UJobe 38:1-7
UJobe 38:1-7 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USimakade wayesemphendula uJobe esesivunguvungwini, wathi: “Ngubani lo ofiphaza iseluleko ngamazwi angenalwazi na? Bopha ukhalo lwakho njengendoda, ngizokubuza, wena ungazise. Wawukuphi lapho ngibeka izisekelo zomhlaba na? Ngitshele uma ukwazi ukuqonda. Ngubani owamisa izilinganiso zawo, ngabe uyazi na? Ngubani owelula umucu wokulinganisa phezu kwawo na? Zabekwa phezu kwani izisekelo zawo na? Labekwa ngubani itshe lawo legumbi, lapho izinkanyezi zokusa zihlabelela kanyekanye, nawo wonke amadodana kaNkulunkulu ejabula na?
UJobe 38:1-7 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJehova wayesemphendula uJobe esesivunguzaneni, wathi: Ngubani lo owenza mnyama iseluleko ngamazwi angelalwazi? Bhinca izinkalo zakho njengendoda; ngoba ngiyakubuza kuwe, njalo uzangiphendula. Wawukuphi lapho ngibeka izisekelo zomhlaba? memezela, uma unengqondo. Ngubani owamisa izilinganiso zawo, uma uyazi? noma ngubani owalidweba? Izisekelo zawo zimi phezu kwani? noma owabeka itshe lalo legumbi; Lapho izinkanyezi zokusa zahlabelela kanyekanye, futhi wonke amadodana kaNkulunkulu ajabula?
UJobe 38:1-7 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJehova wayesemphendula uJobe esesikhwishikhwishini, ethi: “Ngubani lo owenza mnyama isiluleko ngamazwi angenalwazi na? Bopha izinkalo zakho njengendoda; ngizakukubuza, wena ungazise. Wawukuphi, lapho ngasekela umhlaba, na? Ngitshele, uma ukwazi ukuqonda. Ngubani owanquma izilinganiso zawo, ngokuba uyakwazi phela! Ngubani owelula umucu wokulinganisa phezu kwawo na? Izisekelo zawo zabekwa phezu kwani na? Ngubani owabeka itshe lawo legumbi, lapho izinkanyezi zokusa zahlabelela kanyekanye, nawo onke amadodana kaNkulunkulu ajabula, na?