UJoshuwa 21:43-45
UJoshuwa 21:43-45 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJehova wamnika-ke u-Israyeli lonke izwe afunga ukubanika lona oyise, balidla, bakha kulo. UJehova wabanika ukuphumula nxazonke njengakho konke ayekufungile koyise; kwakungekho muntu kuzo zonke izitha zabo owema phambi kwabo; uJehova wanikela zonke izitha zabo esandleni sabo. Akuphuthanga lutho kukho konke okuhle uJehova akukhuluma khona kuyo indlu ka-Israyeli; kwenziwa konke.
UJoshuwa 21:43-45 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJehova wamnika u-Israyeli lonke izwe ayefunge ukulinika oyise; balidla, bahlala kulo. UJehova wabanika ukuphumula nxazonke njengakho konke ayekuthembisile koyise ngesifungo; akwabakho muntu kuzo zonke izitha zabo owama phambi kwabo; uJehova wanikela zonke izitha zabo esandleni sabo. Kakusweli lutho oluhle uJehova alukhulumile endlini kaIsrayeli; konke kwenzeka.
UJoshuwa 21:43-45 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USimakade wamnika kanjalo u-Israyeli lonke izwe ayefunge kokhokho bakhe ukuthi uzobanika lona; sebelidlile laba yisabelo sabo, bahlala kulo. USimakade wayesebapha ukuthula nhlangothi zonke njengalokhu ayefungile kokhokho babo; akukho nasinye ezitheni zabo esama phambi kwabo, ngokuba uSimakade wayezinikele zonke izitha zabo ezandleni zabo. Akukho nasinye kulezo zithembiso ezinhle uSimakade ayezethembise indlu ka-Israyeli esingafezekanga; zonke zafezeka.