya enza umsebenzi wakhe wobuphristi phambi kukaNkulunkulu, njengokuhlelwa kwesikhathi sesigaba ayekuso, ngokomthetho wobuphristi, kwaba nguye owadliwa wunkatho ukuba angene ethempelini leNkosi, azoshisa impepho. Isixuku sonke sasikhuleka ngaphandle ngesikhathi sokunikelwa kwempepho. Kwabonakala kuye ingelosi yeNkosi imi ngakwesokunene se-althare lempepho. Kuthe uZakhariya eyibona wethuka, wehlelwa luvalo. Kepha ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Zakhariya, ngokuba isicelo sakho sizwakele; umkakho u-Elizabethe uzakukuzalela indodana, uyiqambe igama uthi nguJohane. Uzakujabula uthokoze ngaye; nabaningi bazakujabula ngokuzalwa kwakhe. Ngokuba uzakuba mkhulu emehlweni eNkosi; akayukuliphuza iwayini nophuzo olunamandla; uzakugcwaliswa nguMoya oNgcwele esesesiswini sikanina. Uyakuphendulela abaningi kubantu bakwa-Israyeli, eNkosini uNkulunkulu wabo. Uyakuhamba phambi kwayo enomoya namandla ka-Eliya ukuphendula izinhliziyo zawoyise, babuyisane nabantwana, abangalaleliyo babe nokuqonda kwabalungileyo, ukulungisela iNkosi isizwe esikulungiselweyo ukufika kwayo.” UZakhariya wathi engelosini: “Ngiyakukwazi ngani lokhu na? Sengiyindoda endala, nomkami usekhule kakhulu.” Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “NginguGabhriyeli mina, omi phambi kukaNkulunkulu; ngithunyiwe ukuba ngikhulume nawe, nokuba ngikubikele lezi zindaba ezinhle. Wena-ke uzakuba yisimungulu, ungakwazi ukukhuluma kuze kube wusuku okwenzeka ngalo lokhu, ngokuba awuwakholwanga amazwi ami azakugcwaliseka ngesikhathi sawo.” Abantu babemlindele uZakhariya nokho bamangala ngokulibala kwakhe ethempelini. Esephumile, kakwazanga ukukhuluma kubo; bakhanyelwa ukuthi ubone umbono ethempelini; wayelokhu ekhuluma ngezandla, wahlala-ke eyisimungulu. Kwathi seziphelile izinsuku zokukhonza kwakhe, wahamba waya ekhaya. Emva kwalezo zinsuku u-Elizabethe, umkakhe, wakhulelwa, wazifihla izinyanga eziyisihlanu, ethi: “INkosi yenze kanje kimina emihleni engibheke ngayo ngomusa ukuba ilisuse ihlazo lami phakathi kwabantu.” Ngenyanga yesithupha, ingelosi uGabhriyeli yathunywa nguNkulunkulu emzini eGalile, okuthiwa yiNazaretha, entombini eyayithenjiswe umendo yindoda enguJosefa, wendlu kaDavide; igama lentombi kwakunguMariya. Seyifikile, yasondela ingelosi lapho ayekhona, yathi kuye: “E! Wena ophiwe umusa! INkosi inawe; ubusisiwe esifazaneni.” Kepha yena wethuka lapho ezwa izwi layo, wazindla ngokuthi kungaba kubingelela kuni lokhu. Ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Mariya, ngokuba ufumene umusa kuNkulunkulu. Uzakukhulelwa, uzale indodana, uyiqambe igama uthi nguJesu. Yena uyakuba mkhulu, abizwe ngokuthi yiNdodana yoPhezukonke. INkosi uNkulunkulu iyakumnika isihlalo sobukhosi, sikayise uDavide; uyakubusa phezu kwendlu kaJakobe kuze kube phakade, nombuso wakhe awuyukuphela.” UMariya wathi engelosini: “Kuyokwenzeka kanjani lokhu, njengokuba ngingayazi indoda na?” Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “UMoya oNgcwele uzakuza phezu kwakho, amandla oPhezukonke akusibekele; ngakho-ke lo ongcwele, ozakuzalwa, uzakubizwa ngokuthi yiNdodana kaNkulunkulu. Phela u-Elizabethe, isihlobo sakho, obekuthiwa inyumba naye ukhulelwe indodana esemdala; le yinyanga yakhe yesithupha. Ngokuba akukho lutho olungenzeke kuNkulunkulu.” UMariya wathi: “Ngiyincekukazi yeNkosi; makwenzeke kimi njengezwi lakho.” Ingelosi yemuka kuye. Ngalezo zinsuku uMariya wasuka waya ngokushesha kwelezintaba emzini wakwaJuda. Wangena