NgokukaJohane 4:4-9
NgokukaJohane 4:4-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwakufanele ukuba adabule eSamariya. Ngakho-ke wafika eSamariya emzini okuthiwa yiSikhari, eduze nesiqinti uJakobe asinika uJosefa, indodana yakhe. Kwakukhona umthombo kaJakobe lapho. Ngakho-ke uJesu esekhathele ukuhamba, wahlala ngasemthonjeni. Kwakungaba yihora lesithupha. Kwafika owesifazane waseSamariya ezokukha amanzi. UJesu wathi kuye: “Ake ungiphuzise.” Abafundi bakhe babesahambile beyothenga ukudla emzini. Owesifazane waseSamariya waphendula, wathi: “Kungenzeka kanjani ukuba Wena ungumJuda, ucele kimi engingowesifazane waseSamariya ukuba ngikuphuzise na?” Phela abaJuda abadlelani namaSamariya.
NgokukaJohane 4:4-9 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwakumele adabule eSamariya. Wayesefika emzini waseSamariya othiwa iSikhari, eduze nesiqephu sensimu uJakobe asinika uJosefa indodana yakhe. Kwakukhona umthombo kaJakobe. Ngakho uJesu ekhathele ukuhamba wahlala kanjalo ngasemthonjeni. Kwakungaba yihora lesithupha. Kwafika owesifazane waseSamariya ukuzokukha amanzi; uJesu wathi kuye: “Ngiphuzise. (Ngokuba abafundi bakhe babehambile baya emzini ukuyothenga ukudla.) Owesifazane waseSamariya wathi kuye: “Kungani wena ungumJuda ucela ukuphuziswa yimi engingowesifazane waseSamariya na? ngoba amaJuda kawadlelani lamaSamariya.
NgokukaJohane 4:4-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwakuswelekile ukuba adabule iSamariya. Khona wafika emzini waseSamariya ogama lawo yiSikhari, eduze nesiqinti uJakobe asinika uJosefa indodana yakhe. Wawukhona lapho umthombo kaJakobe. Ngakho uJesu ekhathele ukuhamba wayesehlala ngasemthonjeni. Kwakungaba yihora lesithupha. Owesifazane waseSamariya weza ezokukha amanzi. UJesu wathi kuye: “Ngiphuzise.” Ngokuba abafundi bakhe babehambile baya emzini beyothenga ukudla. Khona owesifazane waseSamariya wathi kuye: “Yini ukuba wena ongumJuda ucele ukuphuziswa yimi engingowesifazane waseSamariya na?” Ngokuba abaJuda abadlelani namaSamariya.
NgokukaJohane 4:4-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)