UJobe 2:4-6
UJobe 2:4-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USathane wamphendula uSimakade, wathi: “Uma nje ungathinta inyama yakhe uyobona. Konke umuntu anakho angakunikela ukuze asindise ukuphila kwakhe. Ake welule isandla sakho uthinte amathambo akhe nenyama yakhe, uzobona uyakukuthuka bukhoma.” USimakade wayesethi kuSathane: “Kulungile-ke, ngimnikela esandleni sakho, kodwa ungalinge uthinte umphefumulo wakhe.”
UJobe 2:4-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
USathane wamphendula uJehova, wathi: Isikhumba ngesikhumba, yebo, konke umuntu anakho uyakunika ngokuphila kwakhe. Kepha manje yelula isandla sakho, uthinte emathanjeni akhe nasenyameni yakhe, uyakukuthuka ebusweni bakho. Wayesethi uJehova kuSathane: “Bheka, usesandleni sakho; kodwa usindise impilo yakhe.
UJobe 2:4-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
USathane wamphendula uJehova, wathi: “Isikhumba ngesikhumba, yebo, konke umuntu anakho uyakunika ngokuphila kwakhe. Kepha ake welule isandla sakho, uthinte amathambo akhe nenyama yakhe, impela uyakukuthuka ebusweni bakho.” UJehova wayesethi kuSathane: “Bheka, usesandleni sakho; gcina ukuphila kwakhe kodwa.”