NgokukaJohane 4:11-15
NgokukaJohane 4:11-15 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Owesifazane wathi kuye: “Nkosi, kawunalutho lokukha, nomthombo ujulile; uwathathephi lawo manzi aphilayo na? Wena umkhulu yini kunobaba uJakobe owasinika lo mthombo, waphuza kuwo yena, nabantwana bakhe, nezinkomo zakhe, na? UJesu waphendula wathi kuye: “Yilowo nalowo ophuza lawa manzi uyakubuye ome; Kepha lowo ophuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kodwa amanzi engizamnika wona azakuba kuye umthombo wamanzi aphuphumayo empilweni elaphakade. Owesifazane wathi kuye: “Nkosi, ngiphe lawo manzi, ukuze ngingomi, futhi ngingezi ukuzokha lapha.
NgokukaJohane 4:11-15 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Owesifazane wathi kuye: “Nkosi, kawunalutho lokukha, nomthombo ujulile; uwathathephi lawo manzi aphilayo na? Wena umkhulu yini kunobaba uJakobe owasinika lo mthombo, waphuza kuwo yena, nabantwana bakhe, nezinkomo zakhe, na? UJesu waphendula wathi kuye: “Yilowo nalowo ophuza lawa manzi uyakubuye ome; Kepha lowo ophuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kodwa amanzi engizamnika wona azakuba kuye umthombo wamanzi aphuphumayo empilweni elaphakade. Owesifazane wathi kuye: “Nkosi, ngiphe lawo manzi, ukuze ngingomi, futhi ngingezi ukuzokha lapha.
NgokukaJohane 4:11-15 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Owesifazane wathi kuye: “Nkosi, awuphethe sitsha sokukha, kanti umthombo ujulile. Pho uwathathaphi lawo manzi aphilayo na? Ngabe Wena umkhulu yini kunokhokho wethu uJakobe owasipha lo mthombo, waphuza kuwo, yena namadodana akhe nemihlambi yakhe na?” UJesu waphendula, wathi kuye: “Yilowo nalowo ophuza lawa manzi uyakuphinde ome. Kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona, akayikoma naphakade. Ngokuba amanzi engiyakumnika wona ayakuba kuye ngumthombo wamanzi aphuphumsayo, kube ngukuphila kwaphakade.” Owesifazane wathi kuye: “Nkosi, ngiphe lawo manzi ukuze ngingaphinde ngome, futhi ngingabe ngiseza lapha ukuzokha amanzi.”
NgokukaJohane 4:11-15 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wathi kuye: “Nkosi, awuphethe lutho lokukha amanzi, umthombo ujulile; uwathathaphi, pho, lawo manzi aphilayo na? Kanti wena umkhulu yini kunobaba uJakobe owasinika lo mthombo, waphuza kuwo, yena kanye namadodana akhe nemihlambi yakhe, na?” Waphendula uJesu, wathi kuye: “Yilowo nalowo ophuza lawa manzi uyakubuye ome; kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kepha amanzi engiyakumnika wona, phakathi kwakhe ayakuba ngumthombo wamanzi aphuphumayo, kube ngukuphila okuphakade.” Owesifazane wathi kuye: “Nkosi, ngiphe lawo manzi ukuba ngingomi, ngingabe ngiseza ukukha lapha.”