UJobe 2:1-13

UJobe 2:1-13 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Ngelinye ilanga kwafika amadodana kaNkulunkulu, azibonakalisa phambi kukaSimakade; noSathane wafika wema kanye nawo phambi kukaSimakade. USimakade wathi kuSathane: “Uvelaphi na?” USathane wamphendula uSimakade, wathi: “Ekuzulazuleni emhlabeni ngehla ngenyuka kuwo.” Wayesethi uSimakade kuSathane: “Inhliziyo yakho iyiqaphele yini inceku yami uJobe na? Akekho onjengaye emhlabeni, umuntu ongenasici, oqotho, owesaba uNkulunkulu, ogwema okubi, osabambelele ebumsulweni bakhe noma ungibelesela ukuba ngimelane naye, ngimbhubhise engenacala.” USathane wamphendula uSimakade, wathi: “Uma nje ungathinta inyama yakhe uyobona. Konke umuntu anakho angakunikela ukuze asindise ukuphila kwakhe. Ake welule isandla sakho uthinte amathambo akhe nenyama yakhe, uzobona uyakukuthuka bukhoma.” USimakade wayesethi kuSathane: “Kulungile-ke, ngimnikela esandleni sakho, kodwa ungalinge uthinte umphefumulo wakhe.” USathane wayesemuka ebukhoneni bukaSimakade. Wamshaya uJobe ngamathumba amabi, kusukela ematheni onyawo kuze kube sokhakhayini. UJobe wathatha udengezi ukuba azenwaye ngalo; wayehleli emlotheni. Umkakhe wayesethi kuye: “Usabambelele yini ebumsulweni bakho na? Thuka uNkulunkulu, ufe.” Kepha uJobe wathi kuye: “Ukhulumisa okowesifazane oyisiwula. Siyakwamukela okuhle kuphela yini kuNkulunkulu, asiyukwamukela yini nokubi na?” Kukho konke lokho uJobe akonanga ngomlomo wakhe. Kwathi ukuba abangani abathathu bakaJobe bezwe ngakho konke okubi okwakumehlele, bafika njengokuvumelana kwabo ukuzomkhalela nokumduduza, yilowo nalowo esuka endaweni yakhe: u-Elifazi umThemani, uBhilidadi umShuhi, noZofari umNahama. Kuthe besebuqamama baphakamisa amehlo abo, kodwa abambonanga ukuthi nguye; badazuluka bakhala, kwayilowo nalowo waklebhula ingubo yakhe, bazithela amakhanda ngothuli beluphonsa phezulu. Bahlala naye emhlabathini izinsuku eziyisikhombisa nobusuku obuyisikhombisa, bengasho lutho kuye, ngokuba babona ukuthi wayesebuhlungwini obukhulu kakhulu.

