UJobe 31:13-15
UJobe 31:13-15 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Uma ngidelele ukwahlulelwa kwenceku yami noma okwencekukazi yami, lapho bephikisana nami, ngiyakwenze njani, lapho uNkulunkulu evuka, nalapho engiphenya, ngingaphendula ngokuthini na? Owangenza mina esiswini, wabenza nabo; owasibumba esizalweni munye.
UJobe 31:13-15 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Uma ngingalumelanga udaba lwesigqila sami sesilisa noma sesifazane lapho sikhononda ngami, ngiyokwenzenjani lapho uNkulunkulu esukuma na? Lapho engiphenya, ngiyophendula ngithini na? Yena owangibumba esiswini, akusiye yini owabenza nabo na? Akamunye yini owasibumba esizalweni na?
UJobe 31:13-15 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Uma ngilidelele ilungelo lenceku yami noma lencekukazi yami lapho bexabana nami; Ngizakwenzani-ke nxa uNkulunkulu esukuma? uma efika, ngiyakumphendula ngithini na? Owangenza esiswini akamenzanga na? futhi akasibumbanga namunye esiswini sikanina?