UJoshuwa 3:1-17

UJoshuwa 3:1-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Ngovivi ngakusasa, uJoshuwa wavuka wakhukhula nabo bonke abakwa-Israyeli, esuka eShithimu, baze bayofika emfuleni iJordani. Bakanisa lapho ngaphambi kokuba bawele. Sekwedlule izinsuku ezintathu, izinduna zadabula enkanjini, zayala abantu zithi: “Nxa nibona umphongolo wesivumelwano sikaSimakade uNkulunkulu wenu uthwelwe ngabaphristi abangabaLevi, niyakusuka endaweni yenu. Wulandeleni, ukuze niyazi indlela enimele ukuhamba ngayo, ngokuba anikaze nidlule kule ndawo ngaphambilini, nokho kufanele kube nesikhala phakathi kwenu nawo, ibanga elingaba yizi-2 000 zamakhubhithi; ningasondeli neze eduze kwawo.” UJoshuwa wayesethi kubantu: “Zingcweliseni, ngokuba kusasa uSimakade uzokwenza izimangaliso phakathi kwenu.” Kubaphristi, uJoshuwa wathi: “Thathani umphongolo wesivumelwano nidlule phambi kwabantu.” Ngakho-ke bawuthatha umphongolo wesivumelwano base behamba phambi kwabantu. USimakade wathi kuJoshuwa: “Namuhla ngizakuqala ukukuphakamisa emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli, ukuze bazi ukuthi ngiyoba nawe njengoba nganginaye uMose. Nguwe oyakuyala abaphristi abathwele umphongolo wesivumelwano, uthi: ‘Nxa senifikile osebeni lomfula iJordani, niyokuma ninganyakazi.’ ” UJoshuwa wayesethi kubantu bakwa-Israyeli: “Sondelani nizwe amazwi kaSimakade uNkulunkulu wenu.” UJoshuwa wayesethi: “Niyokwazi ngalokhu ukuthi uNkulunkulu ophilayo uphakathi kwenu, ongayikwehluleka ukuxosha phambi kwenu amaKhanani, amaHithi, amaHivi, amaPherizi, amaGirigashi, ama-Amori, namaJebusi. Bhekani, umphongolo wesivumelwano seNkosi yomhlaba wonke uzokwedlula phambi kwenu eJordani. Ngakho-ke khethani amadoda ali-12 kuzo zonke izizwana zakwa-Israyeli, abe munye kuleso naleso sizwe. Kuyothi lapho amathe ezinyawo zabaphristi abathwele umphongolo kaSimakade, iNkosi yomhlaba wonke, ethinta amanzi eJordani, amanzi eJordani ageleza evela enhla ayokuma, ayokuma abe yintaba.” Kwathi lapho abantu besuka emathendeni abo ukuba bawele iJordani, abaphristi abathwele umphongolo wesivumelwano babephambi kwabo. Lapho abathwele umphongolo befika eJordani, nezinyawo zabaphristi sezithinte amanzi osebeni lomfula iJordani ogola izintethe ngaso sonke isikhathi sokuvuna, amanzi anqamuka ukugeleza, aba yintaba aze ayofinyelela ngase-Adamu, eliseduze neZarethani. Kwathi amanzi agelezela olwandle i-Araba, uLwandle Lukasawoti nawo anqamuka, abantu bawela umfula maqondana neJerikho. Abaphristi ababethwele umphongolo wesivumelwano sikaSimakade bama bangathi nyaka emhlabathini owomile phakathi kweJordani, saze sawela sonke isizwe sakwa-Israyeli, sihamba emhlabathini owomileyo.

