ULevitikusi 6:8-13
ULevitikusi 6:8-13 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Yala u-Aroni namadodana akhe, uthi: ‘Nanku umthetho weminikelo yokushiswa: umnikelo wokushiswa uyakuhlala eziko le-altare ubusuku bonke kuze kuse, umlilo we-altare uhlale kulo uvutha njalo. Umpristi uyakwembatha isambatho selineni, afake nebhulukwe lakhe lelineni emzimbeni wakhe, asuse umlotha womlilo oshise umnikelo wokushiswa e-altare, awuthele ngaseceleni kwe-altare. Abesekhumula izambatho zakhe, embathe ezinye izambatho, akhiphele umlotha ngaphandle kwekamu* endaweni ehlambulukileyo. Umlilo ophezu kwe-altare uyakuhlala kulo uvutha njalo, ungacimi; umpristi uyakubasa izinkuni kulo ekuseni njalo, ahlele kulo umnikelo wokushiswa, ashise kulo amanoni eminikelo yokuthula. Umlilo wohlala e-altare uvutha njalo, ungacimi.
ULevitikusi 6:8-13 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USimakade wakhuluma kuMose, wathi: “Yala u-Aroni namadodana akhe, uthi: ‘Nansi indlela engumthetho wokwenza umnikelo wokushiswa: umnikelo wokushiswa uyakuhlala e-althare ubusuku bonke kuze kube ngakusasa, umlilo ose-althare uhlale njalo uvutha. Umphristi uyokwembatha isembatho sakhe selineni elimhlophe, agqoke ngaphansi ibhulukwe lakhe lelineni, bese esusa umlotha womlilo oshise umnikelo wokushiswa e-althare, awuthele eceleni kwalo. Uyokhumula izembatho zakhe, agqoke ezinye bese ekhiphela umlotha ngaphandle kwenkambu, endaweni ehlambulukileyo. Umlilo ose-althare kufanele uhlale uvutha, ungacinywa, umphristi uyokokhela izinkuni kuwo njalo ekuseni, ahlele umnikelo wokushiswa, ashise kulo amanoni eminikelo yokuthula. Umlilo uyohlala uvutha njalo e-althare, ungacinywa.
ULevitikusi 6:8-13 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJehova wakhuluma kuMose, wathi: Yala u-Aroni namadodana akhe, uthi: Nanku umthetho womnikelo wokushiswa: Lona ngumnikelo wokushiswa womlilo ophezu kwe-altare ubusuku bonke kuze kuse, nomlilo we-altare uyakuvutha phezu kwawo. Umpristi kumelwe agqoke ingubo yakhe yelineni futhi kumelwe agqoke ibhulukwe lakhe lelineni phezu kwenyama yakhe, asuse umlotha oshiswe ngumlilo kanye nomnikelo wokushiswa e-altare, awubeke eceleni kwe-altare. Kumelwe akhumule izingubo zakhe agqoke ezinye izingubo, akhiphele umlotha ngaphandle kwekamu endaweni ehlanzekile. Umlilo ophezu kwe-altare kumelwe uvuthe kulo; ingase ingacimi; umpristi abeke izinkuni phezu kwawo njalo ekuseni, ahlele umnikelo wokushiswa phezu kwawo; abeke phezu kwalo amanoni eminikelo yokuthula. Umlilo uzavutha njalo phezu kwelathi; akusoze kwaphuma.