IsiLilo 3:17-24
IsiLilo 3:17-24 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Walahla kude nokuthula umphefumulo wami, ngakhohlwa inhlanhla. Ngathi: “Amandla ami nethemba lami kuJehova kuphelile.” Khumbula ukuhlupheka kwami nosizi lwami, umhlonyane nenyongo. Umphefumulo wami uyakukhumbula nokukukhumbula, uthobile phakathi kwami. Kepha yilokhu engiyakukubuyisela enhliziyweni yami, ngalokho nginethemba: ngumusa kaJehova ukuthi asiqediwe, ngokuba ububele bakhe abupheli. Busha ekuseni njalo; ukuthembeka kwakho kukhulu. UJehova uyisabelo sami, usho umphefumulo wami; ngakho ngiyakwethemba kuye.
IsiLilo 3:17-24 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ungemuke ukuthula, angisakwazi ukujabula, nezinto ezinhle azisekho. Ngase ngithi: “Angisakwazi ukubekezela; nethemba lami kuSimakade alisekho.” Uma ngikhumbula ukuhlupheka kwami nokuba ngumhambuma, kufana nenhlaba nenyongo. Lapho ngicabanga ngalezi zinto, ngiyadideka. Noma kunjalo ngisazoqhubeka ngibe nethemba, uma ngicabanga ngoSimakade. Uthando lwakhe lungunakaphakade, ububele bakhe abunamukhawulo. Kusha nsuku zonke, ukwethembeka kwakhe kukhulu. Ngathi: “USimakade uyisabelo sami, ngakho-ke ngizokwethembela kuye.”
IsiLilo 3:17-24 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Futhi uwususile umphefumulo wami kude nokuthula; ngikhohlwe ukuchuma. Ngase ngithi: “Amandla ami nethemba lami kuphelile kuJehova.” Khumbulani usizi lwami nosizi lwami, inkungu nenyongo. Umphefumulo wami usazikhumbula njalo uthobile phakathi kwami. Ngiyakukhumbula lokhu engqondweni yami, ngakho ngiyethemba. Kungenxa yobubele bukaJehova ukuthi asiqedwa, ngokuba ububele bakhe abupheli. Zintsha njalo ekuseni: kukhulu ukuthembeka kwakho. UJehova uyisabelo sami, usho umphefumulo wami; ngalokho ngiyakwethemba kuye.