NgokukaJohane 9:1-25

NgokukaJohane 9:1-25 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Wathi edlula, wabona umuntu owayeyimpumputhe kwasekuzalweni kwakhe. Abafundi bakhe bambuza bathi: “Rabi, ngubani owonayo, lona noma abazali bakhe, aze azalwe eyimpumputhe na?” UJesu waphendula wathi: “Akonanga noma yena noma abazali bakhe, kodwa ukuze kubonakaliswe kuye imisebenzi kaNkulunkulu. Ngimelwe ukusebenza imisebenzi yongithumileyo, kusesemini; buyeza ubusuku, lapho kungesebenze muntu. Ngisekhona ezweni ngingukukhanya kwezwe.” Eseshilo lokho wafela amathe emhlabathini, wenza udaka ngamathe, waninda amehlo ayo ngodaka. Wathi kuyo: “Hamba uyogeza echibini laseSilowama,” okuhunyushwa ngokuthi oThunyiweyo; yamuka-ke, yageza, yeza ibona. Ngakho abakhelene nayo nababeyibonile phambili iyisinxibi bathi: “Akusiye lo owayehlezi enxiba na?” Abanye bathi: “Nguyena,” abanye bathi: “Qha, kepha ufana naye;” yena wathi: “Nginguye.” Base bethi kuye: “Pho, amehlo akho avulwe kanjani na?” Waphendula yena, wathi: “Umuntu othiwa uJesu wenza udaka, wagcoba amehlo ami, wathi kimi: ‘Yana eSilowama, ugeze.’ Ngaya, ngageza, ngabona.” Bathi kuye: “Uphi yena na?” Wathi: “Angazi.” Bamyisa kubaFarisi lowo okade eyimpumputhe. Kwakuyisabatha mhla uJesu enza udaka, evula amehlo akhe. Khona nabaFarisi futhi bambuza ukuthi ukuthole kanjani ukubona. Wathi kubo: “Waninda amehlo ami ngodaka, ngageza, sengiyabona.” Ngakho abanye kubaFarisi bathi: “Lona kaveli kuNkulunkulu, lokhu engagcini isabatha.” Abanye bathi: “Umuntu oyisoni angazenza kanjani izibonakaliso ezinje na?” Kwaba khona ukwahlukana phakathi kwabo. Khona baphinda bathi kuyo impumputhe: “Wena uthini ngaye, lokhu evule amehlo akho, na?” Yathi: “Ungumprofethi.” Kepha abaJuda abakholwanga ngaye ukuthi wabeyimpumputhe nokuthi usethole ukubona, baze babiza abazali bakhe lowo osethole ukubona. Bababuza bathi: “Lo uyindodana yenu enithi ngayo yazalwa iyimpumputhe na? Pho, isibona kanjani manje na?” Abazali bakhe base bephendula bethi: “Siyazi ukuthi lo uyindodana yethu nokuthi wazalwa eyimpumputhe; kepha ukuthi usebona kanjani kalokhu asazi, nokuthi ngubani ovule amehlo akhe asazi; mbuzeni yena, usekhulile, uzozikhulumela yena.” Abazali bakhe basho lokho, ngokuba besaba abaJuda. Ngokuba abaJuda base bevumelene ngokuthi, uma ekhona ovuma ukuba unguKristu, kakhishwe esinagogeni.* Ngakho-ke abazali bakhe bathi: “Usekhulile, mbuzeni yena.” Bambiza-ke ngokwesibili lowo muntu owabeyimpumputhe, bathi kuye: “Mnike uNkulunkulu udumo; thina siyazi ukuthi lowo muntu uyisoni.” Yena wayesephendula ethi: “Nokuba uyisoni angazi; kunye engikwaziyo, ukuthi bengiyimpumputhe, manje sengiyabona.”

NgokukaJohane 9:1-25 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Wathi edlula, wabona umuntu owayeyimpumputhe kwasekuzalweni kwakhe. Abafundi bakhe bambuza bathi: “Rabi, ngubani owonayo, lona noma abazali bakhe, aze azalwe eyimpumputhe na? UJesu waphendula wathi: “Akonanga noma yena noma abazali bakhe, kodwa ukuze kubonakaliswe kuye imisebenzi kaNkulunkulu. Ngimelwe ukusebenza imisebenzi yongithumileyo kusesemini; Ngisekhona emhlabeni ngiwukukhanya kwezwe. Eseshilo lokho wafela amathe emhlabathini, wenza udaka ngamathe, wagcoba amehlo empumputhe ngodaka. Wathi kuyo: “Hamba ugeze echibini laseSilowama,” okungukuthi ngokuhunyushwa oThunyiweyo. Wahamba-ke, wageza, weza ebona. Ngakho omakhelwane nababe bembonile ngaphambili ukuthi uyimpumputhe bathi: “Lo akuyena yini obehlezi enxiba na? Abanye bathi: Lo nguye; abanye bathi: Unjengaye; kodwa yena wathi: Nginguye. Bathi kuye: “Avulwe kanjani amehlo akho na? Waphendula wathi: “Umuntu othiwa uJesu wenze udaka, wagcoba amehlo ami, wathi kimi: ‘Hamba echibini laseSilowama, ugeze;’ ngahamba ngageza, ngabona. Base bethi kuye: “Uphi yena na? Wathi: Angazi. Bamletha kubaFarisi lowo owayeyimpumputhe ngaphambili. Kwakuyisabatha mhla uJesu enza udaka, evula amehlo akhe. Khona futhi nabaFarisi futhi bambuza ukuthi ukuthole kanjani ukubona. Wathi kubo: “Waninda udaka emehlweni ami, ngageza, sengiyabona. Ngakho abanye kubaFarisi bathi: Lo kaveli kuNkulunkulu, ngoba kagcini isabatha. Abanye bathi: Umuntu oyisoni angenza njani izibonakaliso ezinje? Kwaba khona ukuhlukana phakathi kwabo. Baphinda bathi kuyo impumputhe: “Wena uthini ngaye, lokhu evule amehlo akho na? Wathi: Ungumprofethi. Kepha abaJuda abakholwanga ngaye, ukuthi ubeyimpumputhe, usebuye wabona, aze abiza abazali bakhe lowo osethole ukubona. Bababuza bathi: “Lo uyindodana yenu enithi ngayo yazalwa iyimpumputhe na? pho, isibona kanjani manje na? Abazali bakhe babaphendula bathi: Siyazi ukuthi lo uyindodana yethu, nokuthi wazalwa eyimpumputhe; Kodwa ukuthi usebona njani khathesi asazi; nokuthi ngubani ovule amehlo akhe, asazi; mbuze: uzakuzikhulumela yena. Abazali bakhe bakusho lokho, ngokuba besaba abaJuda, ngokuba abaJuda base bevumelene ngokuthi, uma umuntu ovuma ukuthi unguKristu, akhishwe esinagogeni. Ngakho abazali bakhe bathi: “Usekhulile; buza kuye. Base bephinda bembiza lowo muntu owayeyimpumputhe, bathi kuye: “Dumisa uNkulunkulu; Yena waphendula wathi: Noma uyisoni angazi; kunye engikwaziyo, ukuthi bengiyimpumputhe, manje sengiyabona.

