UJobe 13:1-14
UJobe 13:1-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Bheka, iso lami libone konke; indlebe yami ikuzwile, yakuqonda. Enikwaziyo ngiyakwazi nami; angahlulwa yinina. Kepha ngiyakukhuluma kuSomandla; ngifuna ukuphikisana noNkulunkulu. Kepha ningabaqambimanga; niyizinyanga ezingelutho nonke. Sengathi ningathula nokuthula, lokho kube ngukuhlakanipha kini. Ake nizwe ukuthetha kwami, niqaphele ukuzivikela kwezindebe zami. Niyakumkhulumela uNkulunkulu ngokubi, nimkhulumele ngenkohliso, na? Niyakubuvuma ubuso bakhe, nimmele uNkulunkulu, na? Kuhle yini, lapho eniphendla? Njengalokhu umuntu ekhohliswa niyakumkhohlisa na? Uyakunisola nokunisola, uma nivuna ubuso ngasese. Ubukhulu bakhe abuyikunethusa, nengebhe ngaye inehlele, na? Izikhumbuzo zenu ziyizaga zomlotha; izivikelo zenu ziyizivikelo zebumba. “Thulani, ningiyeke ukuba ngikhulume, kungehlele noma yini. Bengiyakuyithathelani inyama yami ngamazinyo ami, ngibeke ukuphila kwami esandleni sami, na?
UJobe 13:1-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Bheka, iso lami likubone konke, nendlebe yami yezwa, yaqonda. Enikwaziyo nami ngiyakwazi, aningedluli ngalutho. Kepha ngizokhuluma kuSomandla, ngifisa ukuqagulisana noNkulunkulu. Kepha nina ningababheci ngamanga, nonke niyizinyanga ezingathi shu. Sengathi impela ningawuhlaba inhlali, lokho kuyoba ngukuhlakanipha kini. Ake nilalele ukuqagulisana kwami, nizwe isikhalo sezindebe zami. Niyokhuluma okubi yini ngoNkulunkulu, niyokhuluma inkohliso ngaye na? Niyobuvuna yini ubuso bakhe, nimmele uNkulunkulu na? Kuyakuba kuhle yini lapho eniphenya na? Ningamkhohlisa yini njengalokhu kukhohliswa umuntu na? Impela uyakunisola uma niyokwenzelela ngasese. Ubukhosi bakhe abuyukunethusa yini, nokwesabisa kwakhe kwehlele kini na? Izikhumbuzo zenu ziyizaga zomlotha, nezivikelo zenu ziyizivikelo zobumba. “Thulani, ukuze ngikhulume, noma ngabe ngehlelwa yini akusho lutho lokho. Yingani ngibeka ukuphila kwami engcupheni, ngibeka impilo yami ezandleni zami na?
UJobe 13:1-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Bheka, iso lami likubonile konke lokhu, indlebe yami ikuzwile, yakuqondisisa. Enikwaziyo, nami ngiyakwazi: Angiphansi kini. Ngiyakukhuluma nokukhuluma noMninimandla onke, ngithande ukukhuluma noNkulunkulu. Kepha nina ningamanga, ningodokotela abayize nonke; O, sengathi ungathula uthule! futhi lokhu kufanele kube ukuhlakanipha kwakho. Manje yizwani ukuzindla kwami, nilalele ukunxusa kwezindebe zami. Uzakhuluma kubi kuNkulunkulu yini? futhi ukhulume kuye ngenkohliso? Uyakwamukela ubunjalo bakhe na? uzomlwela uNkulunkulu na? Kuhle yini kuye ukuthi akuphenye? noma njengoba umuntu eklolodela omunye, kanjalo nawe uklolode ngaye? Ngokuqinisekile uyonikhuza uma namukela abantu ekusithekeni. Ukuphakama kwakhe akuyikunethusa na? futhi ukukhathazeka kwakhe kuwela phezu kwakho? Izinkumbulo zenu zinjengomlotha, nemizimba yenu injengemizimba yodaka. Thula, ake ngime, ukuze ngikhulume, futhi makwenzeke okuzongehlela. Ngithathelani inyama yami ngamazinyo ami, nginikele ukuphila kwami esandleni sami, na?