UJoshuwa 22:1-5
UJoshuwa 22:1-5 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UJoshuwa wayesebiza abakwaRubeni, nabakwaGadi, nengxenye yesizwana sakwaManase, wathi kubo: “Nikugcinile konke uMose inceku kaSimakade aniyala ngakho, futhi nangilalela kukho konke enganiyala ngakho; anibalahlanga abafowenu ngazo zonke lezi zinsuku kuze kube namuhla, kodwa nikuqikelele ukugcina konke uSimakade uNkulunkulu wenu aniyale ngakho. Manje uSimakade uNkulunkulu wenu usebanike ukuthula abafowenu njengoba ayebathembisile; ngakho-ke buyelani emuva emathendeni enu ezweni eliyisabelo senu, izwe uMose inceku kaSimakade aninika lona ngaphesheya kweJordani. Qaphelani ukuba nigcine imiyalo nomthetho aniyala ngakho uMose, inceku kaSimakade, ukuba nimthande uSimakade uNkulunkulu wenu, nihambe kuzo zonke izindlela zakhe, nigcine imiyalo yakhe, ninamathele kuye, nimkhonze ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu.”
UJoshuwa 22:1-5 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJoshuwa wababiza abakwaRubeni, nabakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase, wathi kubo: “Nigcinile konke uMose inceku kaJehova aniyala ngakho, nalalela izwi lami kukho konke enganiyala ngakho; anishiyanga abafowenu lezi zinsuku eziningi kuze kube namuhla, kepha nigcinile imfanelo yomyalo kaJehova uNkulunkulu wenu. Manje uJehova uNkulunkulu wenu ubanikile abafowenu ukuphumula njengalokho ebekhuluma kubo; ngalokho buyani, niye ematendeni enu ezweni lefa lenu aninika lona uMose inceku kaJehova ngaphesheya kweJordani. Qaphelisisani kuphela ukwenza imiyalo nomthetho aniyala ngakho uMose inceku kaJehova ukuba nimthande uJehova uNkulunkulu wenu, nihambe kuzo zonke izindlela zakhe, nigcine imiyalo yakhe, ninamathele kuye, nimkhonze ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu.”
UJoshuwa 22:1-5 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJoshuwa wayesebiza abakwaRubeni nabakwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase, Wathi kubo: “Nikugcinile konke uMose inceku kaJehova aniyala ngakho, nalalela izwi lami kukho konke enganiyala ngakho. Anibashiyanga abafowenu izinsuku eziningi kuze kube namuhla, kodwa niyigcinile inkonzo yomyalo kaJehova uNkulunkulu wenu. Manje uJehova uNkulunkulu wenu ubanikile abafowenu ukuphumula njengokusho kwakhe kubo; ngalokho buyelani manje, niye ematendeni enu nasezweni lefa lenu aninika lona uMose inceku kaJehova ngaphesheya kweJordani. Kepha qaphelani ukwenza umyalo nomthetho uMose inceku kaJehova aniyala ngawo wokuthanda uJehova uNkulunkulu wenu, nihambe ezindleleni zakhe zonke, nigcine imiyalo yakhe, ninamathele kuye, nimkhonze ngayo yonke inhliziyo yenu. Nangawo wonke umphefumulo wakho.