UJoshuwa 24:1-4
UJoshuwa 24:1-4 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UJoshuwa wayeseqoqa zonke izizwana zakwa-Israyeli eShekhemi, wabiza amalunga akwa-Israyeli, izinhloko, abehluleli, nezikhulu, bema phambi kukaNkulunkulu. UJoshuwa wathi kubo bonke abantu: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Emandulo okhokho benu, uThera namadodana akhe u-Abhrahama noNahori, babehlala ngaphesheya komfula, bekhonza abanye onkulunkulu. Ngamthatha ukhokho wenu u-Abhrahama ngaphesheya komfula, ngamhola edabula lonke iKhanani, ngenza isizukulwane sakhe saba singi, ngamnika u-Isaka. U-Isaka ngamnika uJakobe no-Esawu. Ngamnika u-Esawu elezintaba kuze kube seSeyiri ukuba alidle libe yifa lakhe, kodwa uJakobe nabantwana bakhe behlela eGibhithe.
UJoshuwa 24:1-4 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJoshuwa wabutha zonke izizwe zakwa-Israyeli eShekemi, wabiza amalunga akwa-Israyeli, nezinhloko zakhe, nabahluleli bakhe, nezinduna zakhe, bema phambi kukaNkulunkulu. UJoshuwa wathi kubantu bonke: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Oyihlo bahlala endulo ngaphesheya koMfula,* uThera uyise ka-Abrahama noyise kaNahori, bakhonza abanye onkulunkulu. Ngamthatha uyihlo u-Abrahama ngaphesheya koMfula,* ngamhambisa ezweni lonke laseKhanani, ngayandisa inzalo yakhe, ngamupha u-Isaka. Ngamupha u-Isaka oJakobe no-Esawu; ngamnika u-Esawu intaba yaseSeyiri ukuba ayidle; uJakobe nabantwana bakhe behlela eGibithe.
UJoshuwa 24:1-4 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJoshuwa wabutha zonke izizwe zakwa-Israyeli eShekemi, wabiza amalunga akwa-Israyeli, nezinhloko zabo, nabahluleli bakhe, nezinduna zabo; bazimisa phambi kukaNkulunkulu. UJoshuwa wayesethi kubo bonke abantu: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Ezinsukwini zasendulo oyihlo babehlala ngaphesheya koMfula, uThera, uyise ka-Abrahama, noyise kaNahori; bakhonza abanye onkulunkulu. Ngamthatha uyihlo u-Abhrahama ngaphetsheya kukazamcolo, ngamhambisa elizweni lonke laseKhanani, ngayandisa inzalo yakhe ngamnika u-Isaka. Ngamnika u-Isaka oJakobe no-Esawu; ngamnika u-Esawu intaba yaseSeyiri ukuba ayidle; kepha uJakobe kanye nabantwana bakhe behlela eGibithe.