UJobe 33:15-18
UJobe 33:15-18 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ephusheni nasembonweni ebusuku, lapho abantu belele ubuthongo obunzima, bethe zwi emibhedeni yabo, khona uyazivula izindlebe zabantu, abethuse ngezexwayiso zakhe, ukuze amphendule umuntu ezenzweni zakhe, ashabalalise ukuzidla kumuntu. Umphefumulo wakhe awuphephise egodini, nokuphila kwakhe kungabhujiswa ngomkhonto.
UJobe 33:15-18 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ephusheni nasembonweni wasebusuku, lapho abantu behlelwe ngubuthongo obunzima, bozela emacansini, khona uyavula izindlebe zabantu, abeke uphawu ekufundisweni kwabo, ukuze aphambukise umuntu ekwenzeni kwakhe, anqume ukuzidla kumuntu; unqanda umphefumulo wakhe ekubhujisweni, nokuphila kwakhe ukuba kungachithwa ngomkhonto.
UJobe 33:15-18 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ephusheni, embonweni wasebusuku, lapho ubuthongo obunzima bubehlela abantu, ebuthongweni embhedeni; Bese evula izindlebe zabantu, avale ukulaya kwabo, ukuze asuse umuntu enjongweni yakhe futhi afihlele umuntu ukuzigqaja. Ugcina umphefumulo wakhe egodini nokuphila kwakhe ukuba kungabhubhi ngenkemba.