UJobe 30:20-26
UJobe 30:20-26 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Ngikhala kuwe, kodwa awungiphenduli, ngimi lapha, kepha awunginaki. Usungiphendukele, waba nonya kimi; uyangihlukumeza ngamandla esandla sakho. Ungiphakamisele emoyeni, wangikhweza kuwo, wangiphonsa le nale ngokuhlokoma kwesivunguvungu. Ngiyazi ukuthi uzongiyisa ekufeni nasendlini okubuthanela kuyo bonke abaphilayo. “Impela umuntu akayukumfulathela owentulayo lapho esekuhluphekeni, ekhala ecela usizo. Angimkhalelanga yini ozinsuku zakhe zinzima na? Umphefumulo wami awubahawukelanga yini abampofu na? Lapho ngilindele okuhle, kwafika okubi, ngalindela ukukhanya, kwafika ubumnyama.
UJobe 30:20-26 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngikhala kuwe, kodwa awungizwa; ngiyasukuma, awungiboni. Ube nesihluku kimi; ngesandla sakho esinamandla uyamelana nami. Uyangiphakamisela emoyeni; Ungivumele ngigibele phezu kwayo futhi ngihlakaze impahla yami. Ngokuba ngiyazi ukuthi uyakungiyisa ekufeni nasendlini emiselwe bonke abaphilayo. Kodwa ngeke elulele isandla sakhe endaweni yabafileyo, ngisho noma bebiza ukuwa kwakhe. Angimkhalelanga yini ososizini na? Umphefumulo wami awubanga lusizi ngabampofu na? Lapho ngilindele okuhle, ububi bangehlela; kwathi ngilindele ukukhanya, kwafika ubumnyama.
UJobe 30:20-26 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Ngikhala kuwe, kepha awungiphenduli; ngimi lapha, uyangibuka nje. Uyaguquka ukuze ungiphathe ngonya; ngamandla esandla sakho uyangizingela. Uyangiphakamisela emoyeni, ungikhwelisa kuwo, wenze ukuba ngincibilike ngokuhlokoma kwesivunguvungu. Ngokuba ngiyazi ukuthi ungiyisa ekufeni nasendlini yokubuthana kwabaphilayo bonke. “Kepha umuntu angelule isandla sakhe encithakalweni, akhale uma esengozini, na? Angimkhalelanga yini ozinsuku zakhe zazilukhuni na? Umphefumulo wami awuhawukelanga abampofu na? Lapho ngabheka okuhle, kwafika okubi; ngalindela ukukhanya, kwafika ubumnyama.