UJoshuwa 3:1-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

UJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu, basuka eShithimi, bafika eJordani, yena nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli, balala khona ebusuku bengakaweli. Kwathi emva kwezinsuku ezintathu izinduna zadabula phakathi kwekamu.* Zayala abantu, zathi: “Nxa nibona umphongolo wesivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu nabapristi bamaLevi bewuthwala, niyakusuka endaweni yenu, niwulandele. Nokho kuyakuba khona ibanga phakathi kwenu nawo, lingangezingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngokulinganisa, ningasondeli kuwo, ukuba nazi indlela eniyakuhamba ngayo, ngokuba anidlulanga ngale ndlela phambili.” UJoshuwa wathi kubantu: “Zingcweliseni, ngokuba kusasa uJehova uyakwenza izimangaliso phakathi kwenu.” UJoshuwa wakhuluma kubapristi, wathi: “Phakamisani umphongolo wesivumelwano, niwele phambi kwabantu.” Baphakamisa-ke umphongolo wesivumelwano, bahamba phambi kwabantu. UJehova wathi kuJoshuwa: “Namuhla ngizakuqala ukukukhulisa emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli ukuba bazi ukuthi njengalokho nganginoMose, kanjalo ngiyakuba nawe. Wobayala abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano, uthi: ‘Nxa senifikile onqenqemeni lwamanzi aseJordani, niyakuma ngaseJordani.’ ” UJoshuwa wathi kubantwana bakwa-Israyeli: “Sondelani lapha, nizwe amazwi kaJehova uNkulunkulu wenu.” Wathi uJoshuwa: “Niyakwazi ngalokhu ukuthi uNkulunkulu ophilayo uphakathi kwenu nokuthi uyakuxosha nokuxosha phambi kwenu amaKhanani, namaHeti, namaHivi, namaPherizi, namaGirigashi, nama-Amori, namaJebusi. Bhekani, umphongolo wesivumelwano seNkosi yomhlaba wonke uwela iJordani phambi kwenu. Ngalokho zithatheleni manje amadoda ayishumi nambili ezizweni zakwa-Israyeli, indoda ibenye ngesizwe. Kuyakuthi lapho amathe ezinyawo zabapristi abathwala umphongolo kaJehova, iNkosi yomhlaba wonke, eyakuma emanzini aseJordani, amanzi aseJordani anqamuke, amanzi avela ngenhla, eme nqwabanye.” Kwathi lapho abantu besuka ematendeni abo ukuba bawele iJordani, abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano bephambi kwabantu, nalapho abathwala umphongolo sebefikile eJordani, izinyawo zabapristi abathwala umphongolo zicwilile onqenqemeni lwamanzi aseJordani eligcwele phezu kwalo lonke ugu lwalo izinsuku zonke zokuvuna, ayesema amanzi avela ngenhla, afukuka aba nqwabanye kude kakhulu ngase-Adamu, umuzi oseceleni kweSaretani; lawo ewuka eya ngaseLwandle lwase-Araba, uLwandle Lukasawoti, anqamuka impela; abantu base bewela maqondana neJeriko. Abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova bema baqina emhlabathini owomileyo ngaphakathi neJordani, abantu bonke bawela emhlabathini owomileyo, saze sawela iJordani isizwe sonke saphelela.

UJoshuwa 3:1-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

UJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu; basuka eShithimi, bafika eJordani, yena nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli, balala khona ngaphambi kokuba bawele. Kwathi emva kwezinsuku ezintathu izinduna zadabula ibutho; Bayala abantu, bathi: “Nxa nibona umphongolo wesivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu nabapristi bamaLevi abawuthwalayo, nisuke endaweni yenu, niwulandele. Nokho kuyakuba khona isikhala phakathi kwakho naye, okungaba izingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngesilinganiso; ningasondeli kuyo, ukuze nazi indlela eniyakuhamba ngayo; UJoshuwa wathi kubantu: “Zingcweliseni, ngokuba kusasa uJehova uyakwenza izimangaliso phakathi kwenu.” UJoshuwa wakhuluma kubapristi, wathi: “Phakamisani umphongolo wesivumelwano, niwele phambi kwabantu.” Basebewuphakamisa umphongolo wesivumelwano, baphuma phambi kwabantu. INkosi yasisithi kuJoshuwa: Lamuhla ngizaqala ukukukhulisa phambi kwamehlo kaIsrayeli wonke, ukuze bazi ukuthi njengalokho nganginaye uMozisi, ngokunjalo ngizakuba lawe. Uyala abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano, uthi: ‘Nxa nifika onqenqemeni lwamanzi aseJordani, nime eJordani. UJoshuwa wayesethi kubantwana bakwa-Israyeli: “Wozani lapha nizwe amazwi kaJehova uNkulunkulu wenu. UJoshuwa wasesithi: Ngalokhu lizakwazi ukuthi uNkulunkulu ophilayo uphakathi kwenu, lokuthi uzaxotsha amaKhanani, lamaHethi, lamaHivi, lamaPerizi, lamaGirigashi, lamaAmori phambi kwenu, kanye lamaJebusi. Bhekani, umphongolo wesivumelwano seNkosi yomhlaba wonke uhamba phambi kwenu ukuya eJordani. Zithatheleni manje amadoda ayishumi nambili ezizweni zakwa-Israyeli, indoda eyodwa esizweni. Kuyakuthi lapho amathe ezinyawo zabapristi abathwala umphongolo kaJehova, iNkosi yomhlaba wonke, ephumula emanzini aseJordani, amanzi aseJordani anqanyulwe. Emanzini ehla evela phezulu; bayakuma phezu kwenqwaba. Lapho abantu bekhuphuka besuka ematendeni abo ukuba bawele iJordani, nabapristi abathwala umphongolo wesivumelwano phambi kwabantu; Kwathi abathwali bomphongolo befika eJordani, izinyawo zabapristi abathwele umphongolo zicwile onqenqemeni lwamanzi, ngokuba iJordani ligudla usebe lwalo lonke isikhathi sokuvuna; Amanzi ehla evela phezulu ema akhuphuka aba yinqwaba kude kakhulu nomuzi ka-Adamu oseceleni kweSaretani, nalawo ayehlela olwandle lwaseThafeni, uLwandle Lukasawoti, aphela, aqedwa; abantu badabula iJeriko. Abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova bema baqina emhlabathini owomileyo phakathi neJordani, bonke abakwa-Israyeli badabula emhlabathini owomileyo, kwaze kwaba yilapho isizwe sonke siwela iJordani sihlambulukile.