Dlulisela
Funda UJobe 2

UJobe 2:1-13 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwathi futhi ngelinye ilanga afika amadodana kaNkulunkulu, ema phambi kukaJehova; noSathane wafika phakathi kwawo ukuba eme phambi kukaJehova. UJehova wathi kuSathane: “Uvelaphi na?” USathane wamphendula uJehova, wathi: “Ekuzuleni emhlabeni nasekuhambahambeni kuwo.” Wayesethi uJehova kuSathane: “Inhliziyo yakho iyiqaphele inceku yami uJobe na? Ngokuba akakho onjengaye emhlabeni, umuntu ongenasici nolungileyo, omesaba uNkulunkulu, obalekela okubi; usabambelela ekupheleleni kwakhe, noma ungivusele ukumchitha engenacala.” USathane wamphendula uJehova, wathi: “Isikhumba ngesikhumba, yebo, konke umuntu anakho uyakunika ngokuphila kwakhe. Kepha ake welule isandla sakho, uthinte amathambo akhe nenyama yakhe, impela uyakukuthuka ebusweni bakho.” UJehova wayesethi kuSathane: “Bheka, usesandleni sakho; gcina ukuphila kwakhe kodwa.” Wayesephuma uSathane ebusweni bukaJehova, wamshaya uJobe ngamathumba amabi, kusukela ematheni onyawo kuze kufike okhakhayini. Wathatha udengezi ukuzozenwaya ngalo; wayehlezi phakathi komlotha. Wayesethi umkakhe kuye: “Usabambelela ekupheleleni kwakho na? Thuka uNkulunkulu, ufe.” Kepha wathi kuye: “Ukhuluma njengalokhu owesifazane oyisiwula ekhuluma. Siyakwamukela okuhle kuphela kuNkulunkulu, singamukeli nokubi, na?” Kukho konke lokho uJobe akonanga ngomlomo wakhe. Lapho abangane abathathu bakaJobe sebezwe ngakho konke lokho okubi okumehleleyo, bafika kuye bevela, kwaba yilowo nalowo endaweni yakhe: ngu-Elifazi umThemani, noBilidadi umShuhi, noSofari umNahama; bavumelana ukuba baye bamkhalele, bamduduze. Lapho bephakamisa amehlo abo besekude, abamazanga; badazuluka bakhala, baklebhula, kwaba yilowo nalowo ingubo yakhe, bafafaza amakhanda abo ngothuli beluphonsa phezulu. Bahlala phansi naye emhlabathini izinsuku eziyisikhombisa nobusuku obuyisikhombisa, akukhulumanga muntu kuye, ngokuba babona ukuthi usizi lwakhe lwalulukhulu kakhulu.

Dlulisela
Funda UJobe 2

UJobe 2:1-13 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kwathi ngolunye usuku lapho amadodana kaNkulunkulu efika ukuma phambi kukaJehova, noSathane wafika phakathi kwawo ukuba ame phambi kukaJehova. UJehova wayesethi kuSathane: “Uvelaphi na? USathane wamphendula uJehova, wathi: “Uhambahamba emhlabeni nasemuva naphambili kuwo. UJehova wathi kuSathane: “Ingabe uyiqaphele inceku yami uJobe ukuthi akakho ofana naye emhlabeni, umuntu oqotho noqotho, owesaba uNkulunkulu futhi ogwema okubi? futhi usagcina ubuqotho bakhe, noma ungivusele kuye ukuba ngimchithe ngeze. USathane wamphendula uJehova, wathi: Isikhumba ngesikhumba, yebo, konke umuntu anakho uyakunika ngokuphila kwakhe. Kepha manje yelula isandla sakho, uthinte emathanjeni akhe nasenyameni yakhe, uyakukuthuka ebusweni bakho. Wayesethi uJehova kuSathane: “Bheka, usesandleni sakho; kodwa usindise impilo yakhe. USathane wayesesuka ebusweni bukaJehova, wamshaya uJobe ngamathumba, kusukela ematheni ezinyawo zakhe kuze kufike okhakhayini. Wasethatha isitsha sobumba ukuze azinwaye ngaso; wahlala phansi emlotheni. Umkakhe wasesithi kuye: Usagcina ubuqotho bakho yini? thuka uNkulunkulu, ufe. Kepha wathi kuye: “Ukhuluma njengokukhuluma kwabesifazane abayiziwula.” Ini? siyakwamukela okuhle esandleni sikaNkulunkulu, singamukeli okubi na? Kukho konke lokhu uJobe akonanga ngomlomo wakhe. Kwathi abangane bakaJobe abathathu bezwa ngakho konke lokhu okubi okumehleleyo, bafika, kwaba yilowo nalowo endaweni yakhe; uElifazi umThemani, noBhilidadi umShuhi, noSofari umNahama; ngoba benza isivumelwano sokudabuka kanye lokumduduza. Lapho bephakamisa amehlo abo bekude, bengamazi, baphakamisa izwi labo, bakhala; baklebhula, kwaba yilowo nalowo ingubo yakhe, bafafaza ngothuli emakhanda abo ezulwini. Bahlala phansi naye izinsuku eziyisikhombisa nobusuku obuyisikhombisa, akwabakho owakhuluma naye, ngokuba babona ukuthi usizi lwakhe lwalulukhulu kakhulu.

Dlulisela
Funda UJobe 2