NgokukaJohane 3:26-30
NgokukaJohane 3:26-30 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Base beza kuJohane, bathi kuye: “Rabi, lowo owayenawe ngaphesheya kweJordani, owafakaza ngaye, bheka, yena uyabhapathiza, futhi bonke beza kuye. UJohane waphendula wathi: “Umuntu angemukeli lutho, uma engalunikwanga luvela ezulwini. Nani ngokwenu niyangifakazela ukuthi ngathi: Angisuye uKristu mina, kodwa ngithunyiwe ngaphambi kwakhe. Lowo onomakoti ungumyeni; kepha umngane womyeni, omiyo emuzwa, uthokoza kakhulu ngezwi lomyeni; ngakho lokhu kujabula kwami kugcwalisekile. Yena umelwe ukukhula, kepha mina nginciphe.
NgokukaJohane 3:26-30 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Beza kuJohane, bathi kuye: “Rabi, lowo owawunaye ngaphesheya kweJordani, owafakaza ngaye useyabhabhadisa, abantu bonke baya kuye.” UJohane waphendula, wathi: “Umuntu angemukele lutho, uma engaluphiwanga luvela ezulwini. Nani ngokwenu niyangifakazela ukuthi ngathi: ‘Angisiye uKhristu mina, kodwa ngithunyiwe ukuba ngimandulele.’ Lowo onomakoti, ungumyeni; kepha umngani omise umyeni uyathokoza lapho ezwa izwi lomyeni. Ngakho-ke ukuthokoza kwami sekuphelelisiwe. Kufanele akhule Yena, kodwa mina nginciphe.
NgokukaJohane 3:26-30 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Base beza kuJohane, bathi kuye: “Rabi, lowo owayenawe phesheya kweJordani, owamfakazelayo, bheka, uyabhapathiza, bonke beza kuye.” UJohane waphendula wathi: “Umuntu angelwamukele utho, uma engaluphiwanga luvela ezulwini. Nina ngokwenu niyangifakazela ukuba ngathi: ‘Angisiye uKristu mina, kodwa ngithunyiwe ngaphambi kwakhe.’ Onomlobokazi ungumyeni, kepha umhlobo womyeni omiyo emuzwa uthokoza nokuthokoza ngezwi lomyeni. Le ntokozo yami isiphelele. Umelwe ukukhula yena, nginciphe mina.
NgokukaJohane 3:26-30 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)