UJobe 38:1-11
UJobe 38:1-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJehova wayesemphendula uJobe esesikhwishikhwishini, ethi: “Ngubani lo owenza mnyama isiluleko ngamazwi angenalwazi na? Bopha izinkalo zakho njengendoda; ngizakukubuza, wena ungazise. Wawukuphi, lapho ngasekela umhlaba, na? Ngitshele, uma ukwazi ukuqonda. Ngubani owanquma izilinganiso zawo, ngokuba uyakwazi phela! Ngubani owelula umucu wokulinganisa phezu kwawo na? Izisekelo zawo zabekwa phezu kwani na? Ngubani owabeka itshe lawo legumbi, lapho izinkanyezi zokusa zahlabelela kanyekanye, nawo onke amadodana kaNkulunkulu ajabula, na? “Ngubani owavalela ulwandle ngezicabha, lapha lwabhoboka kungathi lwaphuma esiswini, lapho ngabeka amafu aba yisambatho salo, nesigayegaye saba yimbeleko yalo, nalapho ngalumisela umncele wami, ngamisa imigoqo nezicabha, ngathi: ‘Uyakufika lapha, kepha ungadluli; lapha amaza akho aziqhenyayo ayakumiswa,’ na?
UJobe 38:1-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJehova wayesemphendula uJobe esesivunguzaneni, wathi: Ngubani lo owenza mnyama iseluleko ngamazwi angelalwazi? Bhinca izinkalo zakho njengendoda; ngoba ngiyakubuza kuwe, njalo uzangiphendula. Wawukuphi lapho ngibeka izisekelo zomhlaba? memezela, uma unengqondo. Ngubani owamisa izilinganiso zawo, uma uyazi? noma ngubani owalidweba? Izisekelo zawo zimi phezu kwani? noma owabeka itshe lalo legumbi; Lapho izinkanyezi zokusa zahlabelela kanyekanye, futhi wonke amadodana kaNkulunkulu ajabula? Ngubani owavala ulwandle ngezicabha ekugqabhukeni kwalo, kungathi luphuma esizalweni na? Lapho ngenza ifu libe yingubo yakhe, nobumnyama baba yindwangu yakhe; Niyaphule indawo yami emisiweyo, nibeke imigoqo nezicabha, wathi: “Uzakuza kuze kube manje, kepha awuyikudlula; lapha kuyakuvinjwa amaza akho aziqhenyayo na?
UJobe 38:1-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USimakade wayesemphendula uJobe esesivunguvungwini, wathi: “Ngubani lo ofiphaza iseluleko ngamazwi angenalwazi na? Bopha ukhalo lwakho njengendoda, ngizokubuza, wena ungazise. Wawukuphi lapho ngibeka izisekelo zomhlaba na? Ngitshele uma ukwazi ukuqonda. Ngubani owamisa izilinganiso zawo, ngabe uyazi na? Ngubani owelula umucu wokulinganisa phezu kwawo na? Zabekwa phezu kwani izisekelo zawo na? Labekwa ngubani itshe lawo legumbi, lapho izinkanyezi zokusa zihlabelela kanyekanye, nawo wonke amadodana kaNkulunkulu ejabula na? “Ngubani owavalela ulwandle ngezivalo, lapho luqhibuka, luphuma esiswini, ngesikhathi ngibeka amafu eba yisembatho salo, nesigayegaye siba yimbeleko yalo, nalapho ngilumisela umngcele walo, ngimisa imigoqo nezicabha, ngathi: ‘Uyokhuphuka ugcine lapha, kepha awuyukudlula, kulapho amaza akho aziqhenyayo azokuma khona’?