NgokukaJohane 9:1-25 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

NgokukaJohane 9:1-25 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kuthe uJesu edlula, wabona indoda eyayiyimpumputhe kwasekuzalweni. Abafundi bakhe bambuza, bathi: “Rabi, ngubani owonayo; yilo noma ngabazali bakhe, ukuze azalwe eyimpumputhe na?” UJesu waphendula, wathi: “Akonanga yena noma abazali bakhe, kodwa ukuze kubonakaliswe imisebenzi kaNkulunkulu kuye. Kufanele senze imisebenzi yongithumileyo kusesemini; buyeza ubusuku lapho kungekho ongasebenza khona. Ngisekhona ezweni, ngingukukhanya kwezwe.” Esekushilo lokho wafela amathe emhlabathini, wenza ngawo udaka, wayeseninda amehlo ayo ngalo, wathi kuyo: “Hamba uyogeza echibini laseSilowama,” igama elihunyushwa kuthiwe, oThunyiweyo. Yahamba-ke, yageza, yabuya isibona. Ngakho-ke omakhelwane nalabo ababeyibone phambilini inqiba, babuzana bodwa, bathi: “Le ndoda akusiyo yini ebihlala inqiba na?” Abanye bathi: “Yiyona,” abanye bathi: “Qha, kodwa ifana nayo.” Indoda yathi: “Yimina.” Base bethi kuyo: “Pho amehlo akho avulwe kanjani na?” Yaphendula yathi: “Umuntu okuthiwa nguJesu wenza udaka, waninda amehlo ami, wayesethi kimi: ‘Hamba uye eSilowama, uyogeza.’ Ngahamba-ke, ngageza, ngase ngiyabona.” Bathi kuyo: “Uphi pho na?” Yathi: “Angazi.” Base bemyisa kubaFarisi obekade eyimpumputhe. KwakuyiSabatha mhla uJesu enza udaka, evula amehlo ayo. AbaFarisi nabo bambuza futhi ukuthi kwenzeke kanjani ukuba abone. Wathi kubo: “Uninde amehlo ami ngodaka, ngageza, ngase ngiyabona.” Ngakho-ke abanye kubaFarisi bathi: “Lo muntu akaveli kuNkulunkulu, ngokuba akawuhloniphi umthetho wesabatha.” Abanye bathi: “Umuntu oyisoni angazenza kanjani izibonakaliso ezinje na?” Kwaba khona ukwehlukana phakathi kwabo. Ngalokho-ke baphinde bathi kobeyimpumputhe: “Wena uthini ngaye, njengoba evule amehlo akho na?” Yathi: “Ungumphrofethi.” Kepha abaJuda abakholwanga ukuthi ubeyimpumputhe nokuthi useyabona, baze babiza abazali balowo osebona. Bababuza bathi: “Ngabe lo uyindodana yenu enithi ngayo yazalwa ingaboni na? Pho kukanjani ukuba manje ibone na?” Abazali bayo baphendula bathi: “Siyazi ukuthi lo muntu uyindodana yethu nokuthi wazalwa eyimpumputhe. Kepha ukuthi usebona kanjani manje nokuthi ngubani ovule amehlo akhe, asazi; buzani yena; usekhulile, uzakuziphendulela yena.” Abazali bayo basho lokho, ngokuba babesaba abaJuda, lokhu abaJuda base bevumelene ngokuthi, uma kukhona ovuma ukuthi unguKhristu, uzakunqunywa esinagogeni. Ngakho-ke abazali bayo bathi: “Isikhulile, buzani yona.” Bayibiza ngokwesibili le ndoda ebiyimpumputhe, bathi kuyo: “Mnike uNkulunkulu udumo; thina siyazi ukuthi lo muntu uyisoni.” Khona indoda yaphendula, yathi: “Ukuthi uyisoni noma qha, angazi; kunye engikwaziyo, ukuthi bengiyimpumputhe, manje sengiyabona.”