endlini kaZakhariya, wambingelela u-Elizabethe. Kwathi ukuba u-Elizabethe ezwe uMariya ebingelela, umntwana wagxuma esiswini sakhe; u-Elizabethe wagcwala uMoya oNgcwele, wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Ubusisiwe wena esifazaneni! Sibusisiwe nesithelo sesisu sakho! Kwenzeka kanjani lokhu kimi ukuba ngihanjelwe ngunina weNkosi yami na? Ngokuba kuthe lapho izwi lokubingelela kwakho lifika ezindlebeni zami, umntwana wagxuma ngokujabula esiswini sami. Ubusisiwe lowo owakholwa ukuthi kuzakufezeka lokho okwakhulunywa yiNkosi kuye.” Wayesethi uMariya: “Umphefumulo wami uyayitusa iNkosi, nomoya wami uyathokoza kuNkulunkulu, uMsindisi wami, ngokuba ubhekile ubuphansi bencekukazi yakhe. Kusukela manje izizukulwane zonke ziyakuthi, ngibusisiwe. Ngokuba uSomandla ungenzele izinto ezinkulu: igama lakhe lingcwele. Isihawu sakhe sisezizukulwaneni ngezizukulwane kubo abamesabayo. Wenzile amandla ngengalo yakhe; uchithile abazidlayo ekuzidleni kwenhliziyo yabo. Uwisile amakhosi ezihlalweni, uphakamisile abantukazana. Usuthisile abalambileyo ngezinto ezinhle, abacebileyo wabahambisa bevathazela. Uyisizile inceku yakhe u-Israyeli, ukuze akhumbule isihawu, njengalokhu akhuluma kokhokho bethu ku-Abhrahama nolibo lwakhe kuze kube phakade.” UMariya wahlala naye cishe izinyanga ezintathu, wayesebuyela ekhaya.
NgokukaLuka 1:1-56 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Njengokuba abaningi sebezamile ukulanda ngokuhlelekile ngalezo zindaba ezigcwaliseke phakathi kwethu, njengalokho basinika zona labo ababekhona kwasekuqaleni, bezibonela ngamehlo, beyizikhonzi zezwi, kwasengathi kuhle nakimina, lokhu ngizihlolisisile zonke izinto, kusukela ekuqaleni, ngikulobele ngokulandelana, Theyofilu odumileyo, ukuze wazi ukuqiniseka kwalezo zindaba ozifundisiweyo. Emihleni kaHerode inkosi yaseJudiya kwakukhona umpristi othile ogama lakhe nguZakariya, esigabeni sika-Abiya, nomkakhe engowamadodakazi ka-Aroni, igama lakhe ngu-Elisabethe. Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi, bengasoleki. Kepha babengenamntwana, ngokuba u-Elisabethe wayeyinyumba; bobabili base bekhulile. Kwathi-ke esayenza inkonzo yobupristi phambi kukaNkulunkulu njengokuhlelwa kwesikhathi sesigaba sakubo, ngokomthetho wobupristi kwaba nguye owabelwa ukungena ethempelini leNkosi, azoshisa impepho. Isixuku sonke sabantu sasikhuleka ngaphandle ngesikhathi sempepho. Kwabonakala kuye ingelosi yeNkosi imi ngakwesokunene se-altare lempepho. UZakariya eyibona wethuka, wehlelwa luvalo. Kepha ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Zakariya, ngokuba isicelo sakho sizwakele; umkakho u-Elisabethe uzakukuzalela indodana, uyiqambe igama lokuthi uJohane. Uzakuba nokujabula nokuthokoza wena; nabaningi bazakujabula ngokuzalwa kwakhe. Ngokuba uzakuba mkhulu emehlweni eNkosi; kasoze waphuza iwayini nophuzo oludakisayo; uzakugcwaliswa nguMoya oNgcwele esesesiswini sikanina. Abaningi kubantwana bakwa-Israyeli uyakubaphendulela eNkosini uNkulunkulu wabo. Uyakuhamba ngaphambi kwayo emoyeni nasemandleni ka-Eliya ukuphendulela izinhliziyo zawoyise kubantwana nabangalaleliyo ekuqondeni kwabalungileyo, ukulungisela iNkosi isizwe esilungiselweyo.” UZakariya wathi engelosini: “Ngiyakukwazi ngani lokhu na? Ingani sengiyindoda endala mina, nomkami uqhubekile ezinsukwini zakhe.” Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “NginguGabriyeli mina, omiyo phambi kukaNkulunkulu; ngithunyiwe ukuba ngikhulume kuwe, ngikubikele lezi zindaba ezinhle. Bheka-ke, uzakuba yisimungulu, ungakwazi ukukhuluma kuze kube lusuku okwenzeka ngalo lokhu, ngokuba ungakholwanga ngamazwi ami azakugcwaliseka ngesikhathi sawo.” Abantu bemlindele uZakariya bamangala ngokulibala kwakhe ethempelini. Kuthe esephuma, wahluleka ukukhuluma kubo; bazi ukuthi ubone umbono ethempelini; wayelokhu ebaqhweba, wahlala eyisimungulu. Kwathi seziphelile izinsuku zokukhonza kwakhe, wamuka waya ekhaya. Kepha emva kwalezo zinsuku u-Elisabethe umkakhe wakhulelwa, wazifihla izinyanga eziyisihlanu, wathi: “Yenze njalo iNkosi kimi emihleni eyangibheka ngayo ukususa ihlazo lami phakathi kwabantu.” Ngenyanga yesithupha ingelosi uGabriyeli yathunywa nguNkulunkulu emzini waseGalile ogama lawo yiNazaretha, entombini eyayimiselwe indoda ebizo layo nguJosefa wendlu kaDavide; ibizo lentombi nguMariya. Yangena ingelosi kuye, yathi: “E wena ophiwe umusa! INkosi inawe; ubusisiwe esifazaneni.” Kepha yena wethuka ngezwi layo ezindla ngokuthi kungaba ngukubingelela kuni lokhu. Ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Mariya, ngokuba ufumene umusa kuNkulunkulu. Bheka, uzakukhulelwa, uzale indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu. Yena uyakuba mkhulu, athiwe iNdodana yoPhezukonke; iNkosi uNkulunkulu iyakumnika isihlalo sobukhosi sikayise uDavide; uyakuba yinkosi yendlu kaJakobe kuze kube phakade, nombuso wakhe awuyikuba nakuphela.” UMariya wathi engelosini: “Lokhu kuyakwenzeka kanjani, njengokuba ngingayazi indoda na?” Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “UMoya oNgcwele uzakuza phezu kwakho, amandla oPhezukonke akusibekele; ngakho-ke okungcwele okuzozalwa kuzakuthiwa iNdodana kaNkulunkulu. Bheka, u-Elisabethe isihlobo sakho naye ukhulelwe indodana esemdala; lena ngeyesithupha yakhe obethiwa inyumba. Ngokuba akukho lutho olungenzeke kuNkulunkulu.” UMariya wathi: “Bheka, ngiyincekukazi yeNkosi; akube kimi njengezwi lakho.” Ingelosi yamuka kuye. Ngalezo zinsuku uMariya wasuka waya ngokushesha kwelezintaba emzini wakwaJuda. Wangena endlini kaZakariya, wambingelela u-Elisabethe. Kwathi ukuba u-Elisabethe ezwe ukubingelela kukaMariya, umntwana waxhuma esiswini sakhe; u-Elisabethe wagcwala uMoya oNgcwele, wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Ubusisiwe wena esifazaneni! Sibusisiwe nesithelo sesisu sakho! Ngehlelwe kanjani yilokhu ukuba unina weNkosi yami ahambele kimi na? Ngokuba bheka, kuthe izwi lokubingelela kwakho lifika ezindlebeni zami, umntwana waxhuma esiswini sami ngokujabula. Ubusisiwe owakholwayo, ngokuba kuzakuba khona ukufezeka kwalokho akutshelwa, kuvela eNkosini.” Wayesethi uMariya: “Umphefumulo wami uyayitusa Nkosi, nomoya wami uyathokoza kuNkulunkulu, uMsindisi wami, ngokuba ubhekile ubuphansi bencekukazi yakhe. Bheka, kusukela manje izizukulwane zonke ziyakuthi ngibusisiwe. Ngokuba uSomandla ungenzele izinto ezinkulu: igama lakhe lingcwele. Isihawu sakhe sikuzo izizukulwane ngezizukulwane kubo abamesabayo. Wenzile amandla ngengalo yakhe; uchithile abazidlayo ekuzidleni kwenhliziyo yabo. Uwisile amakhosi ezihlalweni, uphakamisile abantukazana. Abalambileyo ubasuthisile ngezinto ezinhle, abacebileyo ubamukise ze. Uyisizile inceku yakhe u-Israyeli, ukuze akhumbule isihawu, njengalokho akusho kokhokho bethu ku-Abrahama nenzalo yakhe kuze kube phakade.” UMariya wahlala naye kungathi izinyanga ezintathu, wabuyela ekhaya.
NgokukaLuka 1:1-56 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)