UJobe 24:22-24
UJobe 24:22-24 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UNkulunkulu uyazandisa izinsuku zokuphila kwamaqhawe ngamandla akhe, uyasukuma lapho kungasekho osenethemba lokuphila. Umupha ukuvikeleka, ameseke; amehlo akhe asezindleleni zabo. Bayaphakanyiswa okwesikhashana, babuye bashabalale; bayabuna, banqunywe njengamazimba.
UJobe 24:22-24 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Uyadonsa namaqhawe ngamandla akhe; uyavuka; akakho osenethemba lokuphila. UNkulunkulu uyamnika ukuba alondeke, asekelwe; kepha amehlo akhe aphezu kwezindlela zabo. Bayaphakanyiswa; emva kwesikhashana abasekho; bayaphela njengabanye, bafe; babuna njengezihloko zezikhwebu.
UJobe 24:22-24 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Futhi udonsa amaqhawe ngamandla akhe; uyavuka, akakho oqinisekayo ngokuphila. Noma ephiwa ukuba alondeke, aphumule kukho; kepha amehlo akhe aphezu kwezindlela zabo. Baphakanyiswa okwesikhatshana, kodwa sebehambile, bathotshiswa; bayasuswa endleleni njengabo bonke abanye banqunywe njengeziqongo zemithambo.