IsiLilo 3:20-25
IsiLilo 3:20-25 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Lapho ngicabanga ngalezi zinto, ngiyadideka. Noma kunjalo ngisazoqhubeka ngibe nethemba, uma ngicabanga ngoSimakade. Uthando lwakhe lungunakaphakade, ububele bakhe abunamukhawulo. Kusha nsuku zonke, ukwethembeka kwakhe kukhulu. Ngathi: “USimakade uyisabelo sami, ngakho-ke ngizokwethembela kuye.” USimakade muhle kulowo omlindelayo, kulowo omfunayo.
IsiLilo 3:20-25 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Umphefumulo wami uyakukhumbula nokukukhumbula, uthobile phakathi kwami. Kepha yilokhu engiyakukubuyisela enhliziyweni yami, ngalokho nginethemba: ngumusa kaJehova ukuthi asiqediwe, ngokuba ububele bakhe abupheli. Busha ekuseni njalo; ukuthembeka kwakho kukhulu. UJehova uyisabelo sami, usho umphefumulo wami; ngakho ngiyakwethemba kuye. UJehova muhle kwabamethembayo, kumphefumulo omfunayo.
IsiLilo 3:20-25 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Umphefumulo wami usazikhumbula njalo uthobile phakathi kwami. Ngiyakukhumbula lokhu engqondweni yami, ngakho ngiyethemba. Kungenxa yobubele bukaJehova ukuthi asiqedwa, ngokuba ububele bakhe abupheli. Zintsha njalo ekuseni: kukhulu ukuthembeka kwakho. UJehova uyisabelo sami, usho umphefumulo wami; ngalokho ngiyakwethemba kuye. UNkulunkulu unguJehova kwabamthembayo, umphefumulo omfunayo.