NgokukaLuka 1:1-4
NgokukaLuka 1:1-4 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Njengoba abanengi sebebambele isandla ukuhlela isimemezelo sezinto ezikholwayo phakathi kwethu, njengalokho basinikela bona, ababengofakazi bokuzibonela kwasekuqaleni nezikhonzi zezwi; Kwabonakala kukuhle kimi nami, sengikwazi kahle zonke izinto kusukela ekuqaleni, ukukubhalela ngokulandelana, Theyofilu odumileyo, ukuze wazi iqiniso lezinto ozifundisiweyo.
NgokukaLuka 1:1-4 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Njengokuba abaningi bezamile ukulanda ngokuhlelekileyo ngalezo zindaba ezigcwaliseke phakathi kwethu, njengalokhu basinika zona labo ababekhona kwasekuqaleni, bezibonela ngamehlo, futhi beyizikhonzi zezwi, nami ngizwa kufanale, njengalokhu ngizihlolisisile ngokucophelela zonke izinto, kusukela ekuqaleni, ukuba ngikulobele ngokuhlelekile, Theyofilu odumileyo, ukuze wazi ukuqiniseka kwalezo zindaba ozifundisiweyo.
NgokukaLuka 1:1-4 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Njengokuba abaningi sebezamile ukulanda ngokuhlelekile ngalezo zindaba ezigcwaliseke phakathi kwethu, njengalokho basinika zona labo ababekhona kwasekuqaleni, bezibonela ngamehlo, beyizikhonzi zezwi, kwasengathi kuhle nakimina, lokhu ngizihlolisisile zonke izinto, kusukela ekuqaleni, ngikulobele ngokulandelana, Theyofilu odumileyo, ukuze wazi ukuqiniseka kwalezo zindaba ozifundisiweyo.
NgokukaLuka 1:1-4 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)