UJobe 38:1-4
UJobe 38:1-4 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJehova wayesemphendula uJobe esesivunguzaneni, wathi: Ngubani lo owenza mnyama iseluleko ngamazwi angelalwazi? Bhinca izinkalo zakho njengendoda; ngoba ngiyakubuza kuwe, njalo uzangiphendula. Wawukuphi lapho ngibeka izisekelo zomhlaba? memezela, uma unengqondo.
UJobe 38:1-4 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USimakade wayesemphendula uJobe esesivunguvungwini, wathi: “Ngubani lo ofiphaza iseluleko ngamazwi angenalwazi na? Bopha ukhalo lwakho njengendoda, ngizokubuza, wena ungazise. Wawukuphi lapho ngibeka izisekelo zomhlaba na? Ngitshele uma ukwazi ukuqonda.
UJobe 38:1-4 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJehova wayesemphendula uJobe esesikhwishikhwishini, ethi: “Ngubani lo owenza mnyama isiluleko ngamazwi angenalwazi na? Bopha izinkalo zakho njengendoda; ngizakukubuza, wena ungazise. Wawukuphi, lapho ngasekela umhlaba, na? Ngitshele, uma ukwazi ukuqonda.