NgokukaJohane 3:5-8
NgokukaJohane 3:5-8 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJesu waphendula wathi: Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Ngaphandle kokuthi umuntu azalwe ngamanzi langoMoya, angengene embusweni kaNkulunkulu. Lokho okuzelwe yinyama kuyinyama; nalokho okuzelwe nguMoya kungumoya. Ungamangali ngokuba ngithe kuwe: Nimelwe ukuzalwa ngokusha. Umoya uphephetha lapho othanda khona, uyawuzwa umsindo wawo, kepha awukwazi lapho uvela khona nalapho uya khona; unjalo wonke ozelwe nguMoya.
NgokukaJohane 3:5-8 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
UJesu waphendula wathi: Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Ngaphandle kokuthi umuntu azalwe ngamanzi langoMoya, angengene embusweni kaNkulunkulu. Lokho okuzelwe yinyama kuyinyama; nalokho okuzelwe nguMoya kungumoya. Ungamangali ngokuba ngithe kuwe: Nimelwe ukuzalwa ngokusha. Umoya uphephetha lapho othanda khona, uyawuzwa umsindo wawo, kepha awukwazi lapho uvela khona nalapho uya khona; unjalo wonke ozelwe nguMoya.
NgokukaJohane 3:5-8 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UJesu waphendula, wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: uma umuntu engazalwa ngamanzi nangoMoya, ngeke angene embusweni kaNkulunkulu. Lokho okuzelwe ngokwenyama kuyinyama; nalokho okuzelwe nguMoya, kungumoya. Ungamangali ngokuba ngithe kuwe: ‘Nimelwe ukuzalwa kabusha.’ Umoya uvunguza lapho uthanda khona. Uyawuzwa umsindo wawo, kodwa awuwazi lapho uqhamuka khona nalapho uqonde khona. Banjalo-ke bonke abazelwe nguMoya.”
NgokukaJohane 3:5-8 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Waphendula uJesu, wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngamanzi nangoMoya, angengene embusweni kaNkulunkulu. Lokho okuzelwe yinyama kuyinyama; nalokho okuzelwe nguMoya kungumoya. Ungamangali ngokuba ngithe kuwe: ‘Nimelwe ukuzalwa ngokusha.’ Umoya uphephetha lapha uthanda khona; uyaluzwa udumo lwawo, kodwa kawazi lapho uvela khona nalapho uya khona; banjalo bonke abazelwe nguMoya.”